ZIMISWE UNYAKA WONKE IZIKHULU EBEZIHLUKUMEZA ABESIFAZANE
ZIMISWE unyaka zingazihlanganisi nezamankomane izikhulu ezintathu zesibhakela sama-amesha eNingizimu Afrika.
Lezi zikhulu okunguMnu Alphias Mngomezulu, uMnu Nathi Hlatshwayo noNkk Bridget Bowers mayelana nesigameko sokuhlukumezeka kwamabhokisa esifazane kwiKZN Elite Chompionships 2014 eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal ngoNhlangulana (June).
Ngokuthola kweLANGA, iSouth African National Amateur Boxing Organisation (SANABO), imise lezi zikhulu kusukela mhla zili-18 kwephezulu. Kuzokhumbuleka ukuthi emasontweni amabili edlule leli phephandaba libike ngezinsolo zokuhlukumezeka ngokobulili kwamabhokisa esifazane - kuthinteka zona lezi zikhulu ezimisiwe.
Lokhu kwenzeke ngoNhlangulana (June) kunemidlalo yeKZN Elite Championships 2017 eMnambithi, maphakathi neKwaZuluNatal. Phambilini ILANGA likhulume nelinye ibhokisa ebelihlukumezekile, elithi libuzwe ngesinye isikhulu ukuthi ligqoka usayizi bani we- bikini yokhona sizolithengela.
La mabhokisa esifazane abekha- la ngokuthi izikhulu zesilisa kazifunanga ukuphuma ngesikhathi sekukalwa wona izisindo - kwazise bekufanele akhumule asale ngezikhindi zangaphansi, kokunye asale nqunu uma kufanele.
Kuvele ukuthi yinto ebeziyijwayele lezi zikhulu njengoba kunemibiko ethi esinye size saphawula ngamabele elinye ibhokisa sithi awile.
Amabhokisa athe kuze kwaphoqeleka ukuba akhumule asale ngezimpahla zangaphansi phambi kwazo lezi zikhulu.
Athi udaba alubikele uNkk Bowers, oyinhloko yeWomen’s Commission, kodwa wangenza lutho. Ngokusho kukaMnu Andile Mofu ongumengameli weSanabo, lezi zikhulu zithole lesi sigwebo ngemuva kophenyo olwenziwe mayelana nesikhalo samabhokisa.
“Njengoba sasishilo ekuqaleni ukuthi abammeli bethu bamatasa baphenya lezi zinsolo, sigcine sifike ekugcineni sathatha nezinqumo. Lezi zikhulu kazivumelekile nhlobo ukuba zizibandakanye nomdlalo wesibhakela kuze kuphele unyaka.
UNokwanda Mbatha - ongelinye lamabhokisa ahlukumezekile kulesi sigameko - uthi kubajabulisile ukuthi iSanabo ithathele phezulu izikhalo zabo.
“Inhloso yethu wukuthi nezingane ezinothando lwalo mdlalo, eziza ngemuva kwethu zingapheli amandla. Kunzima kakhulu kulo mkhakha uma ungowesifazane kodwa uma konke kuzokwenzeka ngobulungiswa, nabesifazane bahlonishwe, nazo (izingane) ngeke ziphele amandla," kusho yena.
Ngokuthola kwaleli phephandaba ne-International Boxing Association (IBO), isiqalile ukuphenya ngalolu daba ngemuva kokuba yazisiwe ngalesi sigameko yilabo abathintekayo.