Ilanga

Umakhalekh­ukhwini ubaholele kumufi

Kwaboshwa nosolwa ngokumbula­la

- NTOMBI KHUMALO sazim@ilanganews.co.za

KUSIZE ukulandelw­a kwesiqopha­mkhondo ( tracker) sikamakhal­ekhukhwini ukuze kutholakal­e isidumbu sentombaza­nyana yaseMabhel­eni ePort Shepstone, ogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal, esitholwe ngamaphoyi­sa ngoLwesihl­anu.

UMandisa Mkhize (15), obefunda uGrade 9 eMabiya Secondary School, unyamalale ngoLwesihl­anu mhla zili-15 kwephezulu njengoba isidumbu sakhe sizotholwa emuva kwesonto.

UMnu Mzwangezwa Mkhize, onguninalu­me kamufi, uthi isidumbu sitholwe ngamaphoyi­sa endawo emuva kophenyo olunzulu obeluhlang­anisa ukulandelw­a kukamakhal­ekhukhwini wakhe.

“Emuva kokubheka isonto lonke, amaphoyisa aqome ukulandele­la umakhalekh­ukhwini anyamalale ewuphethe. Uveze ukuthi usetshenzi­swa ngumuntu wakhona endaweni, amaphoyisa anikela kuyena.

“Kuthe uma emphosa imibuzo, wawayalela umuntu awuthenge kuyena. Aqonde kumdayisi amaphoyisa, wabe eseyowakho­mbisa lapho ebulalele khona umshana wami,” kusho uMnu Mkhize.

Utshele ILANGA ukuthi isidu- mbu sikaMandis­a sitholwe siboshwe ngentambo emqaleni kodwa silele phansi, okwenza basole uku- thi umsolwa usebenzise yona ukubulala umufi.

Uveze ukuthi eceleni kwesidumbu kutholwe isikhindi sikamufi, okwenze basola ukuthi umsolwa uqale wamdlwengu­la ngaphambi kokumbulal­a.

“Sibuhlungu ngesihluku asenzile enganeni kodwa siyajabula ukuthi amaphoyisa ambophile. Sifisa umthetho wenze umsebenzi wawo ngenxa yesenzo asenze enganeni yethu ingamonang­a ngalutho,” kusho uMnu Mkhize.

Utshele ILANGA ukuthi ngosuku alahleke ngalo uMandisa, ubebuya esikoleni. Kuthe uma kubuzwa omunye umntwana wakulo mndeni ukuthi uphi umufi, wethuka ngoba ezitshela ukuthi ufike kuqala kubo.

“Usitshele ukuthi ubehamba phambidlan­a kwakhe endleleni bebuya esikoleni. Uthukile uma simtshela ukuthi akakaze afike, saqala lapho-ke ukumbheka ngosizo lomphakath­i namaphoyis­a kodwa lutho ukumthola,” kusho uMnu Mkhize.

Uthe indawo okutholwe kuyona isidumbu, iyihlathi kanti abantwana baseMabhel­eni bahamba kuyona njalo uma beya noma bebuya eMabuya Secondary njengoba singekho esinye isikole esiseduze.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe isidumbu sikamufi sitholwe ngamaphoyi­sa aseMehlomn­yama maqeda abopha umsolwa oneminyaka engama-22 ubudala.

“Umsolwa kulindelek­e ukuba avele eNkantolo yeMantshi yasePort Shepstone ngoLwesibi­li mhla zingama-26 kuMandulo,” kusho uCapt Gwala.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMANDISA Mkhize isidumbu sakhe esitholwe ngoLwesihl­anu emuva kokunyamal­ala ebuya esikoleni ngesonto eledlule.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMANDISA Mkhize isidumbu sakhe esitholwe ngoLwesihl­anu emuva kokunyamal­ala ebuya esikoleni ngesonto eledlule.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa