Ilanga

Lukhulu luyeza luyanyelel­a oGwini

- ZOWAKHA MBATHA

IVALWE ngegiya eliphezulu izolo ehhotela iSt Michaels ePort Shepstone eningizimu yeKwaZulu-Natal ifestivali yamafilimu esidonse iminyaka eyi- hlanu, Ugu Film Festival (UFF) njengoba ivalwe ngefilimu ehlabane ngendondo kwiDurban Internatio­nal Film Festival (Diff) maphakathi nalo nyaka.

Le festivali esungulwe nguMnu Senzo Zindela, ivalwe ngefilimu ethi "Vaya" ka-Akin Omotoso owaziwa kakhulu ngokukhiqi­za, ukudidiyel­a nokuqondis­a amafilimu. Ikhuluma ngendlela enamahlaya ngobunzima bempilo edolobheni nokuzama ukuvikela isithunzi somuntu.

Kwi-Diff ihlabane ngendondo yeBest South African Feature Film. Ivulwa ngoLwesine eWild Coast Casino kukhonjisw­e ethi "Isivivane sikaShaka" nezama ukuqondisa umlando weLembe, iNkosi uShaka kaSenzanga­khona oshicilelw­e ezincwadin­i.

Wumphakath­i wezindawo ezakhele iPort Shepstone obambe iqhaza kukhiqizwa le filimu, abalingisi abaphambil­i baqhamuka eMthwalume.

Le festivali ikhombisa ukukhula minyaka yonke nokuthembi­sa ukuthi iyoze ifinyelele ezingeni leDiff njengoba isihanjelw­a ngabadidiy­eli nabakhiqiz­i bamafilimu abavela emazweni aphesheya kwezilwand­le.

Ingqikithi yanonyaka ibithi “Unity is power, writing to restore the original narrative”. Phakathi kwezindawo ezisetshen­ziswe ukusabalal­isa ulwazi nokubuka amafilimu, kukhona neziphakat­hi ebantwini ngale kwalezi ezisedolob­heni, okuyiMthwa­lume Hall, iGamalakhe Hall neMargate Library. zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: OZI AFRICA ?? NGABALINGI­SI abaphambil­i kwifilimu ethi "Vaya" ka-Akin Omotoso evale Ugu Film Festival (UFF), okunguWarr­en Masemola (ogqoke ijakhethi) noSihle Xaba.
ISITHOMBE: OZI AFRICA NGABALINGI­SI abaphambil­i kwifilimu ethi "Vaya" ka-Akin Omotoso evale Ugu Film Festival (UFF), okunguWarr­en Masemola (ogqoke ijakhethi) noSihle Xaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa