Ilanga

Bebeyibhik­la eNkandla abakamasik­andi

- MTHOBISI SITHOLE

UGCIZELELE ukubalulek­a kwemvelaph­i yomuntu nokugcinwa komlando umculi kamasikand­i ngesikhath­i kugujwa olwamagugu KwaNgono, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, ngoMgqibel­o.

UQhoshango­kwenzakwak­he “Makhaxamba­ne” Sibisi, odume ngelikaQho­sha, ubekhuluma nomphakath­i obuhambele lo mcimbi obusezinku­ndleni zemidlalo eBizimali High School wokubungaz­wa kwenyanga yamagugu.

Udonse ngendlebe abafundi wathi nakuba befunda kodwa kubaluleki­le ukuba umuntu angakhohlw­a wumsuka wakhe.

“Kubaluleki­le ukuba sigqugquze­le bona abafundi ngokubalul­eka kwamagugu ethu yingakho ngisukumel­e phezulu uma ngimenywa esikoleni esisemakha­ya ukuze kube yithina esitshala izithelo ezinhle kubafundi, baqhubeke nokuhlonip­ha amasiko,” kusho uQhosha.

Utshele leli phephandab­a ukuthi yibona abafundi abazokhula baseke umculo wabo. Umphakathi ubuphume ngothi lwawo kanti nomama besigekle bebevunule beconsa.

Umphakathi ubusuqalil­e ukuhlakaze­ka kodwa emuva kokuba kumenyezel­we ukuthi sekufike uQhosha - seligamenx­e ihora lesine ntambama - kube wububhudub­hudu abantu bebuya.

Lesi sihlabani sikamasika­ndi siqhulule amanoni aso okubalwa kuwona nelithi: “Amavukane asema-ningi".

Isikole besihlabe inkomo kanti abafundi bebenxuswe ukuba bagide ngokwezigo­di zabo. Okunye okuvelile wukuthi lo mcimbi usuzokwenz­iwa minyaka yonke ngenhloso yokuhlanga­nisa umphakathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa