Othisha bamiselwe izindlu zangasese
Kuthiwa sekuphele iminyaka emithathu kunenkinga yamanzi
KUMISWE othisha okuthiwa bebelwela ukuba kulungiswe izindlu zangasese eLihlithemba Technical High School eNdwedwe, enyakatho yeTheku ngoba kuthiwa bebeba nemihlangano ebingavumelekile - ngesikhathi isikole sinenkinga yezindlu zangasese.
UMnu Scelo Magwaza, uNkz Nontobeko Ntshangase noNkz Nomthandazo Ngcobo, bamiswe ngesonto eledlule, okuyinto okuthiwa ithuse abaningi kulesi sikole. Kuthiwa umhloli ubanikeze izincwadi wathi udaba lwabo luzoxoxwa emuva kwezinyanga ezintathu.
Umthombo weLANGA uthi sekuphele iminyaka emithathu isikole sibhekene nenkinga yamanzi, okuholele ekubeni izindlu zangasese zingasebenzi isikole sonke. Uthi othisha nabafundi bazikhulule ehlathini eliseduze nesikole kwaze kwacelwa usizo kumnikazi wendawo yokucima ukoma ukuba kusetshenziswe izindlu zakhe zangasese.
Utshele ILANGA ukuthi umnikazi wendawo yokucima ukoma uvumile kodwa ngokuhamba kwesikhathi wagcina engasathandi nendawo yakhe, okuyilapho othisha behlanganile banquma ukubeka phansi ushoki ngehora le-12 nsuku zonke. Uthi nabezempilo besebesabise ngokuthi sizovalwa isikole ngenxa yesimo saso sokugcwala kwendle.
“Sikhonondile ngesimo sangaphakathi esikoleni, sahlala phansi nabo bonke othisha kwavunyelwana ukuthi ukufunda siyaku- misa ngehora lesi-12 ngoba izingane ngeke zikwazi ukuhlala usuku lonke kulesi simo esifana nalesi.
“Umnyango uqale lapho walusukumela udaba ngoba sibuye emaholidini kaNhlangulana (June) seyilungisiwe inkinga yezindlu zangasese,” kusho umthombo. Kuthiwa labo thisha bazithole mhla zili-14 kwephezulu izincwadi zokukhonjwa indlela, kwathiwa bebenza imihlangano engavumelekile ngesikhathi sokusebenza, babanesandla ekutelekeni othisha.
Omunye wabaxoshiwe - ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa - utshele ILANGA ukuthi imihlangano beyiba ngesikhathi sekhefu. Uthi kasikho isiteleka ebesikhona ngoba bebefundisa kodwa kwavunyelwana ngokuthi ngeke luphelele usuku.
"Bonke othisha bebethuma thina ngoba besikhethiwe ukuthi sizokhulumela bona kuthishanhloko. Ukumiswa kwethu kukhombise ngokusobala ukuthi kunempi enkulu ngoba akekho umuntu ongaxoshelwa ukulwela inhlalakahle,” kusho yena.
Ilunga lesigungu esilawula isikole - elingathandanga ukudalulwa -lithi lethuke kakhulu uma lizwa kuthiwa sekuxoshwe othisha ekubeni sekuyisikhathi esibi sonyaka.
“Kulabo thisha abamisiwe kukhona nofundisa iSayensi kumatikuletsheni. Othisha bebelwela into ebisiphethe kabi nathi singabazali, kodwa-ke uthishanhloko uthi kube yisinqumo somnyango,” kusho leli lunga lesigungu.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Scelo Khuzwayo, uthi othisha bayazi ukuthi kakuvumelekile ukusebenza ngendlela ephambene nomthetho obekwe emnyangweni.
“Udaba lwabo sizolubhekisisa ngoba inhlalakahle nengqalasizinda yikhona esikubeka phambili esikoleni. Uphenyo ludinga ukuthi umuntu angabikhona esikoleni ukuze kucutshungulwe kahle izinsolo ezikhona,” kusho uMnu Khuzwayo.