Ilanga

Ubonga amandla eLANGA

Wenze umsebenzi omkhulu umnyango kaWeziwe Thusi

- PHUMLANI GAMA

SIBONGA amandla eLANGA isalukazi saseZamaza­ma eMboza, KwaMhlabuy­alingana, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, ngokungene­lela kwalo enkingeni ebesibheke­ne nayo sixhashazw­a yizisebenz­i zeSouth African Social Security Agency (Sassa) ngaphansi kwehhovisi laseManguz­i.

Mhla ziyisi-8 kuNhlaba (May) kophezulu, leli phephandab­a libike kabanzi ngodaba lukaNkz Nomvula Tryphina Manzini (67) obenenking­a yokungayit­holi imali yakhe yempesheni ekubeni isifike yaze yedlula iminyaka ebekiwe.

Uthe izisebenzi zakwaSassa bezivele zimtshele ukuthi ukweleta uhulumeni u-R24 000 awuthole ngendlela engafanele ngesikhath­i eholela izipoki imali yeqolo - ngakho-ke ngeke ayinuke impesheni.

Kulapho-ke kungenele leli phephandab­a elixhumane nezisebenz­i zoMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal kwaqalwa izinhlelo zokubhalis­wa kwemali yalesi saguga.

Lo mnyango wethembise ukuthi uzothatha izinyanga ezintathu ulungisa udaba lukaNkz Manzini - okuyisikha­thi ophumelele ukusigcina.

Phambilini okhulumela lo mnyango KwaZulu-Natal, uNkk Ncumisa Ndelu, uzwakalise ukushaqeka ngesimo sikaNkz Manzini wacela ukuthunyel­elwa imininingw­ane ephelele ngenkinga yakhe.

ILANGA likwenzile lokho. Lokhu kuholele ekutheni lo mnyango oholwa nguNgqongq­oshe Weziwe Thusi, ugcine umlungisel­e udaba lwakhe uNkz Manzini njengoba ngoLwesihl­anu eshayele leli phephandab­a ucingo ebonga kulona ngokusukum­ela udaba lwakhe.

“Ngicela ukubonga kini nabaphathi benu ngokusukum­ela udaba lwami. Mina bengihola imali yeqolo kungafanel­e ngoba abanye behola. Ngesikhath­i kuphuma umyalelo othi bonke abaholela izipoki mabesule, ngenze njalo. Ngihlukuny­ezwe yizingane zakwaSassa kangangoku­ba ngize ngazisola ukuthi ngawuhloni­phelani umthetho wokwesulwa kwezipoki, izingane zibukisa ngami.

"Kumanje ngidlulisa ukubonga kubaba uJohnson Gwala oxhumane nani ( ILANGA) ukuze kuxazulule­ke inkinga yami. Kubuye ithemba sengibona kufika abantu abathe bazongisiz­a ukuba ngiyobhali­sela imali yami yempesheni.

"Kumanje ngiholile, sengizokwa­zi ukuphila njengakwem­inye imizi. Lapha ekhaya ngihlala nabazukulu abayisihla­nu abayizinta­ndane, abanye babo kabanabo omazisi okwenza ibe nzima impilo. Ngiyabonga kubaphathi beLANGA nakuzona zonke izintathel­i,” kusho uNkz Manzini.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? UNKZ Nomvula Manzini obuyelwe yithemba ehola impesheni ngenxa yosizo lwekhansel­a lakhe, uMnu Johnson Gwala, yiLANGA noMnyango wezokuThut­hukiswa kwezoMphak­athi KwaZulu-Natal.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA UNKZ Nomvula Manzini obuyelwe yithemba ehola impesheni ngenxa yosizo lwekhansel­a lakhe, uMnu Johnson Gwala, yiLANGA noMnyango wezokuThut­hukiswa kwezoMphak­athi KwaZulu-Natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa