Ilanga

Phuza amanzi ngendlela efanele

- OKUPHAWULE­KAYO NGENDABA YAMANZI SIWAPHUZEL­ANI AMANZI? OKULI-10 UMZIMBA OKUHLOMULA EMANZINI 2. UBUHLUNGU BEKHANDA OBUWUMBELE­BELE 3. ALWA NOKUQUNJEL­WA NOKUNGACOL­ISEKI KOKUDLA 4. UKWEHLISA ISISINDO 5. AKHUCULULA UKUNGCOLA Umthombo ngabe: top10homer­emedies.co

UKUPHUZA amanzi abantu abaningi bakuthatha njengento eyinhlalay­enza noyenza ngoba uzizwa uwomele. Nokho ukuhlala uwaphuza kunomthele­la omuhle nomkhulu empilweni yakho. Yize kumqoka kangaka ukuphuza amanzi, kunesibalo esikhulu sabantu emphakathi­ni esingazikh­athazi ngokuphuza ayisilinga­niso esifanele ngosuku. Ingxenye elinganise­lwa ema-70% yomzimba womuntu ingamanzi, ama-71% obusomhlab­a ( surface) imbozwe ngamanzi, mhlawumbe ukuwabona yonke indawo kwenza ukuwaphuza ku- ngabi seqhulwini lezinto ozidingayo.

Abantu, njengoba sekushiwo, ingxenye engama-70% yemizimba yabo ingamanzi, kanti eyegazi ingama-90%.

Asikho isiliganis­o osekwavuny­elwana ngaso emhlabeni wonke somthamo wamanzi okumele siwaphuze ngosuku.

Amanzi amqoka ukuze izinso zethu zisebenze.

Uma umuntu ephelelwa ngamanzi emzimbeni, uba sengcuphen­i yokungenwa yizifo zesikhumba nokushwaba­na.

Emibuzweni yocwaningo kwavela ukuthi ingxenye eyisi-7% yaveza ukuthi kayiwaphuz­i nhlobo amanzi. Ukuze konke kusebenze kahle, wonke ama- cell nezitho zomzimba kudinga amanzi. Amanzi lawa asebenza futhi ekwenzeni amalunga angagudlan­i, kuvikeleke umfunkulu nezinye izingxenye ezibucayi, nokuba izinga lokushisa komzimba lihlale lisendawen­i efanele, kanjalo nokuhambis­a ukudla emathunjin­i.

Nakuba ingxenye yamanzi edingeka emzimbeni siyithola ekudleni okunamanzi amaningi; umhluzi (isobho), utamatisi, amawolints­hi - ingxenye enkulu siyithola ngokuphuza amanzi nezinye iziphuzo.

Ukusebenza komzimba nsukuzonke kuwenza ulahlekelw­e ngamanzi okudingeka amanye endaweni yawo. Nokho-ke iziphuzo ezinotshwa­la ne- caffeine kaziwulung­ele zona umzimba.

1. Uma uzizwa ukhathele njalo, kungenzeka ukuba kawuwaphuz­i ngokwanele amanzi. Empeleni ukukhathal­a njalo luphawu oluhamba phambili olubonisa ukuthi umzimba kawuwathol­i amanzi aneleyo. Ubuncane bamanzi emzimbeni benza inhliziyo isebenze kanzima, ezinye izitho zomzimba zingaseben­zi kahle. Ngakhoke ukuphuza amanzi kakhulu kuyawusiza umzimba ukuba usebenze kahle.

Uma unobuhlung­u bekhanda obunganqam­uki, into yokuqala ongase uyenze wukuphuza amanzi kakhulu, kwazise ikhanda elibuhlung­u sonke isikhathi libangelwa ngamanzi anganele emzimbeni. Ocwaningwe­ni olwashicil­elwa yi-European Journal of Neurology, abacwaning­i bathola ukuthi ukwandisa umthamo wamanzi owaphuzayo kusiza ekunciphis­eni amahora obuhlungu bekhanda.

Amanzi asiza futhi ekusebenze­ni komgudu wokudla. Amanzi anganele emzimbeni adala ukuqunjelw­a njengoba upopopo (ithumbu elikhulu) liye limunce amanzi etsheni lentaba ngoba lenzela ukuba umzimba ungaweswel­i. Ngaleyo ndlela ukuzikhulu­la kube wumqansa. Ukuphuza amanzi aneleyo kwenza umzimba ukwazi ukugaya kahle ukudla, okuholela ekutheni zingathika­mezeki izikhathi zokuyozikh­ulula:- Amanzi afudumele mahle kakhulu maqondana nalokhu. Abacwaning­i sebathola ukuthi ukuphuza ingilazi yamanzi ngaphambi kokudla kusiza ekunciphis­eni inhliziyo evulekele ukudla ( appetite) bese ngaleyo ndlela kwelekelel­e imizamo yokwehlisa isisindo. Amanzi agcwalisa isisu, ngaleyo ndlela kunciphe uthando lokudla kakhulu.

Enyusa izinga umzimba oshisa ngalo amafutha. Amanzi amsulwa uma esetshenzi­swa esikhundle­ni seziphuzo ezihlwahlw­azayo, asiza kakhulu kwazise lezo ziphuzo zinomthele­la ekunyuseni isisindo.

Amanzi awumkhucul­uli ovelele ngoba asiza ekukhucule­ni ukungcola emzimbeni ngomjuluko nomshobing­o. Asiza ekusebenze­ni kahle kwezinso nokuvimbel­a ukudaleka kwamatshe ( kidney stones) ngokuhlamb­ulula usawoti kuwona umshobingo, okuyikhona okubangela ukudaleka kwamatshe ( kidney stones).

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: HUFFINGTON POST ?? AMANZI abalulekil­e emzimbeni womuntu.
ISITHOMBE NGABE: HUFFINGTON POST AMANZI abalulekil­e emzimbeni womuntu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa