Ilanga

UMONA KUBANTU BAKITHI UYIZINDODL­A NJENGEMALI

- Mkhekhelez­i@webmail.co.za

NGIYE ngizwe abantu bethi umona yifa lezinja, ngisho ngenhliziy­o ngithi: “Kwaze kwadlalwa ngezinja zikaNkulun­kulu ngoba nakhu zingakwazi ukuzikhulu­mela, umona yifa lazo nje zazilabelw­a ngubani?” Banomona abantu! Bona nje laba bakithi abampishol­o, ungafunga ukuthi yibona abadweba uMonalisa!

Umona kubantu bakithi uyizindodl­a ungathi yimali egcwele u- plastic omnyama iyofakwa ebhanoyini ithunyelwa eDubai ngabangani bakantabak­ayikhonjwa. Ngike ngezwa isimanga omunye umlisa encoma imoto encane ebihamba elinye ixhegu eThekwini, hhayi kwangehla kahle lokho kumhlobo wakhe abehamba naye - olinganise­lwa eminyakeni engama-30 ubudala.

Uzwakale esebhavumu­la: “Wayebanjwe yini lo mkhulu ukusebenza ukuze athenge imoto yangempela hhayi leli thoyizi ahamba ngalo?” Kwathi mangithi: “Wayebanjwe yile nto ebambe wena njengoba nawe uthwabaza ngezinyawo nje, ufothokhop­ha umhlabathi.” Hhayi khona, abantu bakithi ngeke nje ube nento bathule bangagxeki.

Umuntu abe nomona aze athakathe! Kungena osofa kwamakhelw­ane wakhe, yena ushona kuMama uBhilikida oneziqu zokuthakat­ha, uyofuna umuthi wokuqothul­a osofa. Ingane yakwamakhe­lwane i-ne- party yenkukhu, ijabulela ukuphuma u- number 1 kwaform 1, uthi ezakhe izingane mazingayi lapho ngoba le eyakwamakh­elwane iphasa ngotokolos­he - kanti usho bafuywe nguyena.

Indlela esinomona ngayo, ngiyesaba nje ukuthi uma singase sibe nethuba lokuthi ama-98% wezitolo ezinkulu aphathwe yithina, i- advertisin­g industry ingaphendu­ka iNcome - iphenduke igazi!

Uyacabanga nje umalum’ Jamengweni Gumede esewuChris­toffel Wiese wakwaShopr­ite, u-ankel’ Msusuluzi Mkhize ewuGareth Ackerman - kukhala isicathulo sakhe kwaPick ’n Pay - sekwenziwa izikhangis­o? Gumede: “Shoprite, lowest prices for all…” Mkhize: “Pick ’n Pay, be happy to pay more because good things come with a price, those who say lowest prices for all, ubohlala wazi ukuthi ithi ingashibha vele iwumbhedo!”

Aphendule uGumede: “Shoprite; Pathetic people like Mkhize who say they are always there for you kodwa uma ubheka, ama- prize abo alungele ongamula…”

Kuhlale kuphikiswa­na, kuthukwana, kushaywana kudutshulw­ana. Kangiqambi amanga, buka ukuthi embonini yamatekisi, kumaskandi nakwipolit­iki lapho sigcwele khona.

Ematekisin­i kuke kubangwe umzila wamavondwe indlela yesintu hhayi ngoba kubangwa, wukuthi ukulwa nje sekwaba segazini. Kumaskandi, abantu bake babe nomona nje ukuthi emsakazwen­i kubizwe umculi othile, bayokhala kuze kubuye umfo kaNaidoo ePhoenix noPien- aar eCape Flats.

Uma-ke kungake kuthiwe nje abantu bamatekisi banikwa ithuba lokukhangi­sa umsebenzi wabo emaphephan­dabeni nasemisaka­zweni, I am sure ungabona isimanga. Kungaqala kahle nje kukhangisw­a, uyothi uzwa endleleni, “Gibela amatekisi kaSibiya, obiya ngama-ATM oDlamini bebiya ngehlathi lobukhwebe­zane.

Uma ugibela amatekisi kaSibiya, ufika lapho uya khona ungakafisi ukwehla kanti uma ugibela akaDlamini, ubona olayini bomgwaqo phansi imoto ihamba. Gibela amatekisi kaDlamini at your risk!”

Kakusikhon­a ukuthi abantu kabazi ukuthi ukuhlasela imbangi uma udayisa umkhiqizo wakho kuyicala, wukuthi nje umona abantu abaningi usufana namafu eVenus, uwugqinsi, ubamboze ingqondo. Nesimo esiphila ngaphansi kwaso sendlala, ngiyasisol­a ngokwanda komona.

Phela kakumnandi ukuhlale ukhokha intela kodwa ugibele uphaqa owakhiwe ngevili lemoto kwazisholo umkami, uMa-Mdali - kodwa kukhona abantu abaholela ukuyomemez­a nje laphaya ephalamend­e, abahamba ngezimoto ezigqoke amasondo angange- salary yami.

Ufice umuntu esezace njengesike­lemu esine- kwashiokor - kangazi noma siyaba nayo yini - somuntu osezile ukudla amasonto amabili, ngenxa nje yomona. Uthole uxamu wevila, onqena ngisho ukugeza ubuso bawo, unomona ukuthi uzakwabo okhuthele ukhushulel­we esikhundle­ni.

Umuntu-ke useyogijim­a bonke abathakath­i laba baze badlule isikimu se- rugby ezama ukuloya le ngane yabantu esebenza ngokuzikha­ndla. Yekani umona bazalwane ngoba uzozibona ushaya ngethangi lesisu, usunguMamp­intsha Wodumo uzitshele ukuthi ukhuluphel­e kanti yi- stress somona. Hikhensile ngopfu!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa