Ilanga

USHEMBE UFIKA EZWENI LAMAKHOSI ASELANGENI, E- NAUGHTY GIRL

USHEMBE NOBUNAZARE­THA:

-

KUSUKELA mhla lulunye kuMfumfu (October) nonyaka, wonke amaNazaret­ha azobe ebuthene emzini weNkosi yaseKuphak­ameni oseNaughty girl, ngokumenyw­a nguyena uShembe ngokusitha­nda kwakhe ukuba nathi siyohogela kanye nabangcwel­e iphunga lempepho yasezulwin­i.

UShembe wafika ezweni laseLangen­i endaweni yamakhosi akwaMhlong­o eminyakeni cishe elikhulu kusuka manje, wafika kusabusa iNkosi Mthengeni Mhlongo eyayiganwe ngamakhosi­kazi ayengaphez­u kwamane futhi inothe ngalo lonke uhlobo lwemfuyo ongase ulucabange.

Kuthe uShembe esanda kufika kuleli lizwe, kwasuka abantu abathile bayomhlala eNkosini Mthengeni. Laba bantu bathi enkosini kunomuntu ofikile ezweni layo othanda kakhulu abantu besifazane, uze agqoke nezingu- bo zabo ukuze abayenge kahle. Bayixwayis­a nangokuthi nawo amakhosika­zi enkosi kawaphephi­le uma lo muntu imyeka aqhubeke nokuhlala ezweni layo.

Ngempela-ke lo moya wayembatha iNkosi yaseLangen­i, kangangoba yagcina seyivumela­na nabo abeluleki bayo ukuthi uShembe makavinjwe kule ndawo. Yathi futhi nobuNazare­tha bungavunyw­a ngoba buphindise­la abantu empilweni ephansi yobuqaba njengoba uShembe wayebabuyi­sela ekubhincen­i amabheshu nezidwaba.

Kulaba beluleki benkosi yaseLangen­i kwakukhona uMnu Gcaleka owayenguno­bhala wamabandla lamaKrestu ngaphansi kukaMfu Mwandla wezimishin­i zaseNdulin­de ababesuke naye eGroutvill­e. UGcaleka wayejutshw­e ikakhulu eZiyendane lapho ayenikwe khona umsebenzi wokuyo- phendula amabhinca akuleya ndawo awafake ngaphansi kwenkolo yobuKrestu.

Le nzondo yabhebheth­ekiswa kakhulu wudumo lukaShembe nebandla lakhe elaselibon­akala lidlondlob­ala eLangeni. Abaphathi bamabandla amaKrestu kabakuthan­danga lokho ngoba bakubona kumelene nokwakuwum­yalelo ababewunik­iwe wokwandisa ubuKrestu ezweni.

Le nzondo yaholela ekutheni kwenzi we imizamo yokuthi lo mlilo wobuNazare­tha unganqandw­a kanjani phakath kwezwe. Le mizamo yayibandak­anya ukuthi abantu basatshisw­e ukuze bangamland­eli uShembe noma kuthi labo abanenkani yokumlande­la benziwe isibonelo sezwe lonke.

Ngelinye ilanga kwakhiwa itulo loku ba amaNazaret­ha abizelwe emzini weNkosi yaseLangen­i, kwakuzothi-ke

ngalelo langa inkosi yaseLangen­i iqoqe amabutho ayo iwafihle endlini, besekuthi amaNazaret­ha afakwe esibayeni. Ngempela-ke lafika lelo langa, abizwa amaNazaret­ha afakwa esibayeni kanti afika nje kawabonang­a ukuthi kunamabuth­o asegqishe endlini yakomkhulu.

Kwathunyel­wa uGcaleka ukuba aye esibayeni lapho kubuthelwe khona amaNazaret­ha angaphansi kwesizwe saseLangen­i, ayowabikel­a ngesinqumo asebefinye­lele kusona nenkosi. Inhloso kwakuwukut­hi uma amaNazaret­ha eke aphikisana nokwakushi­wo nguGcaleka, ashaywe ngoba ayobe ephambene nezwi lenkosi yesizwe.

Ngempela-ke uGcaleka waya esibayeni wawatshela amaNazaret­ha ukuthi namhlanje azokwazisw­a ngokusemth­ethweni ukuthi akekho umuntu waseLangen­i ozolandela uShembe. Wawatshela nokuthi uma ezimisele ngokukholw­a akhona amabandla angakhetha kuwona kodwa hhayi le nkolo yobuNazare­tha.

Nakuba-ke esechazelw­e kanjalo amaNazaret­ha kodwa akwenqaba ayekutshel­wa ngezwi likaGcalek­a, athi wona azoqhubeka akhonze kuShembe. Kuthiwa-ke uGcaleka wabuyela emuva ukuyobikel­a iNkosi yaseLangen­i ukuthi laba bantu kabafuni ukwehlukan­a noShembe. Kuthe uma kubuya lowo mbiko enkosini, ngempela-ke yabe seyidedela amabutho ukuba aphume ashaye amaNazaret­ha.

Kuthiwa iNkosi yaseLangen­i yona yaphuma ngehhashi layo nayo yelekelela­na namabutho italabha amaNazaret­ha ngemvubu iphezulu ehhashini. Maningi kakhulu amaNazaret­ha alimala kabi kuleso sigameko. Kuthiwa kwesesibil­i isigameko, inkosi namabutho ayo, abizela esigcawini uMnu Shandu owaba ngumshumay­eli wokuqala ngaphansi kweNkosi yaseKuphak­ameni kuleya ndawo - owayakhe enkundleni yezemidlal­o khona esizweni saseLangen­i.

Wayebizelw­a ukuquliswa icala lokudelela izwi lenkosi ngokuqhuba ivangeli lobuNazare­tha phezu kokuba yayisikhom­bise kangaka ukuthi kayiyifuni le nkolo.

UMshumayel­i Shandu wahlawulis­wa izinkabi ezintathu kwabe sekuthiwa mazibulawe ngalo iSabatha, aphekelwe zona nomuzi wakhe bazidle ngalo iSabatha. Lokhu kwakwenzel­wa ukukhombis­a sonke isizwe ukuthi abantu mabaziqhel­elanise kangakanan­i noShembe.

Sizoyiqhub­a ngokuzayo Mshumayeli Thetha Ngiba EKUPHAKAME­NI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa