USHEMBE UFIKA EZWENI LAMAKHOSI ASELANGENI, E- NAUGHTY GIRL
USHEMBE NOBUNAZARETHA:
KUSUKELA mhla lulunye kuMfumfu (October) nonyaka, wonke amaNazaretha azobe ebuthene emzini weNkosi yaseKuphakameni oseNaughty girl, ngokumenywa nguyena uShembe ngokusithanda kwakhe ukuba nathi siyohogela kanye nabangcwele iphunga lempepho yasezulwini.
UShembe wafika ezweni laseLangeni endaweni yamakhosi akwaMhlongo eminyakeni cishe elikhulu kusuka manje, wafika kusabusa iNkosi Mthengeni Mhlongo eyayiganwe ngamakhosikazi ayengaphezu kwamane futhi inothe ngalo lonke uhlobo lwemfuyo ongase ulucabange.
Kuthe uShembe esanda kufika kuleli lizwe, kwasuka abantu abathile bayomhlala eNkosini Mthengeni. Laba bantu bathi enkosini kunomuntu ofikile ezweni layo othanda kakhulu abantu besifazane, uze agqoke nezingu- bo zabo ukuze abayenge kahle. Bayixwayisa nangokuthi nawo amakhosikazi enkosi kawaphephile uma lo muntu imyeka aqhubeke nokuhlala ezweni layo.
Ngempela-ke lo moya wayembatha iNkosi yaseLangeni, kangangoba yagcina seyivumelana nabo abeluleki bayo ukuthi uShembe makavinjwe kule ndawo. Yathi futhi nobuNazaretha bungavunywa ngoba buphindisela abantu empilweni ephansi yobuqaba njengoba uShembe wayebabuyisela ekubhinceni amabheshu nezidwaba.
Kulaba beluleki benkosi yaseLangeni kwakukhona uMnu Gcaleka owayengunobhala wamabandla lamaKrestu ngaphansi kukaMfu Mwandla wezimishini zaseNdulinde ababesuke naye eGroutville. UGcaleka wayejutshwe ikakhulu eZiyendane lapho ayenikwe khona umsebenzi wokuyo- phendula amabhinca akuleya ndawo awafake ngaphansi kwenkolo yobuKrestu.
Le nzondo yabhebhethekiswa kakhulu wudumo lukaShembe nebandla lakhe elaselibonakala lidlondlobala eLangeni. Abaphathi bamabandla amaKrestu kabakuthandanga lokho ngoba bakubona kumelene nokwakuwumyalelo ababewunikiwe wokwandisa ubuKrestu ezweni.
Le nzondo yaholela ekutheni kwenzi we imizamo yokuthi lo mlilo wobuNazaretha unganqandwa kanjani phakath kwezwe. Le mizamo yayibandakanya ukuthi abantu basatshiswe ukuze bangamlandeli uShembe noma kuthi labo abanenkani yokumlandela benziwe isibonelo sezwe lonke.
Ngelinye ilanga kwakhiwa itulo loku ba amaNazaretha abizelwe emzini weNkosi yaseLangeni, kwakuzothi-ke
ngalelo langa inkosi yaseLangeni iqoqe amabutho ayo iwafihle endlini, besekuthi amaNazaretha afakwe esibayeni. Ngempela-ke lafika lelo langa, abizwa amaNazaretha afakwa esibayeni kanti afika nje kawabonanga ukuthi kunamabutho asegqishe endlini yakomkhulu.
Kwathunyelwa uGcaleka ukuba aye esibayeni lapho kubuthelwe khona amaNazaretha angaphansi kwesizwe saseLangeni, ayowabikela ngesinqumo asebefinyelele kusona nenkosi. Inhloso kwakuwukuthi uma amaNazaretha eke aphikisana nokwakushiwo nguGcaleka, ashaywe ngoba ayobe ephambene nezwi lenkosi yesizwe.
Ngempela-ke uGcaleka waya esibayeni wawatshela amaNazaretha ukuthi namhlanje azokwaziswa ngokusemthethweni ukuthi akekho umuntu waseLangeni ozolandela uShembe. Wawatshela nokuthi uma ezimisele ngokukholwa akhona amabandla angakhetha kuwona kodwa hhayi le nkolo yobuNazaretha.
Nakuba-ke esechazelwe kanjalo amaNazaretha kodwa akwenqaba ayekutshelwa ngezwi likaGcaleka, athi wona azoqhubeka akhonze kuShembe. Kuthiwa-ke uGcaleka wabuyela emuva ukuyobikela iNkosi yaseLangeni ukuthi laba bantu kabafuni ukwehlukana noShembe. Kuthe uma kubuya lowo mbiko enkosini, ngempela-ke yabe seyidedela amabutho ukuba aphume ashaye amaNazaretha.
Kuthiwa iNkosi yaseLangeni yona yaphuma ngehhashi layo nayo yelekelelana namabutho italabha amaNazaretha ngemvubu iphezulu ehhashini. Maningi kakhulu amaNazaretha alimala kabi kuleso sigameko. Kuthiwa kwesesibili isigameko, inkosi namabutho ayo, abizela esigcawini uMnu Shandu owaba ngumshumayeli wokuqala ngaphansi kweNkosi yaseKuphakameni kuleya ndawo - owayakhe enkundleni yezemidlalo khona esizweni saseLangeni.
Wayebizelwa ukuquliswa icala lokudelela izwi lenkosi ngokuqhuba ivangeli lobuNazaretha phezu kokuba yayisikhombise kangaka ukuthi kayiyifuni le nkolo.
UMshumayeli Shandu wahlawuliswa izinkabi ezintathu kwabe sekuthiwa mazibulawe ngalo iSabatha, aphekelwe zona nomuzi wakhe bazidle ngalo iSabatha. Lokhu kwakwenzelwa ukukhombisa sonke isizwe ukuthi abantu mabaziqhelelanise kangakanani noShembe.
Sizoyiqhuba ngokuzayo Mshumayeli Thetha Ngiba EKUPHAKAMENI