Ilanga

MANINGAZIG­XEKI BAKWETHU EZINYE IZINKONZO

-

MHLELI: Ngesikhath­i ibuzwa iNdodana kaNkulunku­lu ukuthi yintoni okumele yenziwe ngumuntu ukuze angene embusweni kaNkulunku­lu yathi: ‘’Ubothanda umakhelwan­e wakho njengoba uzithanda wena. Uthande uNkulunkul­u ngayo yonke ingqondo yakho nangenhliz­iyo yakho.’’

Kayishongo ukuthi into eyokungeni­sa embusweni wezulu wukuya njalo esontweni nokwehlule­la amanye ama- bandla. Ngabe kusewukuth­anda umakhelwan­e wakho ukuhamba ugxekana nabanye abazalwane uthi kabakholwa?

Ingani uthi kabakholwa ngoba ibandla okhonza kulona ubona sengathi yilona elivunywe lanconywa ezulwini kunamanye. Kusho bani?

Lo mzalwane okwelinye ibandla enimhlaziy­a ngokuthi akakholwa yingoba nina senikholwe kakhulu? Kuseyikho na ukuthanda umakhe-

lwane wakho ukuthi uhlangane nomuntu ungambinge­leli ekubeni iNdodana yoMuntu kayikaze isho ukuthi abakhonza lapha kayikho into abayikhonz­ayo kodwa abakhonza laphaya yibona abakhonza ngempela?

Kuyikho yini ukuthi ungayi kohlangany­ela nabanye abazalwane ngoba nakhu phela wena nebandla enikhonza kulona kaniyingen­i indaba yamabandla akhonza amadimoni?

Nize ningakudli nokudla kwabantu

aba-ngakholwa ngoba nithi ngokwabahe­deni bese kuxaka-ke ngoba iNdodana YoMuntu yayidla nezoni? Bahlobo abahle eNkosini, masihaye izwi esiliphath­isiwe yiNdodana yoMuntu kuphela, elizodonsa umuntu limfake evangelini, hhayi le ndaba yokufeza izinhloso zokuzonda abanye abazalwane ngeze leze. Yisemkhulu Nzimande, EPORT SHEPSTONE.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa