Ubonga iBhova ngokumqeqesha
UKUSEBENZA noKhulekani "Mgqumeni" Khumalo, iBhova LikaDikadika (elingasekho), kumsize kakhulu uBonginkosi "Bobo Mfanawepiki" Mhlongo (34) ngenxa yokuthi belimfundisa ukuthi umculi kumele ayizabalazele impumelelo ngokushaya ingoma enamandla ukuze abathandi bomculo bakholelwe kuyena.
UMfanawepiki waKwaNyezi eNquthu, enyakatho yeKwaZuluNatal, uthi akasoze awakhohlwe amagalelo eBhova ngenxa yokuthi limpheke wavuthwa yena nezinye izinsizwa abeyibambe nazo ngalezo zikhathi.
Uzakhele igama ngokuthi ahlale ephethe ipiki uma egida emicimbini esahamba neBhova - okuthe esephume inxiwa lakhe walisebenzisa leli gama likaMfanawepiki. ILANGA likhiphela eshashalazini uMfanawepiki, likutshela ngemvelaphi yakhe. Le nsizwa uma izihasha izisho kanje: “Lahlaba langena ipiki Bajabul' abalithandayo Bazond' abalizondayo. Yim' wethu umadushu amxakile Hleze nelakini lake lafika. Ujamlud' obomvu onjengentolwane, Ukhanda kalithathi Lifuz' ekhaya konina kwaButhelezi. Ubhidliz' akancengi nalapho esutha khona, Umshayi wentombi kuzonde unina Kuze kuzonde nomphakathi imbala Bethi ngeke yendele kwaMhlongo Lapho kuhlushekwa khona. Wedlula Bhova likaMaqhawe emhlabeni Wasibonis' okukhul' ebesingakawazi, Abasakwazi ukucula sebevele balingise wena ndoda, Mina ngizokwenza lokhu owawuthe asikwenze sisendawonye. Wawuthe asofunda ukushaya abafana ngengoma Buka namhlanje ngibenzani, Qwa qwa qwa Ungayivika le! Suka lapho kusezishozini kudlalel' izulu” UMfanawepiki uthi ungumadushu amxakile ngoba phambilini bekuvame ukuthi athole uthando kubantu besifazane abanabantwana. Uthi ungukhanda kalithathi lifuze ekhaya konina ngoba ngokusho kwabakubo abadala, oninalume bebenamakhanda agxabhayo, basebemupha lezi zigiyo ngoba bethi ukwenza kwakhe kucishe kufane nakoninalume.
Utshele ILANGA ukuthi akakwazi ukuncenga noma ngabe ubumsize kanjani kodwa uma umonile usuke umonile, yingakho ewubhidliza nalapho esutha khona. Uthi phambilini esashela izintombi emakhaya, uqonywe ngeyakwaXaba kwazonda unina wayo waze wafafaza nevangeli elibi emphakathini lokuthi le ntombi ingapheleli kuyena, kwagxekwa konke okuphathelene naye.
“Le ntombi kayiphelelanga kimina ngenxa kanina owayethe ekhaya kuyahlushekwa,” kusho yena. Uthi ukushona kweBhova kuveze okukhulu abebengakwazi njengoba inqwaba ingene emculweni yalingisa lona.
UMfanawepiki uqale ukubonakalisa ikhono lakhe lomculo ngonyaka wezi-2003 ngesikhathi enandisa ngakubo emshadweni kaMnu Kenneth Mgoza (ongasekho) kanti kuzotheleka iqembu Amageza Amahle likaMtshengiseni “iNdidane” Gcwensa (ongasekho) liyocula kuwona.
Ngaleso sikhathi belingakabi ngisho ne-albhamu yokushaya inja. UMfanawepiki uthi kulowo mshado bekukhona uMnu S’xhobo Mpungose we-Amon Music Production, eyimpelesi kaMnu Mgoza njengoba bebejwayelene embonini yamatekisi.
Uthi nawo Amageza Amahle abesayozibonakalisa ngaleso sikhathi, ecula nge- demo ngoba efuna uxhaso kuMnu Mgoza obenemali, ehlonishwa. Utshele ILANGA ukuthi nguyena (uBobo) okuthiwe makabhulele Amageza Amahle amazolo ngengoma kashameni yangasemakhaya.
“Ngiyishaye ingoma wachazeka uMtshengiseni Gcwensa wathi mangiye eGoli siyozama sonke. Nebala ngilibangise khona saqala sazilungiselela nabo ngigida kuMageza kodwa i-albhamu yabo yokuqala iphume ngingasekho kuwona. Kuthe kusenjalo, uSxhobo wathi uwathandile Amageza uzowasiza.
NoMnu Mgoza uthe usecabanga ukusungula iqembu. Basihlukanisile mina-ke ngangena eqenjini elibizwe ngeZingane zikaMgoza, yakhishwa albhamu yokuqala ngonyaka wezi-2005 kodwa emculweni bengingene ngaMageza Amahle,” kusho yena.
Uthi kuthe uma eseqophile Amageza Amahle, kwezwakala ezingomeni zawo ukuthi kunokushayisana ngemibono phakathi kwawo neBhova kanti uMnu Mgoza yena ubengumlandeli omkhulu weBhova, uthe ukuze kukhuliswe leli qembu lakhe Izingane zikaMgoza, yena uzohlela imidlalo yasemahholo azungeze nalo iBhova noBhekumuzi Luthuli.
Kuyona yonke le micimbi uthe kuzobe kumakethwa leli qembu ngalaba baculi (uBhekumuzi neBhova) bese ebakhokhela. Uthi bawenzile lo msebenzi kwathi emuva kwesikhashana, waboshwa uMnu Mgoza waze wagwetshwa kwabe sekucaca ukuthi kuyaphela ngeZingane zikaMgoza ngoba nguyena obeyisiqumama futhi engumsunguli walo.
“UMgqumeni uxhumane nami wathi ubengibona ngizimisela eqenjini lethu kuzona zonke izindawo ebesizihamba emahholo, ngakho-ke ucela ngiyosebenza naye uma kungenankinga ngoba bese kucacile ukuthi kayisekho le nto yethu.
Ngaleso sikhathi bekuwunyaka wezi-2007, ngisebenzile kwi-albhamu yeBhova ethi "Jukebox" ngaze ngaqala ukuvela kuma-DVD alo ngonyaka olandelayo kwi-albhamu ethi "Magic” kusho uMfanawepiki. Uthi sekushone iBhova, utshele izinsizwa abeyibambe nazo ukuthi usecabanga ukuyosungula okwakhe ngoba ubesolile ukuthi kuzosuka umbango wokuthi ngubani ozophatha amaqembu eBhova.
Utshele ILANGA ukuthi kuningi abakufundile kuMgqumeni ngoba bekuthi uma becula athi bengalingisi omunye umculi ukuze kuzovela ikhono lomuntu. Uthi yingakho bonke abasebenze neBhova becule ngamaphimbo abo.
Ngonyaka wezi-2011 uyikhiphile albhamu yakhe ethi "Izigi" kwalandela ethi "Ngithukuthele Kabi", "Impilo Imnandi Ngezitha", "Engulutha"‚ "One by One", "Bayanginyunda" kanti ukuphela kwenyanga uzodedela ethi "Angiseyona iType Yakho”.
Le nsizwa ithi bekunzima ekukhuleni kwayo ngoba ikhulele koninalume nakhona kwashonwa kwathi abanye babhunguka, kwagcina ngokuthi isale dengwane. Ithi emuva kwalokho ithathwe ngesinye isalukazi sakwaHlatshwayo sayohlala nayo yelusa imfuyo.
“Lo gogo nguyena ongitholele abazali bami kwasho ukuthi ubaba akangemukelanga kahle sesifika kuyena. Ngize ngayozicelela ukuhlala kulo muzi kaMnu Kenneth Mgoza ngoba ugogo wakwaHlatshwayo ubesewenzile owakhe umsebenzi. Bangemukelile kwaMgoza kanti ngaleso sikhathi bengiphasele uGrade-10 KwaNondumo High.
Ngisiyekile isikole ngoba engekho ozongilekelela. Ngikhulele khona kwaMgoza ngelusa imfuyo ngaba yingane yakhona kwaze kwaba ngiphuma umuzi wakithi ngonyaka wezi-2015, ngiphumela khona kwaMgoza,” kusho yena.
Uthi njengamanje isifiso sakhe esikhulu wukuthi umculo wakhe ukhule kakhulu, avakashele namanye amazwe ngawo, alule isandla kwabaxakekile. Unezingoduso ezimbili nabantwana abayisi-6