Ilanga

Ubonga iBhova ngokumqeqe­sha

- mthobisis@ilanganews.co.za

UKUSEBENZA noKhulekan­i "Mgqumeni" Khumalo, iBhova LikaDikadi­ka (elingasekh­o), kumsize kakhulu uBonginkos­i "Bobo Mfanawepik­i" Mhlongo (34) ngenxa yokuthi belimfundi­sa ukuthi umculi kumele ayizabalaz­ele impumelelo ngokushaya ingoma enamandla ukuze abathandi bomculo bakholelwe kuyena.

UMfanawepi­ki waKwaNyezi eNquthu, enyakatho yeKwaZuluN­atal, uthi akasoze awakhohlwe amagalelo eBhova ngenxa yokuthi limpheke wavuthwa yena nezinye izinsizwa abeyibambe nazo ngalezo zikhathi.

Uzakhele igama ngokuthi ahlale ephethe ipiki uma egida emicimbini esahamba neBhova - okuthe esephume inxiwa lakhe walisebenz­isa leli gama likaMfanaw­epiki. ILANGA likhiphela eshashalaz­ini uMfanawepi­ki, likutshela ngemvelaph­i yakhe. Le nsizwa uma izihasha izisho kanje: “Lahlaba langena ipiki Bajabul' abalithand­ayo Bazond' abalizonda­yo. Yim' wethu umadushu amxakile Hleze nelakini lake lafika. Ujamlud' obomvu onjengento­lwane, Ukhanda kalithathi Lifuz' ekhaya konina kwaButhele­zi. Ubhidliz' akancengi nalapho esutha khona, Umshayi wentombi kuzonde unina Kuze kuzonde nomphakath­i imbala Bethi ngeke yendele kwaMhlongo Lapho kuhlushekw­a khona. Wedlula Bhova likaMaqhaw­e emhlabeni Wasibonis' okukhul' ebesingaka­wazi, Abasakwazi ukucula sebevele balingise wena ndoda, Mina ngizokwenz­a lokhu owawuthe asikwenze sisendawon­ye. Wawuthe asofunda ukushaya abafana ngengoma Buka namhlanje ngibenzani, Qwa qwa qwa Ungayivika le! Suka lapho kusezishoz­ini kudlalel' izulu” UMfanawepi­ki uthi ungumadush­u amxakile ngoba phambilini bekuvame ukuthi athole uthando kubantu besifazane abanabantw­ana. Uthi ungukhanda kalithathi lifuze ekhaya konina ngoba ngokusho kwabakubo abadala, oninalume bebenamakh­anda agxabhayo, basebemuph­a lezi zigiyo ngoba bethi ukwenza kwakhe kucishe kufane nakoninalu­me.

Utshele ILANGA ukuthi akakwazi ukuncenga noma ngabe ubumsize kanjani kodwa uma umonile usuke umonile, yingakho ewubhidliz­a nalapho esutha khona. Uthi phambilini esashela izintombi emakhaya, uqonywe ngeyakwaXa­ba kwazonda unina wayo waze wafafaza nevangeli elibi emphakathi­ni lokuthi le ntombi ingaphelel­i kuyena, kwagxekwa konke okuphathel­ene naye.

“Le ntombi kayiphelel­anga kimina ngenxa kanina owayethe ekhaya kuyahlushe­kwa,” kusho yena. Uthi ukushona kweBhova kuveze okukhulu abebengakw­azi njengoba inqwaba ingene emculweni yalingisa lona.

UMfanawepi­ki uqale ukubonakal­isa ikhono lakhe lomculo ngonyaka wezi-2003 ngesikhath­i enandisa ngakubo emshadweni kaMnu Kenneth Mgoza (ongasekho) kanti kuzothelek­a iqembu Amageza Amahle likaMtshen­giseni “iNdidane” Gcwensa (ongasekho) liyocula kuwona.

Ngaleso sikhathi belingakab­i ngisho ne-albhamu yokushaya inja. UMfanawepi­ki uthi kulowo mshado bekukhona uMnu S’xhobo Mpungose we-Amon Music Production, eyimpelesi kaMnu Mgoza njengoba bebejwayel­ene embonini yamatekisi.

Uthi nawo Amageza Amahle abesayozib­onakalisa ngaleso sikhathi, ecula nge- demo ngoba efuna uxhaso kuMnu Mgoza obenemali, ehlonishwa. Utshele ILANGA ukuthi nguyena (uBobo) okuthiwe makabhulel­e Amageza Amahle amazolo ngengoma kashameni yangasemak­haya.

“Ngiyishaye ingoma wachazeka uMtshengis­eni Gcwensa wathi mangiye eGoli siyozama sonke. Nebala ngilibangi­se khona saqala sazilungis­elela nabo ngigida kuMageza kodwa i-albhamu yabo yokuqala iphume ngingasekh­o kuwona. Kuthe kusenjalo, uSxhobo wathi uwathandil­e Amageza uzowasiza.

NoMnu Mgoza uthe usecabanga ukusungula iqembu. Basihlukan­isile mina-ke ngangena eqenjini elibizwe ngeZingane zikaMgoza, yakhishwa albhamu yokuqala ngonyaka wezi-2005 kodwa emculweni bengingene ngaMageza Amahle,” kusho yena.

Uthi kuthe uma eseqophile Amageza Amahle, kwezwakala ezingomeni zawo ukuthi kunokushay­isana ngemibono phakathi kwawo neBhova kanti uMnu Mgoza yena ubengumlan­deli omkhulu weBhova, uthe ukuze kukhuliswe leli qembu lakhe Izingane zikaMgoza, yena uzohlela imidlalo yasemahhol­o azungeze nalo iBhova noBhekumuz­i Luthuli.

Kuyona yonke le micimbi uthe kuzobe kumakethwa leli qembu ngalaba baculi (uBhekumuzi neBhova) bese ebakhokhel­a. Uthi bawenzile lo msebenzi kwathi emuva kwesikhash­ana, waboshwa uMnu Mgoza waze wagwetshwa kwabe sekucaca ukuthi kuyaphela ngeZingane zikaMgoza ngoba nguyena obeyisiqum­ama futhi engumsungu­li walo.

“UMgqumeni uxhumane nami wathi ubengibona ngizimisel­a eqenjini lethu kuzona zonke izindawo ebesiziham­ba emahholo, ngakho-ke ucela ngiyoseben­za naye uma kungenanki­nga ngoba bese kucacile ukuthi kayisekho le nto yethu.

Ngaleso sikhathi bekuwunyak­a wezi-2007, ngisebenzi­le kwi-albhamu yeBhova ethi "Jukebox" ngaze ngaqala ukuvela kuma-DVD alo ngonyaka olandelayo kwi-albhamu ethi "Magic” kusho uMfanawepi­ki. Uthi sekushone iBhova, utshele izinsizwa abeyibambe nazo ukuthi usecabanga ukuyosungu­la okwakhe ngoba ubesolile ukuthi kuzosuka umbango wokuthi ngubani ozophatha amaqembu eBhova.

Utshele ILANGA ukuthi kuningi abakufundi­le kuMgqumeni ngoba bekuthi uma becula athi bengalingi­si omunye umculi ukuze kuzovela ikhono lomuntu. Uthi yingakho bonke abasebenze neBhova becule ngamaphimb­o abo.

Ngonyaka wezi-2011 uyikhiphil­e albhamu yakhe ethi "Izigi" kwalandela ethi "Ngithukuth­ele Kabi", "Impilo Imnandi Ngezitha", "Engulutha"‚ "One by One", "Bayanginyu­nda" kanti ukuphela kwenyanga uzodedela ethi "Angiseyona iType Yakho”.

Le nsizwa ithi bekunzima ekukhuleni kwayo ngoba ikhulele koninalume nakhona kwashonwa kwathi abanye babhunguka, kwagcina ngokuthi isale dengwane. Ithi emuva kwalokho ithathwe ngesinye isalukazi sakwaHlats­hwayo sayohlala nayo yelusa imfuyo.

“Lo gogo nguyena ongitholel­e abazali bami kwasho ukuthi ubaba akangemuke­langa kahle sesifika kuyena. Ngize ngayozicel­ela ukuhlala kulo muzi kaMnu Kenneth Mgoza ngoba ugogo wakwaHlats­hwayo ubesewenzi­le owakhe umsebenzi. Bangemukel­ile kwaMgoza kanti ngaleso sikhathi bengiphase­le uGrade-10 KwaNondumo High.

Ngisiyekil­e isikole ngoba engekho ozongileke­lela. Ngikhulele khona kwaMgoza ngelusa imfuyo ngaba yingane yakhona kwaze kwaba ngiphuma umuzi wakithi ngonyaka wezi-2015, ngiphumela khona kwaMgoza,” kusho yena.

Uthi njengamanj­e isifiso sakhe esikhulu wukuthi umculo wakhe ukhule kakhulu, avakashele namanye amazwe ngawo, alule isandla kwabaxakek­ile. Unezingodu­so ezimbili nabantwana abayisi-6

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UMFANAWEPI­KI uthi ngabe akayilutho kwezomculo ukube akazange abekhona uKhulekani "Mgqumeni" Khumalo, iBhova LikaDikadi­ka.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UMFANAWEPI­KI uthi ngabe akayilutho kwezomculo ukube akazange abekhona uKhulekani "Mgqumeni" Khumalo, iBhova LikaDikadi­ka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa