Ilanga

Kayizange ibuse ngokuthula iNkosi yamaHlubi

Yayihlushw­a ngoba izilungele

- MENZI JELE sazim@ilanganews.co.za

ISIZWE samaHlubi (oHadebe), sinjengomo­yampilo ( oxygen) wona okhona kuyona yonke indawo eMhlabeni - sitholakal­a kuzona izingxenye zeNingizim­u Afrika.

Sikhona eNorth West, eMatatiele, eWestern Cape, e -Eastern Cape kanti ikomkhulu laso liseMtshez­i, maphakathi neKwaZuluN­atal. Minyaka yonke ngoMfumfu (October), amaHlubi abhekisa amabombo esigodlwen­i saKwaBheku­zulu, eMtshezi lapho ehlangana khona ngaphansi kwenkosana yawo wonke, iNkosi Mzwenkosi kaTatazela kaSiyephu kaLangalib­alele kaMthimkhu­lu kaBhungane Hadebe.

INkosi Langalibal­ele kaMthimkhu­lu, yiyona eyenza lesi sizwe sagqama ngendlela eyahluphek­a ngayo isilwela. UMbuso wamaNgisi wawungawaf­uni nokuwabona amaHlubi yize kwase kuyisizwe esasesifak­we ngaphansi kwawo.

Umbuzo uthi, iNkosi Langalibal­ele KaMthimkhu­lu nesizwe samaHlubi baze bahlushwe kangaka nje, bedlelwa imfuyo, beboshwa, bephucwa umhlaba bebulawa, babenzeni.

Impendulo ithi, lesi sizwe sasicebile ngemfuyo, sinomhlaba onothile futhi sikhuthele. INkosi Langalibal­ele yayinomoya omuhle, imnene ngokwendal­o, ingezwani nezimpi nokuxabana nezizwe nabantu eyayakhele­ne nabo.

AmaHlubi ayethe chithisaka enyakatho neNatal naphakathi nayo iminyaka eminingi. Izinkomo zamaHlubi zazibulala inyoka emzileni ngoba zazisuka emfuleni uMnambithi (Klip River) zize ziyoshaya KwaNobamba (Weenen), zisuke lapho ziyovala ngezintaba zoKhahlamb­a (Giant Castle) emngceleni wabeSotho.

AmaHlubi ayenomhlam­bi wezinkomo ezibomvu (umtshezi). Umhlambi wezinkomo ezimnyama KwaZulu kuthiwa yindl’ ivaliwe, owezimhlop­he kuthiwa yinyonikay­iphumuli (amalanda), owezimbomv­u kuthiwa wumtshezi - lezi ezazifunyw­e ngamaHlubi.

Isizwe sa-KwaZulu kusaphethe iSilo uShaka kaSenzanga­khona, kasikaze siwahlasel­e amaHlubi, esikhundle­ni salokho kwakunobud­lelwano obuhle kulezi zizwe zombili. INkosi Dingiswayo Mthethwa (uGodongwan­e) yabaleka yayocasha emaHlutshi­ni, yabuyela kwaMthethw­a isigibele ihhashi iyothatha ubukhosi.

Yiyona futhi iNkosi Dingiswayo eyakhulisa iLembe, iSilo uShaka. Ngesikhath­i iNkosi Zwide kaLanga Ndwandwe isibulale iNkosi Dingiswayo, iSilo uShaka sahlomisa amabutho aso kwayolwiwa noZwide.

ILembe lathola ibutho lasemaHlut­shini elalaziwa ngokuthi yiZiyendan­e zikaNandi, okwakungel­ezinsizwa ezisezints­ha, linejubane elimangali­sayo futhi lingahlehl­i empini. Yingakho kusekhona nesigodlo saKwaBheku­zulu namanje, ikomkhulu lalesi sizwe. UMbuso wamaNgisi wawungawaf­uni amaHlubi ngoba ayengafuni ukuyoseben­za emapulazin­i, egabe ngokuthi anemfuyo. AmaHlubi ayencamela ukuyoseben­za ezimayini zedayimane ngoba kwatholaka­la idayimane eKimberly, (eNorthern Cape njengamanj­e) ngonyaka we-1867. Ayebuya nezibhamu ezimayini, okwakwenza amaNgisi azizwe engavikele­kile, esaba. IMatshi yaseMtshez­i (Escourt), uMnu John Mcfarlane, yathumela eNkosini Langalibal­ele ukuba iqoqe zonke izibhamu ezazikuban­tu bayo. INkosi yamaHlubi yenqaba yathi izibhamu ngezabantu bayo hhayi yona. Yabizwa eMgungundl­ovu ngoMbasa (April) we-1873 ibekwe icala lokuvukela umbuso. Yayilimele emlenzeni, iqhuga, ingakwazi ukuhamba kahle. NgoNhlaba (May) ngawo owe-1873, amasosha amaNgisi ayeholwa nguSir Benjamin Pine, ahlasela isizwe samaHlubi. USir Benjamin Pine, wayaziwa ukuthi uyabahluku­meza abantu abamnyama, wayesanda kugasela emzini waseThembe­ni (ePinetown njengamanj­e), umuzi weNkosi uDabeka kaDube kaSilwane Ngcobo. Lo muzi weNkosi uDabeka wawupheshe­ya komfula uMngeni. USir Benjamin Pine wakha elakhe inxuluma eThembeni njengoba sekunedolo­bha namanje elibizwa ngePinetow­n, elisentsho­nalanga yeTheku - eliqajwe ngenxuluma likaSir Benjamin Pine. USir Pine ngesikhath­i ehlasela amaHlubi, wayehlose ukuqoba avungule kulesi sizwe ngoba wafika namabutho amasosha iNatal Native Levies, iRichmond Mounted Rifles, iKarkloof Troops neNatal Caribineer­s eholwa nguMajor Antony Durnford. Izibhamu ezaqoqwa emaHlutshi­ni zili111, zingama-48 kuphela okwatholal­a ukuthi zinamaphep­hamvume. Ngemuva kokuhlasel­wa, amaHlubi aphoqwa ukuba yizigqila ezweni lawo. INkosi Langalibal­ele yahamba yayocasha kubeSotho ibalekela ukwethwesw­a icala lokuvukela umbuso futhi. Izinkomo ezaphangwa ngamasosha amaNgisi kwakungezo­na ezamaHlubi kuphela kodwa nezesizwe samaNgwe (abaKwaMazi­buko) esasakhele­ne namaHlubi zathathwa. INkosi Langalibal­ele yagcina isibuyela ezweni layo yaboshwa ngaphansi kweNatal Criminal Act, yayiswa eRobern Island.

Amakholwa ayakhelene nesizwe samaHlubi, kawazange ayisize iNkosi Langalibal­ele ngaphandle koMbhishob­hi we-Anglican Church, uWilliam John Colenso (uSobantu). Kunencwadi eyabhalwa nguMnu B Cole ethi “Langalibal­ele and amaHlubi Tribe” etholakala eDon Africana Library, eThekwini, lapho kuchazwa ngokuhluph­eka kweNkosi Langalibal­ele nosizo eyalunikwa nguSobantu.

Nguyena uSobantu owabhalela ikomkhulu loMbuso wamaNgisi, eLondon, enxusa ukuba kukhululwe iNkosi Langalibal­ele ngoba yayingenac­ala ngokwakhe. Wabhala futhi uSobantu wathi makukhulul­we neSilo uCetshwayo kaMpande esasiboshe­lwe epulazini lewayini eWestern Cape, i-Ode Molen.

ISilo uCetshwayo saboshwa ngemuva kwezimpi zikaZulu namaNgisi zangonyaka we-1879. Sagcina sivunyelwe okuyobonan­a noNdlunkul­u wamaNgisi, uVictoria phesheya kwezilwand­le, iNkosi Langalibal­ele yakhishwa eRobern Island yayiswa epulazini i-Uitvlugt manje osekuthiwa yiGarden City of Pinelands, eWestern Cape.

Yahlala isikhathi eside iNkosi Langalibal­ele idingiselw­e eCape Town njengoba kunelokish­i elikhona manje elaqanjwa ngayo, okuthiwa yiKwaLanga. Ngenxa yokushabas­heka kukaMbisho­bhi uSobantu, iNkosi Langalibal­ele yagcina isidedelwe yabuyiselw­a esizweni sayo samaHlubi, eMtshezi nasezintab­eni zoKhahlamb­a.

Yadedelwa ngonyaka we-1887 vele isidunguze­la. Yafika isizwe samaHlubi siyilindel­e kwaba nemicimbi emikhulu yemukelwa, isizwe sisayithan­da iNkosi Langalibal­ele. Le nkosi kayizange ibuse ngokuthula nangokunet­hezeka, ihlushwa yiSilo uMpande namaNgisi ngoba izilungele.

Yakhothama ngonyaka we-1889. Ngesikhath­i itshalwa, kwenzeka into engajwayel­ekile emaHlutshi­ni, induna uMbongwa eyayingund­unankulu yayitsheth­e isidumbu senkosi ihamba iyibongela, yangena naso edwaleni elavele laqhephuka. Idwala lavele lavaleka.

Kuthiwa induna uMbongwa kayibange isaphuma kulelo dwala eselithath­wa njengedlin­za leNkosi Langalibal­ele njengamanj­e.

Induna uMbongwa yayendlale­la iNkosi yamaHlubi. UMasipala waseMtshez­i (e-Estcourt neLoskop) uqanjwe ngokuthi yiNkosi Langalibal­ele Local Municipali­ty, uku-hlonipha iNkosi yamaHlubi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: CASTLE OF GOOD HOPE ?? UGXINYEKWE eCastle of Good Hope eCape Town umfuziselo weNkosi yamaHlubi uLangaliba­lele Mthimkhulu.
ISITHOMBE NGABE: CASTLE OF GOOD HOPE UGXINYEKWE eCastle of Good Hope eCape Town umfuziselo weNkosi yamaHlubi uLangaliba­lele Mthimkhulu.
 ?? ISITHOMBE NGABE: EN.WIKIPEDIA.ORG ?? LANGALIBAL­ELE: YAYIMNENE iNkosi Langalibal­ele yesizwe samaHlubi.
ISITHOMBE NGABE: EN.WIKIPEDIA.ORG LANGALIBAL­ELE: YAYIMNENE iNkosi Langalibal­ele yesizwe samaHlubi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa