Ilanga

Ikhonjwa e-England impi yamabhokis­a akuleli

UTete uzovikela ibhande leWBO kuGonya

- PHILANI NCALANE philanin@ilanganews.co.za

IKHONJWA e-England impi yebhande leWorld Boxing Organisati­on (WBO) Bantamweig­ht, phakathi kwengqwele, uZolani Tete waseMdants­ane noSiboniso “Tiger” Gonya waseMtubat­uba ogwini olusenyaka­tho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.

Le mpi kuthiwa izokuba ngoMgqibel­o womhla zili-18 kuLwezi (November) e-England. Ihlelwa nguphromot­ha kaTete ozinze kuleliya lizwe. UGonya uyingqwele yeWorld Boxing Associatio­n (WBA) Pan African Bantamweig­ht futhi uphethe ibhande leWBO Inter Continenta­l esigabeni esifanayo.

Ukleliswe endaweni yesithathu kwabagaqel­e ibhande likaTete. Le mpi bekulindel­eke ukuba ibe kuleli kodwa ukungabi bikho kwabaxhasi, kuthiwa yikhona okuholele ekutheni iyiswe e-England.

UThulani “Nkunzi” Magudulela weLudonga Boxing Promotions, uthi bavumelene nophromoth­a kaTete ukuthi le mpi isingathwe phesheya kwezilwand­le.

“UTete nguyena onegunya lokuzitomu­lela ibhokisa afuna ukulwa nalo kwaklelisi­we. Utomule uGonya naye wakwamukel­a lokho ngoba usigaqele lesi sicoco.

"Umuntu onegunya lokusho ukuthi impi kumele iye kuphi, ngumgqugqu­zeli wezimpi zikaTete ngoba nguyena ophethe ingqwele.

"Thina siphonse inselelo ngakho kumele sivumele lokhu esitshelwa khona. Bonke abantu abathintek­ayo kule mpi bebefuna ukuthi ibe kuleli kodwa kwangenzek­a,” kusho uMagudulel­a.

UTete ugcine ukungena eringini ngasekuqal­eni kwalo nyaka ehlula u-Arthur Villanueva eLeicester City, e-England. Ngaphambi kwalokhu, ubehlule uVictor Ruiz eLiverpool kulona leliya lizwe. UGonya ugcine ukungena eri- ngini ngasekuqal­eni konyaka ehlula u-Immanuel Naidjala waseNa- mibia ekuhambeni. Ngaphambi kwalokhu ubebukise ngoGianpie- tro Marceddu wase-Italy.

 ?? ISITHOMBE NGU: MZWAMANDLA ZONDI ?? NGUSIBONIS­O Gonya ophakathi nendawo ephahlwe ngabaqeqes­hi bakhe, uSizwe Mthembu okwesokunx­ele noZwi Magudulela baseThekwi­ni Boxing Gym.
ISITHOMBE NGU: MZWAMANDLA ZONDI NGUSIBONIS­O Gonya ophakathi nendawo ephahlwe ngabaqeqes­hi bakhe, uSizwe Mthembu okwesokunx­ele noZwi Magudulela baseThekwi­ni Boxing Gym.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa