Ilanga

IQEDE ISHOBOLO LOKUNGANQO­BI IRICHARDS BAY FC

- MFANAFUTHI NDLOVU mfanafuthi­n@ilanganews.co.za

IKHIPHE ishobolo iRichards Bay FC nakuba iqede umdlalo ingasaphel­ele kukhishwa ngekhadi elibomvu uHoward Davids, oyisitobha ngesikhath­i iqoqa amaphuzu amathathu okokuqala kule sizini ihlula iTshakhuma Tsha Madzivhand­ila ngo-3-1 ovuthayo koweNation­al First Division (NFD) izolo ngeSonto ntambama eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.

IRichards Bay inqobe ngamagoli kaMichael Gumede, uThabiso Nkoana nelikaSiph­elele Mkhulise. URoger Sikhakhane ongumqeqes­hi weRichards Bay ubephuphum­a injabulo ngalo mphumela ngesikhath­i ekhuluma naleli phephandab­a emuva kwalo mdlalo.

“Kube yinto enhle kakhulu ukunqoba lo mdlalo. Bekumqoka kakhulu ukuthola amaphuzu agcwele ikakhuluka­zi njengoba besidlalel­a ekhaya. Kungiphath­e kabi ukuthi siqede umdlalo si- ngasaphele­le.

Nakuba ngingezwan­i nokukhulum­a ngezinqumo zonompempe kodwa kasingipha­thanga kahle esaleli khadi,” kusho lo mqeqeshi ohole nge-mpumelelo iThanda Royal Zulu inqoba lesi sigaba ngesizini edlule.

Icazelane amaphuzu kunzima iJomo Cosmos neUbuntu Cape Town kuba ngu-1-1 koweNFD izolo eCape Town.

URanga Chivaviro weUbuntu ubulale ngomzuzu wama-64 igoli likaLinda Figo Mntambo wezeNkosi ovule inkundla ngowama-23.

Isiyonke imiphumela yeNFD: Stellenbos­ch FC 1, Cape Town All Stars 0; Mbombela 1, Highlands 0; Royal Eagles 1, Super Eagles 1; Witbank Spurs 1, Pretoria University 2; Leopards 0, Kings 0; UThongathi FC 1, Mthatha Bucks 2; Richards Bay 3, Tshakuma FC 1; Ubuntu 1, Cosmos 1.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa