Ilanga

ISIQASHE USIPHO ZIMBA I-NATAL UNITED

-

INATAL United yaseMsinga ilande uSipho Zimba obesethimb­eni labaqeqesh­i beThanda Royal Zulu ebigijima kwiNationa­l First Division (NFD) ngesizini edlule.

IThanda kuphelile ngayo emuva kokuba inyukele kwi-Absa Premiershi­p yabe seyidayisa ilungelo lokudlala kulesi sigaba kumaZulu FC. ILANGA lihoshe ukuthi iNatal kaSenzo Sokhela isilande uZimba ukuyocija onozinti.

UZimba uqale ngeledlule ukubamba izintambo kwiNatal kanti nangoMgqib­elo beziphethw­e nguyena izintambo le kilabhu icazelana amaphuzu ne-Ashley United kuba ngu-1-1 eSJ Smith Stadium, eWema. USokhela ebuzwa yiLANGA ngezinhlel­o zale kilabhu njengoba bethenge isitifiket­i soThukela FC ngokuqala kwesizini, uthe: “Ngikholwa wukuthi seku- yisikhathi sokuba amakilabhu abambane ngezandla. Uma kukhona onekhongco elibuthaka kumele kusizwane.”

Kuzo ezeMotsepe League, uKenny Ndlazi utshele ILANGA ukuthi nakuba ebonakele kwiHappy Wanderers kodwa akaqashiwe kuyona ubezosiza nje ngezinto ezimbalwa umnikazi wayo, uMzakes Walaza Nxumalo ezeseka ngokuthi bangabanga­ni abakhulu.

IMilford FC iwole amaphuzu agcwele ingazange iwajulukel­e igingqela iKwaMashu All Stars ehlulekile ukufika enkundleni. Lo mdlalo bekumele ube ngoMgqibel­o eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League ihambe ngalolu

hlobo: Drakensbur­g FC 1, KwaDukuza FC 0; Edendale Juventus 2, uMvoti FC 4; Pmb City 0, Ladysmith United 0; GWP Friends 1, Dbn FC 2; Ashley 1, Natal United 1.

I-Ashley izobhekana neDurban FC koweNedban­k Cup kusasa ngoLwesith­athu ngo-15h00 eGeorge Campbell. Omunye umdlalo ozophindwa kusasa ngowoMvoti FC neLadysmit­h United ongaphelan­ga.

Uzoqala ngo-15h00 eKing Edwards Stadium, eGreytown.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa