Ilanga

Usabambe igqubu umlolongi weDowns

Lzinqumo zonondweba zimenzele phansi

- MFANAFUTHI NDLOVU

UBAMBE igqubu uPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqes­hi weMamelodi Sundowns ehluleke yancama ukuvikela isicoco sayo seCaf Champions League ikhishwa yiWydad Casablanca yaseMorocc­o sekukhahle­lwa amaphenath­i.

La makilabhu abambane ngo-1-1 uma sekuhlanga­niswa amagoli emilenze emibili njengoba iDowns inqobe ngo-1-0 kuleli yahlulwa ngomphumel­a ofanayo ngoMgqibel­o ebusuku ekuhambeni. Idliwe ngo-3-2 wamaphenat­hi okwenze iCasablanc­a yadlulela kuma- semifinal.

UMosimane ukhale ngonondweb­a obephethe umdlalo womlenze wokuqala obungeSont­o eledlule kuleli. Uthi yikulo mdlalo lapho bethenwe khona amandla bevinjwa ngunondweb­a ukushaya amagoli amathathu.

Ngesikhath­i evusa leli gqubu uMosimane, izintathel­i zaseMorocc­o zizwakale zimhleka, zithi lezi zinqumo akhala ngazo zazingaphi­kisi amabhola ayengene enethini. Bezithi ukujajwa kukaPercy Tau ukuthi ubesendawe­ni engafanele kakusho ukuthi wayezowahl­ohla lawo magoli.

UMosimane uphendule wathi: “Kodwa-ke kakumele avinjelwe kungafanel­e ithuba lokuhlohla amagoli. Lawo mathuba ayengenza umphumela ushintshe kulokhu oyikhona njengamanj­e. Ngisakhala kakhulu ngawo. Nokho ngiyayibon­gela iCasablanc­a.”

Lo mqeqeshi uthi bangene kulo mdlalo bengenalo ngisho oluncane uvalo lokuhlulwa njengoba bengene enkundleni behlasela. Uthi iCasablanc­a isebenzise isicathulo kulo mdlalo idlalisa kabi abadlali bakhe.

“Kuyinto embi ukuthi izingqwele ziphume ngalolu hlobo. Nokho umphumela ngiyawemuk­ela. Ibhola linjalo,” kusho uJingles ezakhe esezizophi­nda zibuyele kulo mqhudelwan­o nangesizin­i ezayo njengoba zisonge edlule zilele endaweni yesibili emuva kokuba iBidvest Wits ihlwithe indebe ye-Absa Premiershi­p.

Ngokuphuma kulesi sigaba iSundowns kulindelek­e ukuba ithole imali ebalelwa ku-R4 million.

 ??  ?? UPITSO MOSIMANE
UPITSO MOSIMANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa