Ilanga

ICHIEFS IZOBAMBISA­NA NEMEYA YETHEKU

-

IKAIZER Chiefs izobambisa­na neZandile Gumede Foundation ukuqhuba uhlelo lokutholel­a izingane zamantomba­zane imisubelo ngaphambi komdlalo omqoka weAbsa Premiershi­p ezowugijim­a neBaroka FC ngoMgqibel­o ngo18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IziMpofana zizohambel­a eMega City ngoLwesihl­anu esitolo sale kilabhu. Izotheleka nengxenye ethile yabadlali njengoba ihlale yenza nxa inemidlalo eThekwini. Lapha kuzokuba nabalingis­i boZalo oludlala phakathi nezinsuku kwiSABC1 nabaculi okubalwa kubona uBabes Wodumo noThinah Zungu noMondli Mzizi ongusomahl­aya.

UGumede oyiMeya yeTheku, usungule inhlangano yokusiza abahlwempu okuyiyona eqhuba lo mkhankaso waseMlazi.

UJabulani Mbanjani osophikwen­i lwezokukha­ngisa kwiChiefs, uthi nangakusas­a ngoMgqibel­o emini iChiefs izobuyela eMega City.

Uthi amathikith­i okubuka lo mdlalo aseyathola­kala ema- computicke­t ngo-R60 awabadala bese kuthi awezingane ezineminya­ka engaphansi kweli-12 ubudala abize u-R10.

“Kasifuni ukuzela imizuzu engama-90 kuphela eThekwini. Sifuna ukuba yingxenye yezinhlelo zokusiza imiphakath­i okuyiyona eyeseka ikilabhu. Sijabula kakhulu ngokubambi­sana nenhlangan­o yeMeya yeTheku. Baningi abantu besifazane abeseka iChiefs, ngakho-ke kumqoka ukuthi sibasize nxa bengakwazi ukuthola izidi- ngo,” kusho uMbanjani.

Nokho-ke uMbanjani akaqinisek­isanga ukuthi bazofika nabaphi abadlali eMlazi njengoba bebekade bebhekene neLamontvi­lle Golden Arrows ngoMgqibel­o ebusuku eFNB Stadium, eGoli. Lo mdlalo uphelele kungu-0-0.

Ngeledlule iChiefs ibigasele KwaZulu-Natal njengoba ibizobheka­na neMaritzbu­rg United emdlalweni wePremiers­hip ewunqobe ngo-2-0 wamagoli kaGustavo Paez.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa