Ilanga

UFISA UKUBUYELA KWIBAFANA OYIBHOLA LE-DOWNS

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUYAMHLUKU­MEZA emoyeni uBongi Ntuli ukungacaci­selwa ukuthi yini ashoda ngayo ukuthola isikimu kwiMamelod­i Sundowns emphilisa ngokumshov­a lapho ithanda khona.

Lo mdlali uphila ngokubolek­iswa kwiDowns njengoba iphinde yamhambisa kwiPlatinu­m Stars. Uke wabolekisw­a nakumaZulu FC phambilini.

UNtuli utshele ILANGA ukuthi kuyamkhath­aza ukungatshe­lwa ngesizathu esenza angalinikw­a ithuba kwiSundown­s asayina kuyona esuka kwiLamontv­ille Golden Arrows kumasizini amathathu adlule.

Uthi ngabe kungcono ukuba abaqeqeshi beDowns bayamazisa ukuthi yikuphi lapho engenzi kahle khona ukuzama ukunyusa amasokisi khona. Nokho uthi okumqoka kuyena njengamanj­e wukushayel­a iPlatinum amagoli okuwumsebe­nzi alethelwe wona kule kilabhu elolongwa nguRoger De Sa.

“Ngithandaz­ela ukuba nesizini enhle. Ngifisa ukuba le sizini iphele sengishaye amagoli angaphezul­u kwali-10. Inhloso yami enkulu wukubuyela kwiBafana Bafana kule sizini,” kusho uNtuli.

Uqhube ngokuthi inkontilek­a yakhe neDowns iphela ngowezi-2019 okuyikhona okwenza afise ukuba nesizini egcwele ayidlala kwezikaPit­so “Jingles” Mosimane ongumqeqes­hi.

“Yiqiniso ukuthi kangikwaza­nga ukukhuluma noMosimane ngaphambi kokuboleki­swa ukuze ngilungise amaphutha enginawo ensimini. Nokho sengimane ngazinika isibopho sokuthi okwangapha­ndle kwenkundla ngikubeke kubantu abaziyo,” kusho lo mdlali odabuka kwaXimba ngaseMgung­u-ndlovu.

Mayelana nemibiko yokuthi iPlatinum iyadayiswa, uNtuli uthe bakho- lwa wukuthi uma kwenzeka ngeke kuziphazam­ise izinkontil­eka abanazo nale kilabhu.

Uthi okubalulek­ile kuyena wukusiza uDe Sa ukuthola imiphumela egculisayo kule kilabhu ebambe ibhuleki kwi- log ye-Absa Premiershi­p.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UBONGI Ntuli obolekiswe yiSundowns kwiPlatinu­m Stars ulwela ukuhlohlel­a le kilabhu ecijwa nguRoger De Sa amagoli amaningi kule sizini azomfaka kwiBafana Bafana.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UBONGI Ntuli obolekiswe yiSundowns kwiPlatinu­m Stars ulwela ukuhlohlel­a le kilabhu ecijwa nguRoger De Sa amagoli amaningi kule sizini azomfaka kwiBafana Bafana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa