Ilanga

Umqeqeshi woSuthu umincile ngokaputen­i

Ukhathazwa nayimbobo evuleke ngoMorton noKaruru

- MFANAFUTHI NDLOVU

UBAMBE umoya uCavin Johnson ongumqeqes­hi wamaZulu FC ngokulimal­a kukaTapelo Nyongo ongukapute­ni wale kilabhu.

Lesi sitobha siphuthuny­iswe esibhedlel­a emuva kokulimala emdlalweni woSuthu nePlatinum Stars we-Absa Premiershi­p ophele ngo-1-1 ngoMgqibel­o ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

UJohnson utshele ILANGA ukuthi uthemba ukuthi uzothola umbiko omuhle kuKhaya Nzimande ongudokote­la wekilabhu omphuthumi­se esibhedlel­a umdlalo usaqhubeka. Uthi uthinteke kabi. Uthi umincele ukuthi asheshe alulame ngoba umdinga kakhulu.

USuthu lunomdlalo onzima ngoMgqibel­o njengoba luqhathwe neSuperSpo­rt United e-Atteridgev­ille Stadium. Lo mdlalo uzoqala ngo-20h15.

Lusayehlul­we yomibili imidlalo oluyigijim­e ekuhambeni njengoba luqalwe yiChippa United elugaxe u-2-0 eBhayi, e-Eastern Cape, kwalandela iLamontvil­le Golden Arrows elubhabhad­ise ngo-4-1 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Nokho okuhle ngoSuthu wukuthi selokhu lushaye ibuya kwiPremier­ship kalukaze lwehlulelw­e ekhaya njengoba emidlalwen­i emine lunqobe emibili lwadlala ngokulinga­na olwesibalo esifanayo. UJohnson uthe:

“Ngimdinga kakhulu uNyongo kwazise sivele siyaxega njengoba sicaca bha isikhala sikaMichae­l Morton odonsa isigwebo sekhadi elibomvu. Okubi wukuthi no-Ovidy Karuru usazohlala amasonto ayisi8 engadlali ngenxa yokulimala.” UJohnson ubalisa ngoNyongo nje, uzwakalise injabulo ngendlela ezakhe eziqale ngayo isizini. Kuzokhumbu­leka ukuthi lo

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UKULIMALA kukaTapelo Nyongo ongukapute­ni wamaZulu FC kumincise umqeqeshi wale kilabhu njengoba enabadlali ababili abamqoka angeke akwazi ukubabophe­la ngenxa yezizathu ezahlukene emdlalweni onzima neSuperSpo­rt United ngoMgqibel­o ekuhambeni.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UKULIMALA kukaTapelo Nyongo ongukapute­ni wamaZulu FC kumincise umqeqeshi wale kilabhu njengoba enabadlali ababili abamqoka angeke akwazi ukubabophe­la ngenxa yezizathu ezahlukene emdlalweni onzima neSuperSpo­rt United ngoMgqibel­o ekuhambeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa