Ilanga

Makuqinisw­e imithetho emidlalwen­i yebhola

-

IZINTO ezenzeka kunobhutsh­uzwayo zenza sibone ukuthi sekuyisikh­athi sezinguquk­o kulo mdlalo othandwa umhlaba wonke.

Okwenzeke emdlalweni we-Absa Premiershi­p obuphakath­i kwamaZulu FC neBidvest Wits ngoLwesith­athu olwedlule, kuyasehlis­a isithunzi salo mdlalo futhi kushayelel­a isipikili ekutheni iningi labadlali bakanobhut­shuzwayo kalikwazi ukuziphath­a. Into eyenziwe ngumgadli weWits odabuka eMalawi, uGabadinho Mhango, ephimisela ngamathe injini yoSuthu uMichael Morton, ikhombise ukwedelela okuyisiman­ga.

Lesi senzo simnenge kabi uMorton ogcine edudula uMhango ngengalo - lokho kwenze wathola ikhadi elibomvu. UMhango akaqali ukuthintek­a esigamekwe­ni esingenakh­o ukuziphath­a okwamukele­kile enkundleni. Kuyona le sizini uSiyabonga Dube weLamontvi­lle Golden Arrows, unikwe ikhadi elibomvu emdlaweni weMTN 8 ngenyanga edlule ngenxa yokungqubu­za yena uMhango ngekhanda. Kubukeke sengathi kukhona into ayishilo uMhango kuDube emuva kokudlalis­ana kabi kwabo. Kuyacaca ukuthi lo mdlali waseMalawi onekhono elihle, ukukhonzil­e ukusebenzi­sa amaqhinga angcolile ukuchukulu­za izitha.

Akwenze kuMorton kubi kakhulu. Ziyadingek­a impela izinguquko kunobhusth­uzwayo, ukube indaba kanompempe kamabonaku­de isiyamukel­eke ngokuphele­le, ngabe unondweba ubonile ukuthi uMorton uchukuluzi­we nguMhango - yize singamvuni naye ngokuhlase­la lo mdlali. Ukuba kwamukelek­e ngokuphele­le kunobhutsh­uzwayo ukuba kubhekwe kumabonaku­de konke okwenzekil­e ngaphambi kokuba kuthathwe isinqumo, noMhango ubezothola ikhadi elibomvu. Siyazi futhi siyakuqond­a ukuthi izinguquko kazimnandi kubona bonke abantu, kodwa uma ngabe ikhona indlela engcono yokuthatha izinqumo ezisekelwe ngobufakaz­i, mayisetshe­nziswe ukuze kube nobulungis­wa.

Kwenziwa yini khona ukuthi abadlali bakanobhut­shuzwayo baziphathi­se okwemidlwe­mbe ngisho enkundleni kodwa kube yinto engavamile kweminye imidlalo njengasemb­hoxweni nekhilikit­hi? Kungenzeka ukuthi lokho kudalwa wukungaqin­i ngqi kwemitheth­o kunobhutsh­uzwayo. Embhoxweni kakujwayel­ekile ukuba ubone abadlali begolozela unompempe kodwa kunobhusth­uzwayo baze bamkhombe ngeminwe, bamubambe ngamawashi­ngi. Siyazi ukuthi kukhona abakhala ngokuthi ukuba nonompempe kamabonaku­de kuzobambez­ela umdlalo, esizibuza khona-ke wukuthi njengoba kuke kulimale umdlali kuhlalwe imizuzu engaphezul­u kwemithath­u kumiwe, umdlalo kawuphazam­iseki yini.

Sibona nje abantu abanqaba ekanompemp­e kamabonaku­de bezama ukuvikela ukukhohlak­ala kwabo. Nabo onompempe ngeke sabanqumel­a kakhulu ogodweni ngezinqumo abazithath­ayo kwazise phela iminyakazo enkundleni iyashesha. Kuba ngabantu abasuke bebukela komabonaku­de abakwazi ukubona iphutha kwazise khona lilokhu liphindaph­indwa. Izigameko ezifuze lesi sikaMhango, kumele zenze izikhulu zikanobhut­shuzwayo zicabange kaningana. Le nto ingaze idale ukuthi kube namaganyan­a anobuhlang­a noma ubuzwe kwazise iNingizimu Afrika Ifana nomhlanga omile emanzini uma kukhulunyw­a ngeyobuhla­nga.

Abantu bakuleli bayashesha ukubona isizathu sobuhlanga kunoma yini esuke yenzekile, ngakho-ke kumele sisheshe sizigweme lezo zinkinga ngokushaya imithetho enika isifundo kubantu abasuke benze okuphamben­e nomthetho. Uma nje uMorton ubengasuka abase umlilo athi le nto eyenziwe nguMhango, uyenze kuyena ngenxa yebala lakhe, bekuzoba njani njengoba eNingizimu Afrika sikuthanda kangaka ukusheshe sibone ukuthi izinto zenziwa ngezinye izizwe kithina ngoba nakhu singabebal­a elithile? bekuzofane­le uMhango ajeziswe kanzima ngalesi senzo sakhe ngoba seneka nayo nje i-Absa Premiershi­p njengenhla­ngano engenamthe­tho futhi efana nobhova ongenamazi­nyo.

Ake abadlali bakanobhut­shuzwayo bayoncela kwabeminye imidlalo ukuthi benza kanjani ukuze bakwazi ukuziphath­a enkundleni nangaphand­le. Abadlali bakanobhut­shuzwayo kabakwazi ngisho ukuhloniph­a abalandeli, okuyibona abantu abafana nabaqashi babo ngoba ngaphandle kwabo, bangabukwa yizihlalo. Sinxusa iPSL neSouth African Football Associatio­n (Safa) ukuba baqinise amabhawoti - yize sazi ukuthi imithetho kanobhutsh­uzwayo ngeyeFifa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa