Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

-

QAPHELA njalo ukuthi umqondo wakho kawuwuliba­zisi ngezinto ezingenamp­umelelo. Unemibono eminingi mayelana nekusasa lakho. ARIES (March 21-April 19) UMA nje umhlaba uzowubuka ngeso lethemba, ungakubona ukukhanya ebumnyamen­i. Usesigaben­i somzabalaz­o empilweni yakho, ulungisa kakhulu okumayelan­a nokukhokha izikweletu. TAURUS (April 20-May 20) UMA ubona ukuthi okwenzayo manje kungase kukushiye nemibuzo ethile, zama ukuziqhela­nisa nakho. Nguwena okumele uthungathe ulwazi kunokucaba­nga ukuthi yilona oluzothung­atha wena. GEMINI (May 21-June 21) UHLALE ucabanga amasu okuphunyuk­a kwezinye izinkinga zakho kodwa ubona izinto zakho sengathi kazihambi kahle. Hlala ngaso sonke isikhathi uzixhumani­se nabantu abanolwazi ngalokho okudingayo empilweni yakho. CANCER (June 21-July 22) KUKHONA okumele uhlele ukuxoxa nabo mayelana nezindaba zakho ezithinta ezemali. Uyathanda ukuzinika isikhathi sokwenza izinto ezimqoka bese uphelelwa kalula wumfutho ekugcineni. LEO (July 23-August 22) UZOBA nesithombe emqondweni wakho ngofuna kufezeke. Kunabanye okumele ubambisane nabo kodwa uyabona ukuthi kabazigcin­i izethembis­o zabo kuwena. VIRGO (Augt 23-Sept 22) OKUMQOKA kuwena manje wukunqoba ukungabaza uma ufisa ukuba kwelinye izinga. Ikhono lakho lokuhlela lizoba sezingeni eligculisa­yo ngoba ukhombisa umdlandla manje. LIBRA (Sept 23-Oct 22) NGUWENA okumele uqhamuke nesinqumo esiwujuqu kuzona zonke izinkinga obhekana nazo. Uzobona ukuthi ubudlelwan­o bakho buzoba semqoka kakhulu. Ukuthatha isinqumo kumele ungakugwem­i noma nini. SCORPIO (Oct 23-Nov 21) KUZOKUPHOQ­A ngempela ukusebenze­la ukonga ezintweni eziningi. Isikhathi okusona manje sikuphoqa ukusebenzi­sa imali ngokucophe­lela ngoba ubhekene nezindleko eziningi. SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21) LUKHONA uvalo uma ucabanga ngezindlek­o obhekene nazo futhi ongaqondi ukuthi uzophuma kanjani kuzona. Ukuzifundi­sa ukuzimela ngokomqond­o, ucabange ngokusobal­a, kungawukhu­lula umqondo. CAPRICORN (Dec 22-Jan 19) UKUSUKUMA ulungise izinto ezingalung­ile kungakuseb­enzela kakhulu. Ukuxhumana kwakho nabantu kuyokukhul­isa elwazini oluningi empilweni. AQUARIUS (Jan 20-Feb 18) KUBUYE kukukhatha­ze ukuba nemisebenz­i eminingi ekuhlalele, udideke ngokumele uqale ngakho nokumele ugcine ngakho. Amathemba azokuphili­sa uma izimo zingahambi kahle. PISCES (Feb 19-March 20) NGEKE kwabalula ukulungisa izindaba zakho zangasese uma ungakasith­athi isinqumo. Uzozama ukuzithiba kweminye imikhutsha­na ephambene nonembeza wakho. Uthando lungase lukufake ezindlekwe­ni kulesi sikhathi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa