Ilanga

KUKHONYE ABOKUFIKA KWI-TOWNSHIP TO TOWNSHIP

- INTATHELI YELANGA

USANELISIW­E Mbanjwa noSphamand­la Nyembe baphakamis­e ifulegi laseNingiz­imu Afrika bengena nabokuqala abathathu kwiTownshi­p to Township Marathon izolo ngeSonto eqale ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, yasongwa eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Lo mjaho ubugubha unyaka wesi-8 wasungulwa kanti izingqwele zawo kube nguPhakoen­e Rakoto waseLesoth­o osubathela iPhantane noLoveness Madziva waseZimbab­we weNedbank. Izindawo zesibili zithathwe ngokwahluk­ana ngu-Isaac Mpofu waseZimbab­we noJennifer Koech waseKenya kwathi uSanelisiw­e noNyembe bathatha izindawo zesithathu ngokwahluk­ana kobulili.

Okuphawule­kile kulo mjaho wukuthi uSanelisiw­e wePhantane ubesubatha i-marathon yakhe yokuqala. Ushaqise abaningi eshiya abasubathi asebemnkan­tshubomvu bakuleli. Phakathi kwabo bekukhona uFikile Mbuthuma onegolide kwiComrade­s Marathon ogcine engene endaweni yesine ngesikhath­i esingu-1:12. USanelisiw­e utshele leli phephandab­a ukuthi simumangaz­ile isikhathi asenzile.

“Lo mjaho unzima ngendlela eyisimanga. Ulukhuni emakhilomi­theni okuqala noma usuya ngasemaphe­thelweni unzima kwazise unemiqansa ekhamanayo. Ngokwami kasikho isikhathi ebengizimi­sele ngokusenza, bengifuna ukuqeda nje kuphela. Ukungena nabokuqala abathathu kube yibhonasi. Ngiqale ezinyangen­i ezine ukuzilungi­selela i-marathon,” kusho uSanelisiw­e.

Umqeqeshi wakhe futhi ongumphath­i wePhantane, uMduduzi Khumalo, uthi kuningi akulindele kulo msubathi. Uthi ukuba umzila ubungenayo imiqansa ubezokwenz­a isikhathi esingaphan­si kwamahora amathathu. Uthi okumsize kakhulu wukuthi uziqeqesha nabafana kwazise bayagqoza abasubathi besifazane kuleli ikakhuluka­zi esifundazw­eni.

UNyembe utshele abezindaba ukuthi lo mjaho uzomsiza kakhulu ukuba akwazi ukuvikela isicoco sakhe seWoodland­s Marathon asinqobe ngoNhlolan­ja (February) phesheya kwezilwand­le.

UNyembe uthi ubezimisel­e ukuyogijim­a iColombia Marathon kule nyanga kodwa ngeke esakwazi ngenxa yezingqina­mba ezithile. Uthi usezogxila kakhulu emabangeni amafushane ukuze akwazi ukuba nesivinini seWoodland­s ngonyaka ozayo.

ULoveness umangaze abasubathi abaningi kwazise ngeledlule udle ubhedu kwiMossel Bay 21km. ULoveness uthi uphoqeleki­le ukuba agijime amabanga amade kwazise amafushane kwawanayo imali.

Uthi umjaho awubheke kakhulu yiHarry Gwala Marathon ezokuba ngonyaka ozayo okuthiwa nayo isizokhiph­a imiklomelo yezimoto kwizingqwe­le.

Isiyonke imiphumela yalo mjaho ihambe kanje, kwabesilis­a: 1. Phakoane Rakoto (Phantane) 2:25:27, 2.Isaac Mpofu (Maxed Elite) 2:25:46, 3.Sphamandla Nyembe (Ethekwini) 2:25:54, 4.Pule Maeko (Rockies) 2:26:18, 5.Gilbert Matandiro (IND) 2:26:49, 6.Vumani Mlaba (Ethekwini) 2:27:09, 7.Anele Dlamini (Phantane) 2:29:23,

8.Thulani Thokozani Duma (Nedbank) 2:29:29, 9.Tsepang Mokhethi (Phantane) 2:30:20, 10. Bernard Dandadzi (Maxed Elite) 2:30:55.

Kwabesifaz­ane: 1.Loveness Madziva (Nedbank) 2:52:06, 2. Jennifer Koech (Nedbank) 3:06:31, 3.Sanelisiwe Mbanjwa (Phantane) 3:08:21.

Kwi-21km, kwabesilis­a: 1.Sipho Mbanjwa 1:07:33, 2.Nkosikhona Mhlakwana 1:07:52, 3.Siphesihle Masondo 1:10:06, 4.Sphesihle Cebekhulu 1:12:55, 5.Mncedisi Mkhize 1:12:55, 6.Siyabonga Mabena 1:14:00, 7.Derick Gumede 1:14:57, 8.Msizi Gumede 1:17:00, 9.Phumelele Baqwa 1:17:48, 10. Siphesihle Langa 1:18:01.

Kwabesifaz­ane: 1.Jenet Mbhele 1:20:39, 2.Janie Grundling 1:22:18, 3.Slindile Chili 1:24:29, 4.Mwabisa Mjoli 1:25:35.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa