Uyabuya emculweni uThwalinja
UKUDUMA kakhulu eminyakeni edlule kweqembu aMashayina Amahle emculweni kamasikandi, kubathwese kanzima abaculi balolu hlobo lomculo, abanye bebethi bebengazitholi nezinkampani uma befuna zibaqophe bebuzwa ukuthi bazokwazi yini ukuvimba leli qembu emakethe.
Abazi kahle umculo kamasikandi, bazongifakazela ngokuthandwa kwaleli qembu ebelidlalwa ngapha nangapha emakhaya. Uma belikhiphe i-albhamu bekukhetha ukhethi.
AMashayina Amahle asungulwe yizinsizwa zaseMsinga, maphakathi neKwaZulu-Natal yize nje sesiside isikhathi egcinile ukubonakala ngenxa yezinkinga ahlangane nazo.
Ukushisa kwawo izikhotha kuze kwadamba ngesikhathi sodumo lwempi kaKhulekani “Mgqumeni” Khumalo noMtshengiseni “iNdidane” Gcwensa (abangasekho) ngoba wonke amehlo abesethe njo kubona.
Namhlanje ILANGA likuthatha likubeke ngomlando waleli qembu eliholwa nguMzofanayo “Thwalinja” Nsele odabuka kwaPharafina, isigodi khona eMsinga. UThwalinja bekuthi uma ezihasha ashaye ngamafushane, athi:
“Zasha phela kumathanga awalingani nawetshitshi,
Ntombi zimkhomba phansi naphezulu.
Khona eMsinga la ngiphuma khona, KwaPhalafina isigodi. Umful' engiwuphuzayo Ngiphuz' uNsange phakathi nawo.
Hhayi zisabanjwe yiyona njalo inkunzi emahliki Eyaqhamuka khona e-Alex Akhala wonke amabhungu athi Valelani izintombi zethu Nansi le nto isilana. Ngizihlaba naye umseshi wamaphoyisa Phansi esiteshini eDonidoni. Ubuthaphuthaphu bezandla Zibang' int' encane, Bakhuz' abadala bathi Kahleni bafana hhayi phambi kwethu. Kuseyiyona njalo iNgedlane Ngoba yadl' izinto zayo Kodwa mina ngithi Dilika stezi, Sithini isidudla uMesedisi.
UThwalinja uthi ubezidlalela ngobuciko uma ethi ungumathanga kawalingani nawetshitshi, kawukho umlando walezi zihasho. Uthi unguntombi zimkhomba phansi naphezulu ngoba ubesuke efuna ucu kuzona. Uma ziqhubeka izihasho, uthi usuke ehasha izinsizwa abesebenza nazo. Leli qembu lisungulwe ngonyaka wezi-1992 nguThwalinja, uMbuyiswa Dladla waseBathenjini noNgedlane Mkhize waseMachunwini khona eMsinga obedume kakhulu kulona ngokudlala inkostina.
Umlando walo kakulula ukuba ucishe ngenxa yengoma yalo enamandla ebithandwa izwe lonke. Baningi abathi umasikandi bawulandele ngenxa yomculo waMashayina Amahle. Leli qembu liphelelwe ngamandla emuva kokushona kwamalunga alo amabili.
Engxoxweni yeLANGA noThwalinja, uthe ukuqala kwabo lo mculo bebengazitsheli ukuthi uzogcina usuthandwa. Uthi nakuba ebewuthanda umasikandi esemncane - elandela kakhulu iqembu Amashosha - kodwa bekungekho emqondweni wakhe ukuthi uzocula.
Utshele leli phephandaba ukuthi uqale ukufunda isigingci esafunda eBatshazwayo High School khona eMsinga - ushiye efunda uGrade 9 wayofuna amatoho eGoli.
Uthi kuthe uma efika eGoli waqhubeka wazikhalisela isigingci sakhe abesifundiswe nguMnu Mbazo Mchunu wangakubo eMsinga. “Bekuthi uma ngibuya esikoleni ngivakashele ubaba uMchunu, angiqeqeshe kwaze kwaba ngiya eGoli sengiyosebenza. Ngifike ehostela ngalokhu ngizikhalisela intambo yami kanti kukhona abayithandayo bathi ma- ngiqophe ngoba iphimbo lami limnandi.
"Ngihlangane neNgedlane sificana khona eGoli saziqala izingxoxo zokuthi makube khona esikwenzayo ngoba ubesengitshelile ukuthi naye uyakwazi ukudlala inkostina.
"Kwaba khona enye insizwa yangakubo kaMbuyiswa emcelele ukuba sizame naye le nto yomculo ngoba unekhono, inkinga usebenza nelinye iqembu laseNkandla elibhimbayo.
"Ufikile kimina uMbuyiswa wethulwa saqala sazama ukuhlanganisa ingoma. Siyenzile i- demo yethu sayinikeza iqembu oMthenjwa, okuyilona elisiphasisile sasebenza ngaphansi kwalo yaphuma i-albhamu yethu yokuqala ebithi “uSbali” ngowe1995.
"Le albhamu bayithande kakhulu abantu saqhubeka nokusebenzisana nabo oMthenjwa kwaze kwaba siyayeka ngoba singaboni kahle kwezemali,” kusho uThwalinja.
Uthi emuva kwalokho bangene ngaphansi kweZingane Zoma Music Production. Utshele ILANGA ukuthi ama-albhamu abawenze kule nkampani okubalwa kuwona ethi “Ngeke Ngikhohlwe" ethi “Inyokana Eluhlazana" nethi "Soweto" ebidume kakhulu kodwa imali kayibonakalanga.
"Kasihlalanga isikhathi eside ngoba sixhaphazeke kakhulu emalini, izikhulu zakhona bezithenga amatekisi ngamabili thina singenalutho, singakhohliswa nangemotshwana saze sangena ngaphansi kweCool Sport Music okuyilapho siqale khona ukubona imali elinganiselwa ku-R80 000 sinikezwa yona ngokudayisa kwethu.
"Emuva kwalokhu sizimelile, savula inkampani nathi sayibona imali,” kusho uThwalinja. Ngokuhamba kwesikhathi kube nokungaboni ngasolinye kuleli qembu, uNgedlane washiya wenza elakhe iqembu.
"Udlule emhlabeni esezimele. Aqhubekile Amashayina Amahle kwathi emuva konyaka wezi-2010 kade ekhiphe i-albhamu ethi “Zodwa” kwabe sekushona uMbuyiswa obecula indlela yokuqala, okuthiwa uzikhiphe ngewindi esibhedlela esizimele eGoli kade esegule isikhathi eside.
"Kuqale lapho ukuba iqembu libhekane nezinkinga kwagcina kuphelile ngalo kwathi ngowezi-2013 uThwalinja wavaleka amehlo, kuze kube yimanje akaboni, usehlala ekhaya kubo eMsinga uyadonswa uma ephumela emnyango.
Utshele ILANGA ukuthi sekuzanywe konke elashwa kodwa odokotela bathi kakukho lutho. Ngokuthola kwaleli phephandaba, unina kaThwalinja kuthe esethatha isinqumo sokusindiswa kwaba khona izinto azenzayo kwaNsele okubikwa ukuthi amadlozi afuna zilungiswe ukuze kulapheke leli ciko.
Kubikwa ukuthi unina ushaya phansi ngonyawo kwazise akasahlangani nokuthethwa kwedlozi. Nyakenye libikile ILANGA ukuthi umndeni uzamile ukuxoxa nonina kaThwalinja kodwa wala waphetha ukuba kwenziwe izinto zesintu.
UThwalinja utshele ILANGA ukuthi usezinhlelweni zokukhuza ibuya emculweni njengoba esaqeqesha ozomculela indlela yokuqala, kulindeleke ukuba akhiphe i-albhamu ngoZibandlela (December). Unamadodana amabili namadodakazi amabili.