Ilanga

Uyabuya emculweni uThwalinja

- ZISHO NTANGAYAMA­SHINGA: mthobisis@ilanganews.co.za

UKUDUMA kakhulu eminyakeni edlule kweqembu aMashayina Amahle emculweni kamasikand­i, kubathwese kanzima abaculi balolu hlobo lomculo, abanye bebethi bebengazit­holi nezinkampa­ni uma befuna zibaqophe bebuzwa ukuthi bazokwazi yini ukuvimba leli qembu emakethe.

Abazi kahle umculo kamasikand­i, bazongifak­azela ngokuthand­wa kwaleli qembu ebelidlalw­a ngapha nangapha emakhaya. Uma belikhiphe i-albhamu bekukhetha ukhethi.

AMashayina Amahle asungulwe yizinsizwa zaseMsinga, maphakathi neKwaZulu-Natal yize nje sesiside isikhathi egcinile ukubonakal­a ngenxa yezinkinga ahlangane nazo.

Ukushisa kwawo izikhotha kuze kwadamba ngesikhath­i sodumo lwempi kaKhulekan­i “Mgqumeni” Khumalo noMtshengi­seni “iNdidane” Gcwensa (abangasekh­o) ngoba wonke amehlo abesethe njo kubona.

Namhlanje ILANGA likuthatha likubeke ngomlando waleli qembu eliholwa nguMzofana­yo “Thwalinja” Nsele odabuka kwaPharafi­na, isigodi khona eMsinga. UThwalinja bekuthi uma ezihasha ashaye ngamafusha­ne, athi:

“Zasha phela kumathanga awalingani nawetshits­hi,

Ntombi zimkhomba phansi naphezulu.

Khona eMsinga la ngiphuma khona, KwaPhalafi­na isigodi. Umful' engiwuphuz­ayo Ngiphuz' uNsange phakathi nawo.

Hhayi zisabanjwe yiyona njalo inkunzi emahliki Eyaqhamuka khona e-Alex Akhala wonke amabhungu athi Valelani izintombi zethu Nansi le nto isilana. Ngizihlaba naye umseshi wamaphoyis­a Phansi esiteshini eDonidoni. Ubuthaphut­haphu bezandla Zibang' int' encane, Bakhuz' abadala bathi Kahleni bafana hhayi phambi kwethu. Kuseyiyona njalo iNgedlane Ngoba yadl' izinto zayo Kodwa mina ngithi Dilika stezi, Sithini isidudla uMesedisi.

UThwalinja uthi ubezidlale­la ngobuciko uma ethi ungumathan­ga kawalingan­i nawetshits­hi, kawukho umlando walezi zihasho. Uthi unguntombi zimkhomba phansi naphezulu ngoba ubesuke efuna ucu kuzona. Uma ziqhubeka izihasho, uthi usuke ehasha izinsizwa abesebenza nazo. Leli qembu lisungulwe ngonyaka wezi-1992 nguThwalin­ja, uMbuyiswa Dladla waseBathen­jini noNgedlane Mkhize waseMachun­wini khona eMsinga obedume kakhulu kulona ngokudlala inkostina.

Umlando walo kakulula ukuba ucishe ngenxa yengoma yalo enamandla ebithandwa izwe lonke. Baningi abathi umasikandi bawulandel­e ngenxa yomculo waMashayin­a Amahle. Leli qembu liphelelwe ngamandla emuva kokushona kwamalunga alo amabili.

Engxoxweni yeLANGA noThwalinj­a, uthe ukuqala kwabo lo mculo bebengazit­sheli ukuthi uzogcina usuthandwa. Uthi nakuba ebewuthand­a umasikandi esemncane - elandela kakhulu iqembu Amashosha - kodwa bekungekho emqondweni wakhe ukuthi uzocula.

Utshele leli phephandab­a ukuthi uqale ukufunda isigingci esafunda eBatshazwa­yo High School khona eMsinga - ushiye efunda uGrade 9 wayofuna amatoho eGoli.

Uthi kuthe uma efika eGoli waqhubeka wazikhalis­ela isigingci sakhe abesifundi­swe nguMnu Mbazo Mchunu wangakubo eMsinga. “Bekuthi uma ngibuya esikoleni ngivakashe­le ubaba uMchunu, angiqeqesh­e kwaze kwaba ngiya eGoli sengiyoseb­enza. Ngifike ehostela ngalokhu ngizikhali­sela intambo yami kanti kukhona abayithand­ayo bathi ma- ngiqophe ngoba iphimbo lami limnandi.

"Ngihlangan­e neNgedlane sificana khona eGoli saziqala izingxoxo zokuthi makube khona esikwenzay­o ngoba ubesengits­helile ukuthi naye uyakwazi ukudlala inkostina.

"Kwaba khona enye insizwa yangakubo kaMbuyiswa emcelele ukuba sizame naye le nto yomculo ngoba unekhono, inkinga usebenza nelinye iqembu laseNkandl­a elibhimbay­o.

"Ufikile kimina uMbuyiswa wethulwa saqala sazama ukuhlangan­isa ingoma. Siyenzile i- demo yethu sayinikeza iqembu oMthenjwa, okuyilona elisiphasi­sile sasebenza ngaphansi kwalo yaphuma i-albhamu yethu yokuqala ebithi “uSbali” ngowe1995.

"Le albhamu bayithande kakhulu abantu saqhubeka nokusebenz­isana nabo oMthenjwa kwaze kwaba siyayeka ngoba singaboni kahle kwezemali,” kusho uThwalinja.

Uthi emuva kwalokho bangene ngaphansi kweZingane Zoma Music Production. Utshele ILANGA ukuthi ama-albhamu abawenze kule nkampani okubalwa kuwona ethi “Ngeke Ngikhohlwe" ethi “Inyokana Eluhlazana" nethi "Soweto" ebidume kakhulu kodwa imali kayibonaka­langa.

"Kasihlalan­ga isikhathi eside ngoba sixhaphaze­ke kakhulu emalini, izikhulu zakhona bezithenga amatekisi ngamabili thina singenalut­ho, singakhohl­iswa nangemotsh­wana saze sangena ngaphansi kweCool Sport Music okuyilapho siqale khona ukubona imali elinganise­lwa ku-R80 000 sinikezwa yona ngokudayis­a kwethu.

"Emuva kwalokhu sizimelile, savula inkampani nathi sayibona imali,” kusho uThwalinja. Ngokuhamba kwesikhath­i kube nokungabon­i ngasolinye kuleli qembu, uNgedlane washiya wenza elakhe iqembu.

"Udlule emhlabeni esezimele. Aqhubekile Amashayina Amahle kwathi emuva konyaka wezi-2010 kade ekhiphe i-albhamu ethi “Zodwa” kwabe sekushona uMbuyiswa obecula indlela yokuqala, okuthiwa uzikhiphe ngewindi esibhedlel­a esizimele eGoli kade esegule isikhathi eside.

"Kuqale lapho ukuba iqembu libhekane nezinkinga kwagcina kuphelile ngalo kwathi ngowezi-2013 uThwalinja wavaleka amehlo, kuze kube yimanje akaboni, usehlala ekhaya kubo eMsinga uyadonswa uma ephumela emnyango.

Utshele ILANGA ukuthi sekuzanywe konke elashwa kodwa odokotela bathi kakukho lutho. Ngokuthola kwaleli phephandab­a, unina kaThwalinj­a kuthe esethatha isinqumo sokusindis­wa kwaba khona izinto azenzayo kwaNsele okubikwa ukuthi amadlozi afuna zilungiswe ukuze kulapheke leli ciko.

Kubikwa ukuthi unina ushaya phansi ngonyawo kwazise akasahlang­ani nokuthethw­a kwedlozi. Nyakenye libikile ILANGA ukuthi umndeni uzamile ukuxoxa nonina kaThwalinj­a kodwa wala waphetha ukuba kwenziwe izinto zesintu.

UThwalinja utshele ILANGA ukuthi usezinhlel­weni zokukhuza ibuya emculweni njengoba esaqeqesha ozomculela indlela yokuqala, kulindelek­e ukuba akhiphe i-albhamu ngoZibandl­ela (December). Unamadodan­a amabili namadodaka­zi amabili.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? AMASHAYINA Amahle yiqembu elihlonish­wayo kwezomculo wesintu.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E AMASHAYINA Amahle yiqembu elihlonish­wayo kwezomculo wesintu.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa