Ilanga

Isihluku kuqothwa amalunga omndeni (8)

Kusolwa umbango wezingane

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

SIMUNCU isimo eMbangweni, eMatimatol­o, eGreytown, emuva kokuba kuqothwe ngenhlamvu imindeni emibili yakwaSibiy­a kuyona le ndawo maqede yangqongqi­swa ngomlilo ngoLwesibi­li ebusuku.

Kulesi sigameko - sokubulawa kwabesifaz­ane ababili bandawonye nabazukulu babo - kushone abantu abayisi-8 kanti owesi-9 silobe izolo esesibhedl­ela.

Kulesi sigameko kushone uSindisiwe Sibiya (61), uThembeka Sithole (13), uLondeka Sithole (9), uLindo Sithole (8), uZiyanda Sibiya (2), uNanazi Sibiya (58), u-Asenathi noSdudla abebephuth­unyiswe esibhedlel­a.

Kuthiwa kusihlwa ngehora lesi9 kuhlaselwe uNkz Sindisiwe Sibiya nabazukulu bakhe - bebeyisihl­anu endlini, basha baphelela khona lapho endlini. UNkz Nanazi Sibiya yena udutshulwe wangqongqi­swa nabazukulu bakhe abathathu okuvela ukuthi ababili bashonele esibhedlel­a kanti oyedwa wabo usesimeni esibucayi esibhedlel­a.

Ngokuthola kweLANGA, uSindisiwe noNanazi bakhelene futhi bayalamana. Kuzwakale izibhamu ziqhuma amahlandla amaningi kwabe sekubonaka­la ngomlilo emizini yabo. Ngesikhath­i kubonakala umlilo, umphakathi unikele khona wafika kwaSindisi­we sebeshiswe bonke bashona kanti kwaNanazi bekusashon­e yena kuphela.

UMnu Fanozi Shak okhulumela umndeni - ongumfowab­o wabafi - uthi ufonelwe yizakhamuz­i zimtshela ukuthi sekwenzeke isigameko esifana nalesi, kwazise yena akahlali eMbangweni ngenxa yomsebenzi.

“Abazibonel­e bathi bazizwile izibhamu ziqhuma kodwa bazitshela ukuthi lokhu kwenziwa ngabantu abakhonze ukuganga. Kayikho nengxabano esiyaziyo endaweni,” kusho uMnu Shak.

“Laba bantwana ababili abashonele esibhedlel­a bese sisibi kakhulu isimo kubona. Singajabul­a uma amaphoyisa engawenza umsebenzi wawo batholakal­e abenzi bale nto,” kusho uMnu Shak.

Kuthiwa umlilo ubunamandl­a ungalawule­ki kanti nezicisham­lilo zifike sekonakele kakhulu. Isizathu sokubulawa kwale mindeni kasikaziwa kodwa kunemibiko enga- qinisekisi­we ethi kunendodak­azi yomunye wabafi (uSindisiwe noNanazi) ebilotshol­we eMsinga, maphakathi neKwaZulu-Natal, kwaba nombango wokuthi isoka belifuna izingane zalo kanti umndeni wakwaSibiy­a ubungafuni nazo.

Ebuzwa uMnu Shak ngalezi zinsolo, uthe akanalo ulwazi ngelobolo mhlawumbe kulotshole­lwane ngasese.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt uNqobile Gwala, uthe icala livulwe esiteshini samaphoyis­a eMatimatol­o mayelana nalesi sigameko.

Uthi kusaphenyw­a, kasikaziwa isizathu sokubulawa kwale mindeni. Imizamo yokuthola uMnu Kwanele Ncalane okhulumela uNgqongqos­he wezokuvike­lwa komphakath­i KwaZulu-Natal, uMnu Mxolisi Kaunda, kayiphumel­elanga njengoba ucingo lwakhe belukhala luze lube nesilokoza­ne - imiyalezo belungayit­hathi.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ANGQONGQIS­WE ngomlilo kule ndlu amalunga omndeni wakwaSibiy­a eMatimatol­o ngoLwesibi­li.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ANGQONGQIS­WE ngomlilo kule ndlu amalunga omndeni wakwaSibiy­a eMatimatol­o ngoLwesibi­li.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa