UDALULA OKUMENZE ISAHLULEKI KWI-PIRATES
IBHOLA: Usola nabadlali bayo abadala ngokuba...
UMDLALI osemncane weFree State Stars udalula into ebulala i-Orlando Pirates abedlala kuyona azwakalise ukuthi uma inganqandwa nakanjani le kilabhu isazoqhubeka nokudonsa kanzima ngisho ingalanda muphi umqeqeshi.
USello Jaftha (22) ushaye ibuya kwiFree State Stars emuva kokuba ubethengwe yiPirates ngasekuqaleni kwesizini eyedlule. Ufike kuyona waphenduka ifenisha, isikimu esizwa ngendaba. Ibe isimubolekisa kwiChippa United nakhona kwayinto efanayo. IPirates inqume ukumudedela wabuyela kwiFree State Stars okuyiyona emuveze ebholeni elikhokhelayo.
Lo mdlali engxoxweni abe nayo naleli phephandaba, uxwayise abadlali abasebancane ngobungozi bokujoyina la makilabhu okuthiwa makhulu ekubeni lungakaqini ngokwanele ukhakhayi, waphinda waveza isizathu akholwa wukuthi sibulala iBucs.
“Ngicishe ngalibulala ikusasa lami, iPirates ingisayinise ngivutha bhe kwiFree State futhi ngidlala naseqenjini lesizwe elincane kodwa ngafika kuyona kwashabalala konke lokho. Manje kufana nokuthi ngiqala phansi. IPirates ingibuyisele emuva. Ungafunga ukuthi kangikaze ngilidlale ibhola ngendlela engiyiyona.
“Ngiyabaxwayisa abafana abangangami ukuba bangagagameli ukusayiniswa yila makilabhu amakhulu ngoba iyashisa insimbi, kakudlalwa. Kungcono uma ukhulele esikhungweni sawo sokuthuthukisa ibhola. Uma uqhamuka ngaphandle ubandlululwa ngenye indlela.
“Nokho into ebulala kakhulu iPirates wukuthi kunabadlali osekufana nokuthi yisemakubo kuyona abadlala ngisho behlelwe yifomu, abanganyakaziswa nakancane.
"Ngeke ngibasho ngamagama kodwa uma ufika uthwala kanzima ngoba uyatshelwa ukuthi ngobani okungasondelwa kubona. Yingakho kuba nzima kubadlali abasha ukuthi bafike bazibonakalise.
“Nginethemba lokuthi lo mqeqeshi ofikile uzoyilungisa le nto kodwa ngisababona abanye babo esikimini okungishayisa ngovalo.
"Abantu bangakhohliseki yindlela lo mqeqeshi aqale kahle ngayo, uma ukhumbula kahle noMuhsin Ertugral efika uqale kahle engahlulwa zajika izinto esebhudluzwa. Phela uma kufika umqeqeshi omusha laba badlali bakhuphula amasokisi ngenye indlela bathi bangamjwayela nje zijike izinto,” kusho uJaftha.
Limbuza leli phephandaba ukuthi ngabe uzibona eyisahluleki yini njengoba eze wahamba kwiPirates engasitholi isikimu, uthe: “Ngeke ngithi ngiyisahluleki ngoba kangizange ngilinikwe ithuba lokudlala.
"Uba yisahluleki kanjani ungazange udlaliswe? Kodwa-ke ngiyafisa ukuphindela khona ngelinye ilanga seluqine kahle ukhakhayi lwami.”