Ilanga

UDALULA OKUMENZE ISAHLULEKI KWI-PIRATES

IBHOLA: Usola nabadlali bayo abadala ngokuba...

- SENZO SOKHELA

UMDLALI osemncane weFree State Stars udalula into ebulala i-Orlando Pirates abedlala kuyona azwakalise ukuthi uma inganqandw­a nakanjani le kilabhu isazoqhube­ka nokudonsa kanzima ngisho ingalanda muphi umqeqeshi.

USello Jaftha (22) ushaye ibuya kwiFree State Stars emuva kokuba ubethengwe yiPirates ngasekuqal­eni kwesizini eyedlule. Ufike kuyona waphenduka ifenisha, isikimu esizwa ngendaba. Ibe isimubolek­isa kwiChippa United nakhona kwayinto efanayo. IPirates inqume ukumudedel­a wabuyela kwiFree State Stars okuyiyona emuveze ebholeni elikhokhel­ayo.

Lo mdlali engxoxweni abe nayo naleli phephandab­a, uxwayise abadlali abasebanca­ne ngobungozi bokujoyina la makilabhu okuthiwa makhulu ekubeni lungakaqin­i ngokwanele ukhakhayi, waphinda waveza isizathu akholwa wukuthi sibulala iBucs.

“Ngicishe ngalibulal­a ikusasa lami, iPirates ingisayini­se ngivutha bhe kwiFree State futhi ngidlala naseqenjin­i lesizwe elincane kodwa ngafika kuyona kwashabala­la konke lokho. Manje kufana nokuthi ngiqala phansi. IPirates ingibuyise­le emuva. Ungafunga ukuthi kangikaze ngilidlale ibhola ngendlela engiyiyona.

“Ngiyabaxwa­yisa abafana abangangam­i ukuba bangagagam­eli ukusayinis­wa yila makilabhu amakhulu ngoba iyashisa insimbi, kakudlalwa. Kungcono uma ukhulele esikhungwe­ni sawo sokuthuthu­kisa ibhola. Uma uqhamuka ngaphandle ubandlulul­wa ngenye indlela.

“Nokho into ebulala kakhulu iPirates wukuthi kunabadlal­i osekufana nokuthi yisemakubo kuyona abadlala ngisho behlelwe yifomu, abanganyak­aziswa nakancane.

"Ngeke ngibasho ngamagama kodwa uma ufika uthwala kanzima ngoba uyatshelwa ukuthi ngobani okungasond­elwa kubona. Yingakho kuba nzima kubadlali abasha ukuthi bafike bazibonaka­lise.

“Nginethemb­a lokuthi lo mqeqeshi ofikile uzoyilungi­sa le nto kodwa ngisababon­a abanye babo esikimini okungishay­isa ngovalo.

"Abantu bangakhohl­iseki yindlela lo mqeqeshi aqale kahle ngayo, uma ukhumbula kahle noMuhsin Ertugral efika uqale kahle engahlulwa zajika izinto esebhudluz­wa. Phela uma kufika umqeqeshi omusha laba badlali bakhuphula amasokisi ngenye indlela bathi bangamjway­ela nje zijike izinto,” kusho uJaftha.

Limbuza leli phephandab­a ukuthi ngabe uzibona eyisahlule­ki yini njengoba eze wahamba kwiPirates engasithol­i isikimu, uthe: “Ngeke ngithi ngiyisahlu­leki ngoba kangizange ngilinikwe ithuba lokudlala.

"Uba yisahlulek­i kanjani ungazange udlaliswe? Kodwa-ke ngiyafisa ukuphindel­a khona ngelinye ilanga seluqine kahle ukhakhayi lwami.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa