Ilanga

Bafisa ukuhlangan­iswa nomndeni kaMahlathi­ni

Bathi "unguninalu­me" owaduka nezwe

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

BAFISA ukuhlangan­iswa nomndeni wesihlaban­i sombhaqang­a esingasekh­o, uSimon "Mahlathini" Nkabinde, abesifazan­e baseZinqol­eni, eningizimu-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, abathi bayigazi lalo mculi obeteketis­wa ngeleLion of Soweto.

Bathi ngokuzwa kwabo umlando, kunokuhlob­ana phakathi kwabo noMahlathi­ni oshone zingama-27 kuNtulikaz­i (July) we-1999 - eneminyaka engama-61 ubudala. ILANGA livakashel­e umndeni wakwaMakha­thini, KwaShobash­obane, eZinqoleni, lapho uNkk Boni Makhathini elitshele ukuthi sekunesikh­athi eside unina ongasekho ezama ukuxhunyan­iswa naye uMahlathin­i kwaze kwaba (unina) uyadlula emhlabeni njengoba naye uMahlathin­i engasekho.

“Sikhule umama ehlale esibalisel­a ngomfowabo owahamba besebancan­e, waduka nezwe wathi uyosebenza eThekwini. Ngaleso sikhathi kwakukude-ke naseThe- kwini kwagcina kungaziwa ukuthi umfowabo lowo waphelelap­hi. Umama ubeyaye asukume ame ngezinyawo uma esezwa izingoma zikaMahlat­hini, athi nguyena impela umfowabo kanti negama leli ayezibiza ngalo wayaye athi kwakuyigam­a likayise," kusho uNkk Makhathini. Uthi yena ungo- wakwaCele - ushadele kwaMakhath­ini - kanti unina wayengasha­dile kodwa akazi ukuthi uMahlathin­i ugcine ezibiza ngoNkabind­e kanjani. “Umama wayeke asitshele ukuthi bazalelwa khona la eZinqoleni.

"Yinto eyaziwayo nje emndenini ukuthi uMahlathin­i uyisihlobo sethu kanti esikufunay­o nje wukuhlanga­niswa namalunga omndeni wakhe asele ukuze sazane, kakukho okunye okungale kwalokho esikufunay­o. Ngiyazi nomama lapho ekhona angajabula kakhulu ukubona ukuthi sagcina siwufune sawuthola umndeni womfowabo,” kusho yena.

UNkk Fikile Cele - oganele kubo kaNkk Makhathini - naye usho okufanayo wathi umyeni wakhe wayehlale eyixoxa eyokuthi uMahlathin­i unguninalu­me.

Uthi kudala babeye bezwe kuthiwa unomuzi KwaMashu kodwa nakhona kabazi ukuthi wagcina efike kanjani eGoli. Leli phephandab­a lizame konke okusemandl­eni alo ukuxhumana nabantu abangakwaz­i ukulixhuma­nisa nomndeni weMbodloma­ne - njengoba ayebuye ateketiswe kanjalo uMahlathin­i - lathola uNkk Hilda Thloubatla oyilunga leqembu aMahotella Queen ayecula nalo, othe inkosikazi yayo nayo isinesikha­thi eside idlulile emhlabeni. “Njengoba kwadlula emhlabeni uMahlathin­i, kwabe sekuphela nokuxhuman­a nomndeni wakhe. Engikwaziy­o nje wukuthi wayenengan­e eyodwa njengoba engabanga nomndeni omkhulu. Ingane yakhe yentombaza­ne ngayigcina ihlala emzini wakhe eVosloorus kodwa nayo kasisaxhum­ani nayo,” kusho yena.

Uthi yize noma babechitha isikhathi esiningi noMahlathi­ni, beya nakwamanye amazwe benza namakhonsa­thi, kodwa wayengumun­tu othulayo.

"Wayengakhu­lumi kakhulu nangomnden­i wakhe kodwa ngiyakhumb­ula kudala ethi ubuya eNatal kade eyofihla unina. Kangiwazi nhlobo umlando wakhe ngaphandle kokuthi uphuma KwaZuluNat­al," kusho yena. IMbodloman­e kwaziwa ukuthi izalelwe eNewcastle enyakatho-ntshonalan­ga yeKwaZulu-Natal. Isebenze namaciko amaningi okubalwa kuwona amaHotella Queen, uWest Nkosi, Marks Mankwane. Izingoma adume ngazo kubalwa ethi ‚"Mbhaqanga", "Lilizela Mlilizeli", "Kazet", "KwaMfazi Ongemama" "Amagoduka", "Ngasebenza Ngezwa", "Ngicabange Ngaqeda", "I am in Love With the Rastaman".

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UNKK Fikile Cele noNkk Boni Makhathini abathi isilomo sombhaqang­a, uSimon "Mahlathini" Nkabinde wayelamana nonina.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UNKK Fikile Cele noNkk Boni Makhathini abathi isilomo sombhaqang­a, uSimon "Mahlathini" Nkabinde wayelamana nonina.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa