Bafisa ukuhlanganiswa nomndeni kaMahlathini
Bathi "unguninalume" owaduka nezwe
BAFISA ukuhlanganiswa nomndeni wesihlabani sombhaqanga esingasekho, uSimon "Mahlathini" Nkabinde, abesifazane baseZinqoleni, eningizimu-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, abathi bayigazi lalo mculi obeteketiswa ngeleLion of Soweto.
Bathi ngokuzwa kwabo umlando, kunokuhlobana phakathi kwabo noMahlathini oshone zingama-27 kuNtulikazi (July) we-1999 - eneminyaka engama-61 ubudala. ILANGA livakashele umndeni wakwaMakhathini, KwaShobashobane, eZinqoleni, lapho uNkk Boni Makhathini elitshele ukuthi sekunesikhathi eside unina ongasekho ezama ukuxhunyaniswa naye uMahlathini kwaze kwaba (unina) uyadlula emhlabeni njengoba naye uMahlathini engasekho.
“Sikhule umama ehlale esibalisela ngomfowabo owahamba besebancane, waduka nezwe wathi uyosebenza eThekwini. Ngaleso sikhathi kwakukude-ke naseThe- kwini kwagcina kungaziwa ukuthi umfowabo lowo waphelelaphi. Umama ubeyaye asukume ame ngezinyawo uma esezwa izingoma zikaMahlathini, athi nguyena impela umfowabo kanti negama leli ayezibiza ngalo wayaye athi kwakuyigama likayise," kusho uNkk Makhathini. Uthi yena ungo- wakwaCele - ushadele kwaMakhathini - kanti unina wayengashadile kodwa akazi ukuthi uMahlathini ugcine ezibiza ngoNkabinde kanjani. “Umama wayeke asitshele ukuthi bazalelwa khona la eZinqoleni.
"Yinto eyaziwayo nje emndenini ukuthi uMahlathini uyisihlobo sethu kanti esikufunayo nje wukuhlanganiswa namalunga omndeni wakhe asele ukuze sazane, kakukho okunye okungale kwalokho esikufunayo. Ngiyazi nomama lapho ekhona angajabula kakhulu ukubona ukuthi sagcina siwufune sawuthola umndeni womfowabo,” kusho yena.
UNkk Fikile Cele - oganele kubo kaNkk Makhathini - naye usho okufanayo wathi umyeni wakhe wayehlale eyixoxa eyokuthi uMahlathini unguninalume.
Uthi kudala babeye bezwe kuthiwa unomuzi KwaMashu kodwa nakhona kabazi ukuthi wagcina efike kanjani eGoli. Leli phephandaba lizame konke okusemandleni alo ukuxhumana nabantu abangakwazi ukulixhumanisa nomndeni weMbodlomane - njengoba ayebuye ateketiswe kanjalo uMahlathini - lathola uNkk Hilda Thloubatla oyilunga leqembu aMahotella Queen ayecula nalo, othe inkosikazi yayo nayo isinesikhathi eside idlulile emhlabeni. “Njengoba kwadlula emhlabeni uMahlathini, kwabe sekuphela nokuxhumana nomndeni wakhe. Engikwaziyo nje wukuthi wayenengane eyodwa njengoba engabanga nomndeni omkhulu. Ingane yakhe yentombazane ngayigcina ihlala emzini wakhe eVosloorus kodwa nayo kasisaxhumani nayo,” kusho yena.
Uthi yize noma babechitha isikhathi esiningi noMahlathini, beya nakwamanye amazwe benza namakhonsathi, kodwa wayengumuntu othulayo.
"Wayengakhulumi kakhulu nangomndeni wakhe kodwa ngiyakhumbula kudala ethi ubuya eNatal kade eyofihla unina. Kangiwazi nhlobo umlando wakhe ngaphandle kokuthi uphuma KwaZuluNatal," kusho yena. IMbodlomane kwaziwa ukuthi izalelwe eNewcastle enyakatho-ntshonalanga yeKwaZulu-Natal. Isebenze namaciko amaningi okubalwa kuwona amaHotella Queen, uWest Nkosi, Marks Mankwane. Izingoma adume ngazo kubalwa ethi ‚"Mbhaqanga", "Lilizela Mlilizeli", "Kazet", "KwaMfazi Ongemama" "Amagoduka", "Ngasebenza Ngezwa", "Ngicabange Ngaqeda", "I am in Love With the Rastaman".