Ilanga

Udephunwe yizinja zomqashi washona

Umqashi ubuze ukuthi umufi akanazifo ezizothele­la izinja

- SKHOSIPHI MTHEMBU

ZIYAQAQAMB­A izinhliziy­o zomndeni wowesilisa waseBahhed­le, eGingindlo­vu, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal, olunywe yizinja zomqashi wakhe washona, maqede wabuzwa ukuthi ubengenaso yini isifo esithelela­nayo - ukuze zizohlolwa ukuthi kazithelel­ekanga yini.

Kuthiwa ngumqashi kaMnu Khulekani Mthembu (33), obuze lokhu emndenini wakwaMthem­bu. Lo mndeni uthi ufuna amaphoyisa aphenyisis­e ngoba kaweneme neze ngencazelo oyitholayo ngokushona kukaMnu Mthembu, edephunwa yizinja esemsebenz­ini.

Kubikwa ukuthi zimdephune umzimba wonke waphuthuny­iswa esibhedlel­a, okuyilapho eshonele khona. UNkz Greta Mthembu, ongudadewa­bo kamufi, uthi namanje basenemibu­zo ngokushona komfowabo ngale ndlela. Uthi ubesenemin­yaka esebenza kule ndawo eseMhlali, enyakatho yeTheku kanti nezinja ezimlumile besezimjwa­yele ngoba ubegada zona, eziphakela.

“Ngelanga lesigameko sitshelwe ukuthi ubeyozikhu­lula njengoba ubejwayele ukwenza uma sekuntamba­ma, zabe seziyamlum­a. Kuyasidida lokho ngoba umfowethu ubenesikha­thi lezi zinja esebenza ngazo. Okwenza sidideke kakhulu, kumakhalek­hukhwini wakhe sithole umqhafazo awuthunyel­elwe ngumqashi ngaphambi kokuba ahlaselwe yizinja.

Kulo mqhafazo, bekukhona amagama alumelayo angehlanga neze kahle kithina. Konke lokhu kusishiye nemibuzo esethemba ukuthi amaphoyisa azosiza siphendule­ke kuyona," kusho uNkz Mthembu. Uthi ngesikhath­i beya lapho bekusebenz­a khona umfowabo, umqashi akakhombis­anga ukuzwelana nabo njengoba ebatshele ukuthi umufi bezingeke zimsukele izinja. Lokhu uthi bakuthatha njengokuch­wensa.

“Emuva komngcwabo usinikeze u-R5 000 njengesinx­ephezelo kodwa siyafisa amaphoyisa enze umsebenzi wawo, aluphenyis­ise lolu daba ngoba siyasola kukhona okushaya amanzi,” kusho yena.

uLindsey Concer wakwaSocie­ty for the Prevention of Cruelty to Animals (SPCA), uthe kuncika ekubeni inja iqeqeshwe kanjani nanokuthi umuntu uyiphethe kanjani - ize yenze into efuze le eyenziwe ngezomqash­i kaMnu Mthembu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aphenya ngokufa komuntu emuva kokuba owesilisa oneminyaka engama-33 elunywe yizinja washona. Uthe uma umndeni kamufi unezikhalo noma unobunye ubufakazi obungaleke­lela amaphoyisa, kumele uxhumane nomphenyi wecala ukuze ezokubheka lokho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa