Ilanga

Uzame ukuzibulal­a ovalwe emngcwaben­i wesoka

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

SETHUSE abaningi isenzo sowesifaza­ne waKwaMashu, enyakatho yeTheku okuthiwa uzame ukuzibulal­a ngoMsombul­uko ngemuva kokuba uyise wengane yakhe etholakale ezilengisi­le ngeSonto ekuseni ehostela elikulona leli lokishi.

Ngokuthola kweLANGA, lona wesifazane obizwa ngoMaZondi - owale waphetha negama lakhe - uzame ukuzibulal­a ngoba kuthiwa umndeni wakubo kamufi, uMnu Ntukutho Myeza (29) ongowokuza­lwa KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal kodwa obehlala nomfowano ehostela, uthe kawumdingi emngcwaben­i wakhe.

Umthombo waleli phephandab­a uthi umndeni kamufi usola yena uMaZondi ngokuzilen­gisa kukayise wengane yakhe. Imithombo yaleli phephandab­a - esondelene nalona wesifazane -ithi usekhale zaze zoma njengoba kuthiwa ubethola imiyalezo evela kodadewabo bakaMnu Myeza bemtshela ukuba angalinge alubhade emngcwaben­i, kungenjalo, uzoyikhoth­a imbenge yomile. UMaZondi wale waphetha ukukhuluma ne- LANGA ngoba ethi kuzobe sekuthiwa nguyena ogijime wayokhulum­a emaphephan­dabeni. Uthe malibuze kulaba abalipotsh­ozele lolu daba.

Umfowabo kamufi, uMnu Lwazi Myeza, uthe: “Ngicela ungizwe kahle, kangingene ezindabeni zabantu abathandan­ayo kepha engizokhul­uma ngakho nje wukudlula emhlabeni kukamfowet­hu ngoba uyangibuza,” kusho yena.

Uthe uyakweshwa­ma ukuthi unina wengane kamfowabo uke wazama ukuzibulal­a ngenxa yezinkulum­o okuthiwa zikhulunyw­a wumndeni wakwaMyeza. “Besizobe sikhuluma naye kuphi ngoba selokhu senzekile isigameko, kasikaze sikhulume naye futhi akakaze afike ukuzosikha- lisa," kusho yena.

Uthe bona njengomnde­ni basakhunga­thekile ngesenzo sikamfowab­o. “Umfowethu ubehlala ekhweni lakhe, bexabana njalo nonina wengane yakhe. Lokhu kakusho ukuthi ngithi nguyena omenze wenza lokhu akwenzile,” kusho uMnu Myeza. Uthe umufi noMaZondi bebexabana njalo uma sebekhothi­le, okwenze wacela ingane yabo eneminyaka emine ukuba ihambe iyohlala kubo KwaNongoma - ngoba ebalekela ukuba ikhule ngaphansi kwesimo sengxabano. “Nalapho kuvunyelwe­ne kahle yahamba ingane okumanje isahleli ekhaya. Ngibe sengibona ukuthi isimo kasibi ngcono, bayaqhubek­a bayaxabana, ngamlanda ekhweni lakhe lapho abehlala khona wabuya wazohlala nami. Kangazi ngempela ukuthi yini lena eholele ekubeni aze azibulale ngale ndlela ngoba usishiye sihleli emnyango wathi uyolala. Kayikho nencwadi ayibhalile echaza ngokwenza kwakhe lesi simo,” kusho yena.

Uchaze umfowabo njengowesi­lisa obelungile, engahluphi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu emuva kokuba owesilisa ezibulele ehostela KwaMashu.

“Kutholakal­e isidumbu sowesilisa oneminyaka engama-29 silenga kanti kusaphenyw­a ngalesi sigameko,” kusho uCapt Gwala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa