Uzame ukuzibulala ovalwe emngcwabeni wesoka
SETHUSE abaningi isenzo sowesifazane waKwaMashu, enyakatho yeTheku okuthiwa uzame ukuzibulala ngoMsombuluko ngemuva kokuba uyise wengane yakhe etholakale ezilengisile ngeSonto ekuseni ehostela elikulona leli lokishi.
Ngokuthola kweLANGA, lona wesifazane obizwa ngoMaZondi - owale waphetha negama lakhe - uzame ukuzibulala ngoba kuthiwa umndeni wakubo kamufi, uMnu Ntukutho Myeza (29) ongowokuzalwa KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal kodwa obehlala nomfowano ehostela, uthe kawumdingi emngcwabeni wakhe.
Umthombo waleli phephandaba uthi umndeni kamufi usola yena uMaZondi ngokuzilengisa kukayise wengane yakhe. Imithombo yaleli phephandaba - esondelene nalona wesifazane -ithi usekhale zaze zoma njengoba kuthiwa ubethola imiyalezo evela kodadewabo bakaMnu Myeza bemtshela ukuba angalinge alubhade emngcwabeni, kungenjalo, uzoyikhotha imbenge yomile. UMaZondi wale waphetha ukukhuluma ne- LANGA ngoba ethi kuzobe sekuthiwa nguyena ogijime wayokhuluma emaphephandabeni. Uthe malibuze kulaba abalipotshozele lolu daba.
Umfowabo kamufi, uMnu Lwazi Myeza, uthe: “Ngicela ungizwe kahle, kangingene ezindabeni zabantu abathandanayo kepha engizokhuluma ngakho nje wukudlula emhlabeni kukamfowethu ngoba uyangibuza,” kusho yena.
Uthe uyakweshwama ukuthi unina wengane kamfowabo uke wazama ukuzibulala ngenxa yezinkulumo okuthiwa zikhulunywa wumndeni wakwaMyeza. “Besizobe sikhuluma naye kuphi ngoba selokhu senzekile isigameko, kasikaze sikhulume naye futhi akakaze afike ukuzosikha- lisa," kusho yena.
Uthe bona njengomndeni basakhungathekile ngesenzo sikamfowabo. “Umfowethu ubehlala ekhweni lakhe, bexabana njalo nonina wengane yakhe. Lokhu kakusho ukuthi ngithi nguyena omenze wenza lokhu akwenzile,” kusho uMnu Myeza. Uthe umufi noMaZondi bebexabana njalo uma sebekhothile, okwenze wacela ingane yabo eneminyaka emine ukuba ihambe iyohlala kubo KwaNongoma - ngoba ebalekela ukuba ikhule ngaphansi kwesimo sengxabano. “Nalapho kuvunyelwene kahle yahamba ingane okumanje isahleli ekhaya. Ngibe sengibona ukuthi isimo kasibi ngcono, bayaqhubeka bayaxabana, ngamlanda ekhweni lakhe lapho abehlala khona wabuya wazohlala nami. Kangazi ngempela ukuthi yini lena eholele ekubeni aze azibulale ngale ndlela ngoba usishiye sihleli emnyango wathi uyolala. Kayikho nencwadi ayibhalile echaza ngokwenza kwakhe lesi simo,” kusho yena.
Uchaze umfowabo njengowesilisa obelungile, engahluphi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu emuva kokuba owesilisa ezibulele ehostela KwaMashu.
“Kutholakale isidumbu sowesilisa oneminyaka engama-29 silenga kanti kusaphenywa ngalesi sigameko,” kusho uCapt Gwala.