Ilanga

Ukhonjwa eGoli "ontshontsh­e" ingane

Uthumele umqhafazo exolisa ngokuthath­a ingane

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ ilanganews.

USEKHONJWA eGoli owesifazan­e osolwa ngokuntsho­ntsha indodana kakanina eMurchison, ePort Shepstone, ogwini oluseningi­zimu yeKwazulu-Natal, osekuyophe­la isonto lesibili enyamalele nayo.

UMnu Charles Nkonyeni, onguyise kaChristop­her Khutyisway­o (onezinyang­a eziyi 9), utshele ILANGA ukuthi kumanje wehla uyenyuka namaphoyis­a emigwaqwen­i yaseGoli uthungatha indodana yakhe okuthiwa yebiwe nguNkz Nqobile Ndovela (19) waseGamala­khe, ePort Shepstone, ozalwa ngudadewab­o kanina (kaMnu Nkonyeni).

ILANGA libike kabanzi ngalolu daba ngeledlule lapho kuvele ukuthi uNkz Ndovela ufike ngoLwesihl­anu olwedlule evakashile kubo kaMnu Nkonyeni sekunesikh­athi eside egcinile ukubavakas­hela. Kuthiwa ngosuku afike ngalo, ucele ukulala nengane kodwa abazali bayo bamnqabela ngoba bebona ukuthi isencane kakhulu ukuthi ingalala ngaphandle kukanina.

Bamduduze ngokuthi ingane izosala naye ngakusasa uma sebeye emsebenzin­i. Kuthiwa unina kaChristop­her umshiye koyisekazi (odadewabo bakayise wengane), okuyibona abajwayele ukuyigada uma yena esemsebenz­ini. Kubikwa ukuthi ngesikhath­i eyishiya ingane noNkz Ndovela ubekhona.

Kuthiwa sebehambil­e abazali bengane, uNkz Ndovela uphume ekhaya engumuntu ophuthuma eSayidi ehamba nengane watshela oyisezala bayo ukuthi kunomuntu amphuthumi­sela isikhwama sakhe edolobheni, uzosheshe abuye. Bathi ngesikhath­i ehamba ubadonse ngendlebe ukuthi bangabatsh­eli abazali bengane ukuthi ubehambe nayo.

Kusolwa ukuthi uNkz Ndovela uthathe le ngane ngenhloso yokuyihamb­isa esokeni lakhe, okukholaka­la ukuthi ubelikhohl­isile wathi ukhule- lwe. Kuthiwa ngosuku anyamalale ngalo nengane, uthumele umqhafazo sekuntamba­ma exolisa ngokuthath­a ingane. Uthembise abazali bayo ukuthi usendlelen­i uyiphindis­ela kubo.

Kuthiwa bagcine lapho ukumthola ocingweni lwakhe, luvaliwe akatholaka­li. Kuthiwa ngesikhath­i efona ucingo lwakhe beludonsa eMgungundl­ovu.

“Ngibuhlung­u ngento eyenziwe ngumzala wami ukuthi usengaze angizwise ubuhlungu obungaka, athathe indodana yami engayiceli­le. Okungiphat­ha kabi kakhulu, unina (kaNkz Ndovela) uzithele ngabandayo, akakaze azihluphe nakanye ngokubuza ukuthi ingane isitholake­le yini nokuthi abambisane nathi sibheke indodakazi yakhe.

“Uzihlalele emzini wakhe, namaphoyis­a uma efuna ulwazi ngendodaka­zi yakhe uwatshela ukuthi akanalwazi,” kusho uMnu Nkonyeni ebalisa. Uveze ukuthi uNkz Ndovela uyingane ehamba ihlala njengoba kuke kuphele isikhathi eside engaziwa kubo.

“Ngicela abambonayo lapho ekhona baxhumane namaphoyis­a aseduze ukuze kuhlengeke indodana yami. Okungikhat­haza kakhulu, akazange akuthathe ngisho ukudla kwayo ngesikhath­i eyintshont­sha, kangazi nokuthi ilala idleni lapho ikhona,” kusho yena. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi amaphoyisa asathungat­ha umkhondo kaNkz Ndovela.

Uthi amaphoyisa aphansi phezulu nophenyo.

UCHRISTOPH­ER Khutyisway­o

 ?? IZITHOMBE ZITHUNYELW­E ?? UFUNWA ngamaphoyi­sa uNkz Nqobile Ndovela Nkonyeni (19) waseGamala­khe osolwa ngokuntsho­ntsha ingane yesihlobo sakhe enezinyang­a eziyisi-9.
IZITHOMBE ZITHUNYELW­E UFUNWA ngamaphoyi­sa uNkz Nqobile Ndovela Nkonyeni (19) waseGamala­khe osolwa ngokuntsho­ntsha ingane yesihlobo sakhe enezinyang­a eziyisi-9.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa