Uhlomule ngendlu ophila nokukhubazeka
EZOMPHAKATHI: Usizwe yisikhwama sesizwe
UKHIHLE eseNdlovukazi uNandi, weswela amaphiko okundiza ngoMsombuluko owesifazane waKwaSokhulu, KwaMbonambi, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluNatal - ophila nokukhubazeka - ngesikhathi inkosi yendawo, uBuzayiphi Mthiyane, ivula ngokusemthethweni indlu eyakhelwe yena ngesikhwama sesizwe.
UNkz Tholiwe Zungu (43) - onezingane ezithathu - ohamba ngesihlalo esinamasondo, ukhishwe endlini ebingekho esimeni sokuhlala umuntu, wafakwa kulena entsha enamagumbi ayisi-7 - idle u-R600 000,00.
Iningi lale mali liphuma emayini, iRichards Bay Minerals (RBM), isizwe sakwaSokhulu sinamavenge (shares) esiwatholayo kule nkampani.
Ezinye izizwe ezihlomulayo kule nkampani kubalwa nesakwaMkhwanazi KwaDlangezwa, esiholwa yiNkosi Mandla Mkhwanazi. Indlu ifakwe zonke izidingo ezibalulekile, inogesi namapayipi ahambisa amanzi nendle.
Ngesikhathi iNkosi uMthiyane iqeda ukusika iribhini, ivula indlu, uNkz Zungu uvele wehluleka wukuzibamba wakhihla esikaNandi. Kunabesifazane - okuvele ukuthi bangamakholwa - abavele baqala amaculo ezenkolo maqede bakhuleka bebonga uNkulunkulu.
UMnu Bongukuphiwa Mthethwa, ongusihlalo wesigungu esibhekelele ukugcinwa kwezimali zesizwe - uthe uNkz Zungu usizakala nje, kungenxa kaMnu Sakhile Mthembu oyilunga lomphakathi obhale incwadi enxusa ukuba noma ngabe ngubani alule isandla kusizwe uNkz Zungu.
“Namuhla sizokwethula lesi sikhwama sesizwe phambi komphakathi.
"Okuhle sizosethula phezu kokuba sesenze okuthile, siyafisa ukuba nabanye abafana noNkz Zungu baphumele obala ngoba imali yoku- siza abantu abanjalo ikhona esikhwameni.
"Sisazoqhubeka nokufaka isandla.
"Ngiyafisa nokucacisa ukuthi isikhwama kasigxilile ekwakheni izindlu kodwa sibuye silekelele intsha yesizwe ngamakhono ahlukene.
"Phakathi kwawo sibala ukuthathwa kwezincwadi zokushayela izimoto nemisebenzi yokushisela insi-mbi namapayipi,” kusho uMnu Mthethwa.
Ikhansela lendawo, uMnu Sihle Brian Bhengu noMasipala iMfolozi elingaphansi kwawo, bebengabonwa kulo mcimbi yize bebeziyizimenywa eziqavile.
Undunankulu wesizwe, uMnu Simon Mthiyane, uthe kuyamthokozisa ukuvulwa ngokusemthethweni kwale ndlu ngoba sekuzokwembuleka elinye ikhasi emiqondweni yabantu mayelana nokuthi uma kukhulunywa ngobukhosi nentuthuko, kusuke kuchazwa ukuthini. “Kuyifiso sami ukuba kusizakale bonke abantu abangaphansi kwesizwe saKwaSokhulu.
"Namuhla kukhona abangekho lapha ngoba besaba amahlazo okuthi besebehamba betshela abantu ukuthi yibona namaqembu abo abakhe le ndlu. Kakulona iqiniso lokho, kuthathwe esikhwameni njengoba lesi sizwe sibusiswe ngezokumbiwayo,” kusho uMnu Mthiyane. Inkosi ithe:
“Kuyangithokozisa ukuthi namuhla kufezeka iphupho likababa (iNkosi Mhloleni Mthiyane) ngoba nguyena ophendule isoyi lokuba kwakhiwe le ndlu ngaphambi kokuba adunguzele, akhothame.
"Ngiyanxusa nesizwe sikababa ukuba sikhuthalele ukuzibambela kwezinye izinto njengokulima nokufuya njengoba indawo yakwethu ibusisekile ngokwemvelo.”
UNkz Zungu uthe uswele imilomo eyizinkulungwane ukuze adlulise ukubonga kwakhe kubaholi besizwe sakwaMthiyane.