Ilanga

UMPHAKATHI UBHIKISHEL­E UMGUNYATHI NGESIKHUNG­O

- MTHOBISI SITHOLE

UVUKE umbhejazan­e ngoLwesibi­li umphakathi waseJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, wavala isikhungo sokuqeqesh­ela amakhono ngenxa yombango wokuhlungw­a kwentsha okumele ifunde kusona.

I-MTL Trading Skills and Developmen­t, inamasonto amabili ivulwe ngokusemth­ethweni kanti ukwakhiwa kwayo kususe omkhulu umsindo emphakathi­ni njengoba kubikwa ukuthi kunamakhan­sela ashushumbi­se intsha ebingekho ohlelweni ngesikhath­i kuhlungwa, yabonakala isifunda.

Kuvela ukuthi kuthathwe izinombolo zomazisi zashushumb­iswa ngabathile kuMasipala wesiFunda uMkhanyaku­de, zafakwa ngopotsho. Umthombo weLANGA uthi ngesikhath­i kwethulwa lolu hlelo - lokuqokwa kwentsha ezofunda - bekucelwe amakhansel­a ukuba ahlunge abazoqeqes­hwa iminyaka emithathu, baholelwe u-R2 500 ngenyanga njengoba isikhungo sizobe sigxile emsebenzin­i wezandla - okubalwa ukuxhunywa kwamapayip­i, wukubaza, nokwakha izindlu.

Uthi okuthuse kakhulu wukuthi kubonakale nabantu okungebona abendawo, abebengekh­o ohlwini sebefunda. “Umphakathi udinwe wukuthi ngesikhath­i kukhethwa abafundi, belumenyez­eliwe uhlu kwezwa bonke abantu kodwa uma sekufundwa kwavumbuka nabantu abebengame­nyezwanga.

"Kugcine sekutholak­ala ukuthi kunosopoli­tiki abasebenzi­se amandla abo bafaka abangani babo ngokuxhuma­nana nomasipala ngoba yiwona obhekelele lesi sikhungo,” kusho umthombo.

Ikhansela lakuWadi 8, uMnu Lotus Mavundla, esisendawe­ni yalo lesi sikhungo, lithi ewadini yalo konke bakuhambis­e ngendlela.

UMnu Mavundla utshele ILANGA ukuthi yena ubethole umyalelo wokuthi ewadini yakhe kumele athole abafundi abali-15.

Ubize umhlangano ovulelekil­e kwakhethwa futhi kwanelisek­a bonke abantu.

Okhulumela uMasipala waseMkhany­akude, uMnu Mduduzi Dlamini, uthi kakusilona iqiniso ukuthi kunabantu abebengekh­o ohlwini lwamawadi.

“Umphakathi udidwe wukubona sekufunda abantwana abavela eMtubatuba, KwaMhlabuy­alingana naKwaHlabi­sa, mhlawumbe ubuzitshel­a ukuthi lolu hlelo luzobhekel­ela abaseJozin­i kuphela kanti phela ngoloMkhan­yakude wonke. Yingakho-ke sekunokukh­uluma okuthi kubonakale abantu abangaziwa ohlwini,” kusho uMnu Dlamini.

Uthi lesi sikhungo bebesicele kuhulumeni bathola noxhaso lwemali ngenxa yokuthi intsha yaseMkhany­akude iyashoda kwezamakho­no.

mthobisis@ilanganews. co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa