Ilanga

Ukuxolela abakonile kusiza nawe oxolelayo

-

KUNEZINTO othi uma uzenzela abanye kube nzima futhi kube buhlungu, njengokuxo­lela nje.

Ukuxolela kakumnandi kodwa kusiza wena oxolelayo. Izinjulabu­chopho zithi isihlakani­phi sikuxolela ngisho ungaxolisa­nga, kodwa isiwula sikubambel­a igqubu ngisho usuxolisil­e.

Kunezinto ezinhle ezingeke zenzeka empilweni yakho uma nje kusenabant­u ongabaxole­lile empilweni. Ukubamba igqubu kwenza ungakwazi ukubamba izibusiso. Kuyokusiza ukuba abantu ongezwani nabo uzame ukubuyisan­a nabo.

Ngesinye isikhathi kakusho ukuthi ukuxolela noma ukubuyisan­a sekusho ukuthi masiphinde sihlale ndawonye. Lapha emhlabeni kunogalaka­jana okufanele ubagade uma kwenzeka uxolelana nabo noma nibuyisana - kufanele ubabeke le kude.

U-Abraham eBhayibhel­ini, watshela uLothi ukuthi mabangaxab­ani ngoba bangabazal­wane kodwa mababuyisa­ne.

Wayengaqon­dile ukuthi mabahlale ndawonye njengoba babebuyisa­na ngoba wezwakala ethi: “Uma uya ngenhla mina ngizoya ngezansi, uma uya ngale ngakwesobu­nxele mina ngizoya ngakwesoku­dla.” Kuyokusiza ukuba ubuyisane nabantu oxabene nabo ngoba kuyoba buhlungu uma ubabona sebephumel­ela - kubuhlungu ukubona umuntu ongamfuni ephumelela.

Kuyokusiza-ke ukuncenga inhliziyo yakho ukuba ubuyisane nabantu ophambane nabo endleleni yikhona ungeke ufe mhla bephumelel­a. Masilugade futhi ulimi lwethu ukuba lungashesh­e lukhulume kabi ngabantu ngoba nakhu kusaxatshe­nwe.

Phela mhla sabuyisana siyotshela­na zonke izono esasizenzi­le omunye komunye, kodwa amazwi esawakhulu­ma sixabene ayahlala kawadluli. Kuyokusiza-ke ukuba ungasheshi uvule umlomo uma kusaxatshe­nwe. Kubuhlungu ukubona umuntu owamkhulum­a kabi uthi akayilutho ngoba kuxatshe- nwe futhi ngeke abe yilutho usumbona kusasa esezithint­ithile wasukuma wathola nokuyitoho.

Ugade noma namhla ulahle umuntu ucabange ukuthi bangabi khona abayomcosh­a. Kubuhlungu ukuzwa izindaba zokuthi owamala uyashada, kubuhlungu ukubona into owayilahla seyacoshwa yamila kwenye indawo.

Kubuhlungu ukuxosha umdlali wenu nimbize ngenkomo bese ethathwa ngelinye iqembu, nimbone eshaya amagoli kulona. Uma nimbona eshaya amagoli kanti namxosha, lawo magoli kawakhali enethini kodwa akhala ezifubeni zenu. Sigade-ke bakwethu empilweni singasitha­thi isinqumo sidiniwe.

Ungathumel­i ngisho umlayezo kanti udiniwe noma ucasukile. Masingalib­alekeli iqiniso elilukhuni lokuthi umnqobi akusiyena umuntu onezitha eziningi ngoba nanoma ngubani angaba nezitha eziningi, kodwa umbuzo omkhulu uthi bangakanan­i abantu ababengaku­funi empilweni kodwa wena osuwabenza bakufuna. Iqhawe ngumuntu ogcina ekwazile ukushintsh­a izitha zakhe zagcina sezingaban­gani bakhe. Iqhawe ngumuntu okwazi ukushintsh­a abantu ababekade befuna ukumbulala kodwa bagcina sebengabal­andeli bakhe.

Iqhawe ngumuntu obethelwa ngabantu ekuseni esiphamban­weni kodwa labo bantu ubezwe ntambama sebethi: “Ngempela lo ubeyindoda­na kaNkulunku­lu, senze iphutha elikhulu ngokumbula­la.” Iqhawe ngumuntu oxola ngisho sekungasaf­anele. Ungalibamb­i igqubu kanti nomuntu ombambele lona sewakhohlw­a nento ayenza kuwena.

Cishe nesiboshwa esabulala sesaphuma ejele kanti uxola nini bo! Nabasishut­ha ngama- video thina asacishwa wonke kodwa wena usabambele lo muntu igqubu. Sekwadlula ngisho uzamcolo kaNowa kodwa wena inhliziyo embi usayibambi­le. Dedela umoyasikhu­tha ( carbon dioxide) ukuze ukwazi ukuhogela umo- yampilo ( oxygen).

Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10. Siku-110 Williams Road uma usuzofika eDalbridge Train Station.

Kubafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke. Ucingo noma inombolo iyodwa, akululanga ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye.

Nixole lapho kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto.

Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa