Ukuxolela abakonile kusiza nawe oxolelayo
KUNEZINTO othi uma uzenzela abanye kube nzima futhi kube buhlungu, njengokuxolela nje.
Ukuxolela kakumnandi kodwa kusiza wena oxolelayo. Izinjulabuchopho zithi isihlakaniphi sikuxolela ngisho ungaxolisanga, kodwa isiwula sikubambela igqubu ngisho usuxolisile.
Kunezinto ezinhle ezingeke zenzeka empilweni yakho uma nje kusenabantu ongabaxolelile empilweni. Ukubamba igqubu kwenza ungakwazi ukubamba izibusiso. Kuyokusiza ukuba abantu ongezwani nabo uzame ukubuyisana nabo.
Ngesinye isikhathi kakusho ukuthi ukuxolela noma ukubuyisana sekusho ukuthi masiphinde sihlale ndawonye. Lapha emhlabeni kunogalakajana okufanele ubagade uma kwenzeka uxolelana nabo noma nibuyisana - kufanele ubabeke le kude.
U-Abraham eBhayibhelini, watshela uLothi ukuthi mabangaxabani ngoba bangabazalwane kodwa mababuyisane.
Wayengaqondile ukuthi mabahlale ndawonye njengoba babebuyisana ngoba wezwakala ethi: “Uma uya ngenhla mina ngizoya ngezansi, uma uya ngale ngakwesobunxele mina ngizoya ngakwesokudla.” Kuyokusiza ukuba ubuyisane nabantu oxabene nabo ngoba kuyoba buhlungu uma ubabona sebephumelela - kubuhlungu ukubona umuntu ongamfuni ephumelela.
Kuyokusiza-ke ukuncenga inhliziyo yakho ukuba ubuyisane nabantu ophambane nabo endleleni yikhona ungeke ufe mhla bephumelela. Masilugade futhi ulimi lwethu ukuba lungasheshe lukhulume kabi ngabantu ngoba nakhu kusaxatshenwe.
Phela mhla sabuyisana siyotshelana zonke izono esasizenzile omunye komunye, kodwa amazwi esawakhuluma sixabene ayahlala kawadluli. Kuyokusiza-ke ukuba ungasheshi uvule umlomo uma kusaxatshenwe. Kubuhlungu ukubona umuntu owamkhuluma kabi uthi akayilutho ngoba kuxatshe- nwe futhi ngeke abe yilutho usumbona kusasa esezithintithile wasukuma wathola nokuyitoho.
Ugade noma namhla ulahle umuntu ucabange ukuthi bangabi khona abayomcosha. Kubuhlungu ukuzwa izindaba zokuthi owamala uyashada, kubuhlungu ukubona into owayilahla seyacoshwa yamila kwenye indawo.
Kubuhlungu ukuxosha umdlali wenu nimbize ngenkomo bese ethathwa ngelinye iqembu, nimbone eshaya amagoli kulona. Uma nimbona eshaya amagoli kanti namxosha, lawo magoli kawakhali enethini kodwa akhala ezifubeni zenu. Sigade-ke bakwethu empilweni singasithathi isinqumo sidiniwe.
Ungathumeli ngisho umlayezo kanti udiniwe noma ucasukile. Masingalibalekeli iqiniso elilukhuni lokuthi umnqobi akusiyena umuntu onezitha eziningi ngoba nanoma ngubani angaba nezitha eziningi, kodwa umbuzo omkhulu uthi bangakanani abantu ababengakufuni empilweni kodwa wena osuwabenza bakufuna. Iqhawe ngumuntu ogcina ekwazile ukushintsha izitha zakhe zagcina sezingabangani bakhe. Iqhawe ngumuntu okwazi ukushintsha abantu ababekade befuna ukumbulala kodwa bagcina sebengabalandeli bakhe.
Iqhawe ngumuntu obethelwa ngabantu ekuseni esiphambanweni kodwa labo bantu ubezwe ntambama sebethi: “Ngempela lo ubeyindodana kaNkulunkulu, senze iphutha elikhulu ngokumbulala.” Iqhawe ngumuntu oxola ngisho sekungasafanele. Ungalibambi igqubu kanti nomuntu ombambele lona sewakhohlwa nento ayenza kuwena.
Cishe nesiboshwa esabulala sesaphuma ejele kanti uxola nini bo! Nabasishutha ngama- video thina asacishwa wonke kodwa wena usabambele lo muntu igqubu. Sekwadlula ngisho uzamcolo kaNowa kodwa wena inhliziyo embi usayibambile. Dedela umoyasikhutha ( carbon dioxide) ukuze ukwazi ukuhogela umo- yampilo ( oxygen).
Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10. Siku-110 Williams Road uma usuzofika eDalbridge Train Station.
Kubafundi bephephandaba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphendula nonke. Ucingo noma inombolo iyodwa, akululanga ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhuluma nomunye.
Nixole lapho kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhulekweni.
UPastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinkinga zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto.
Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiyela nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034