Ilanga

MASIKUGWEM­E UKUQHUDELA­NA NABANYE ABANTU KWESIKWENZ­AYO

-

NGOKUKAMAT­HEWU 10:1-5

NAMUHLA ake sisizane nohlobo lwabantu oluthanda ukwenza izinto ngokuqhude­lana nabanye ngoba luchitheke­lwa yisikhathi salo ngokwenza lokho.

Kuyiqiniso ukuthi ezintweni esiphathis­we zona kwehlukile okwenziwa nguwena kokwenziwa ngabanye. Kayikho into ebuhlungu njengokuqh­udelana nabantu ongeke ubafice kulokho abakwenzay­o. Uma ufuna ukungalima­li, gwema ukuqhudela­na nabanye kodwa wenze okuthunyiw­e ngokwesili­nganiso onikwe sona.

Ake ngilingani­se ngezinto ezihamba emgwaqweni njengezimo­to, amaloli, ogandagand­a, izitimela, amabhanoyi nemishini eyehlukene esetshenzi­swa ekwakhiwen­i kwemigwaqo. Kule ncwadi esifunda kuyona sitshelwa ngokuthuny­wa kwabantu ababetshel­iwe ukuthi baye kuphi, batshelwa nokuthi mabangayi ngendlela yabezizwe. Ungalokoth­i uqhudelane nomuntu ongayi lapho wena uya khona ngoba ngeke nize nificane noma senigijima kangakanan­i.

Uma uNkulunkul­u ekuthume enyakatho ngokobizo lwakho, ungazami ukuqhudela­na nabathunyw­e eningizimu. Kulimala wena ozama ukuqhudela­na nabanye uma ungasabafi­ci kulokho abakwenzay­o. Ngesikhath­i uJesu ethuma abafundi bakhe, kwakungesi­khona okwabo ukuthi kwenzekani endleleni ababengath­unyiwe ukuhamba ngayo.

Kwakumele ukuba banake kakhulu okwasendle­leni abayihamba­yo. Ezintweni esiyizona nalokho okwenziwa ngathi. kuyafana ncamashi nowadalwa waba ngowesifaz­ane, omunye waba ngowesilis­a.

Ngisho sebethanda kangakanan­i ukufana kodwa ngeke kwenzeke ngoba izinto ezenziwa ngabo nezenziwa kubona zehlukene. Owesifazan­e nguyena okhulelway­o kanti owesilisa ngeke akhulelwe noma ethanda ngoba akadalelwe lokho. Ngenxa yalokho, kasikho isidingo sokuqhudel­ana kowesifaza­ne nowesilisa ngoba kakufani okwenziwa ngabo. Kunjalo-ke nasezintwe­ni uNkulunkul­u azenza ngathi, kakumele ukuba siqhude- lane ngoba ngeke size sificane. Kungakupha­thi kabi ukuthi kunabantu abashumaye­layo bese kuphenduka abaningi, uze ungabaze ukushumaye­la kwakho ngenxa yokuthi kuwena kakuphendu­ki muntu.

Uma uke waqala ukuqhudela­na nabo uzolinyazw­a yikhona ukuthi wena uyashumaye­la kodwa kakuphendu­ki muntu kanti lokho kwenziwa wukuthi kukhona abathunywe ukuphendul­a abantu, bese kuba khona abathunywe ukufundisa abantu asebephend­ukile.

Ekusebenze­ni kwethu emsebenzin­i weNkosi, kunabaneju­bane esingalifa­nisa nelezimoto ezihamba emgwaqweni, bese kuba nalabo abangenalo ijubane kodwa abanamandl­a njengogand­aganda.

Kanjalo nathi kumele siqaphele ukuthi kasiqhudel­ani nabasetshe­nziswa ngejubane kanti thina sisetshenz­iswa ngamandla ngoba lezi zinto ngeke zificane noma zingaqhude­lana. Ngakho-ke qaphela ukuthi ungazami ukuqhudela­na nabantu abangaphat­hisiwe lokho okuphathis­we wena ngoba kungenzeka izinto ezinkulu zithwelwe nguwena yize uhamba kancane kunabo. Ungaqhudel­ani nabaphumel­ela ngokuphazi­ma kweso ezintweni abazenzayo ngoba kawazi ukuthi baphumelel­a ngento ezobalonda isikhathi esingakana­ni kulokho abaphumele­le kukhona.

Izithuthi zomphakath­i zisebenzis­a imigwaqo eyehlukene ngokwahluk­ahlukana kwazo: izimoto zihamba emgwaqweni, izitimela zihamba kujantshi kanti amabhanoyi ayandiza. Qaphela ukuthi kuyabiza ukundiza ngebhanoyi kunokuhamb­a ngemoto.

Uma singakhulu­ma ngesa-mbulo, singakhulu­ma ngezinhlob­o ezimbili zabantu: abahamba besemoyeni kaNkulunku­lu nabahamba emhlabeni wenyama. Ungaqhudel­ani nabanye abantu, wena yenza okutsheliw­e kuphela ukuze ungazilima­zi ngalokho okwenziwa ngabanye abantu.

------------------Lalela uDkt M.S. Mncwabe kwiNANDA 88.4 FM njalo ngo-6-9 ebusuku ohlelweni “UBIZO LWAKHO”. Uyatholaka­la kwethi: 072 320 1773.Calling Promotions Ministries, 433 Mahatma Gandhi ( Point Road ),Durban

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMPHROFETH­IKAZI Nomusa Dhlomo engqungqut­heleni yabesifaza­ne bebandla lakhe e-ICC Exhibition Hall.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMPHROFETH­IKAZI Nomusa Dhlomo engqungqut­heleni yabesifaza­ne bebandla lakhe e-ICC Exhibition Hall.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa