MASIKUGWEME UKUQHUDELANA NABANYE ABANTU KWESIKWENZAYO
NGOKUKAMATHEWU 10:1-5
NAMUHLA ake sisizane nohlobo lwabantu oluthanda ukwenza izinto ngokuqhudelana nabanye ngoba luchithekelwa yisikhathi salo ngokwenza lokho.
Kuyiqiniso ukuthi ezintweni esiphathiswe zona kwehlukile okwenziwa nguwena kokwenziwa ngabanye. Kayikho into ebuhlungu njengokuqhudelana nabantu ongeke ubafice kulokho abakwenzayo. Uma ufuna ukungalimali, gwema ukuqhudelana nabanye kodwa wenze okuthunyiwe ngokwesilinganiso onikwe sona.
Ake ngilinganise ngezinto ezihamba emgwaqweni njengezimoto, amaloli, ogandaganda, izitimela, amabhanoyi nemishini eyehlukene esetshenziswa ekwakhiweni kwemigwaqo. Kule ncwadi esifunda kuyona sitshelwa ngokuthunywa kwabantu ababetsheliwe ukuthi baye kuphi, batshelwa nokuthi mabangayi ngendlela yabezizwe. Ungalokothi uqhudelane nomuntu ongayi lapho wena uya khona ngoba ngeke nize nificane noma senigijima kangakanani.
Uma uNkulunkulu ekuthume enyakatho ngokobizo lwakho, ungazami ukuqhudelana nabathunywe eningizimu. Kulimala wena ozama ukuqhudelana nabanye uma ungasabafici kulokho abakwenzayo. Ngesikhathi uJesu ethuma abafundi bakhe, kwakungesikhona okwabo ukuthi kwenzekani endleleni ababengathunyiwe ukuhamba ngayo.
Kwakumele ukuba banake kakhulu okwasendleleni abayihambayo. Ezintweni esiyizona nalokho okwenziwa ngathi. kuyafana ncamashi nowadalwa waba ngowesifazane, omunye waba ngowesilisa.
Ngisho sebethanda kangakanani ukufana kodwa ngeke kwenzeke ngoba izinto ezenziwa ngabo nezenziwa kubona zehlukene. Owesifazane nguyena okhulelwayo kanti owesilisa ngeke akhulelwe noma ethanda ngoba akadalelwe lokho. Ngenxa yalokho, kasikho isidingo sokuqhudelana kowesifazane nowesilisa ngoba kakufani okwenziwa ngabo. Kunjalo-ke nasezintweni uNkulunkulu azenza ngathi, kakumele ukuba siqhude- lane ngoba ngeke size sificane. Kungakuphathi kabi ukuthi kunabantu abashumayelayo bese kuphenduka abaningi, uze ungabaze ukushumayela kwakho ngenxa yokuthi kuwena kakuphenduki muntu.
Uma uke waqala ukuqhudelana nabo uzolinyazwa yikhona ukuthi wena uyashumayela kodwa kakuphenduki muntu kanti lokho kwenziwa wukuthi kukhona abathunywe ukuphendula abantu, bese kuba khona abathunywe ukufundisa abantu asebephendukile.
Ekusebenzeni kwethu emsebenzini weNkosi, kunabanejubane esingalifanisa nelezimoto ezihamba emgwaqweni, bese kuba nalabo abangenalo ijubane kodwa abanamandla njengogandaganda.
Kanjalo nathi kumele siqaphele ukuthi kasiqhudelani nabasetshenziswa ngejubane kanti thina sisetshenziswa ngamandla ngoba lezi zinto ngeke zificane noma zingaqhudelana. Ngakho-ke qaphela ukuthi ungazami ukuqhudelana nabantu abangaphathisiwe lokho okuphathiswe wena ngoba kungenzeka izinto ezinkulu zithwelwe nguwena yize uhamba kancane kunabo. Ungaqhudelani nabaphumelela ngokuphazima kweso ezintweni abazenzayo ngoba kawazi ukuthi baphumelela ngento ezobalonda isikhathi esingakanani kulokho abaphumelele kukhona.
Izithuthi zomphakathi zisebenzisa imigwaqo eyehlukene ngokwahlukahlukana kwazo: izimoto zihamba emgwaqweni, izitimela zihamba kujantshi kanti amabhanoyi ayandiza. Qaphela ukuthi kuyabiza ukundiza ngebhanoyi kunokuhamba ngemoto.
Uma singakhuluma ngesa-mbulo, singakhuluma ngezinhlobo ezimbili zabantu: abahamba besemoyeni kaNkulunkulu nabahamba emhlabeni wenyama. Ungaqhudelani nabanye abantu, wena yenza okutsheliwe kuphela ukuze ungazilimazi ngalokho okwenziwa ngabanye abantu.
------------------Lalela uDkt M.S. Mncwabe kwiNANDA 88.4 FM njalo ngo-6-9 ebusuku ohlelweni “UBIZO LWAKHO”. Uyatholakala kwethi: 072 320 1773.Calling Promotions Ministries, 433 Mahatma Gandhi ( Point Road ),Durban