Ilanga

Iyadida eyesalukaz­i noMasipala weTheku

-

IYADIDA indaba kaNkk Martha Molefe (76) ILANGA elilobe ngaye ngoMsombul­uko okuvela ukuthi ukweleta uMasipala weTheku imali engaphezul­u kukaR34 000 angayazi ukuthi ngeyani njengoba uma eya kwamasipal­a utshelwa lokhu nalokhuya. UNkk Molefe uthi usegqigqe kwaze kwaguga imbadada ezama ukulungisa lolu daba. Uthi utshelwe ukuthi lesi sikweletu kungenzeka ukuthi ngesamanzi avuzayo, wafuna abantu ukuba bambhekele ukuthi ngempela kunjalo na, kodwa wathola ukuthi kakunjalo.

Uphinde watshelwa ukuthi ngesegceke lakhe ngoba likhulu. Lokhu sikubuka njengehlay­a ngoba uNkk Molefe uhlala endlini yomxhaso, kasikaze sizwe ukuthi iziza zalezi zindlu ziyakhokhe­lwa, kube kunjalo nje, yisalukazi lesi esihola impesheni. Lokhu kwenza sibone ukuthi kulo masipala kunabantu abangazi ukuthi umsebenzi wabo yini. Kakukwazi ukuthi umuntu omdala angalokhu egqigqa khona kwabona abakwamasi­pala bangazi ukuthi njengoba ekweleta ukweletani.

Eyokuthi nje imali ngeyegceke lakhe ngoba likhulu, yinsumansu­mane nje yembudane. Uma lo masipala ukwazi ukuhlela imicimbi efana ne-Essence Festival Durban ngezigidi zamarandi, umoshe imali ngokuhlela imicimbi kodwa ibhutshe ngemizuzu yokugcina, uhlulwa yini ukulekelel­a isalukazi esesinyuke­lwa wushukela ngenxa yovalo lokuthi uma singakhokh­i singase sigcine sithathelw­e indlu yaso silale emnyango?

Lokhu kwenza sibuke ukuthi kunabantu abaqashiwe nje ngoba nakhu befuna ukuhola kumasipala kodwa umsebenzi wabo kabanendab­a nawo. UNkk Molefe uze uthola ukuthi ukweleta le mali nje, ubefuna ukudayisel­a indodakazi yakhe lo muzi. Uhlangane nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili uma esefika kwamasipal­a etshelwa ukuthi ngeke akwazi ukuyidayis­a, kumele akhokhe lesi sikweletu.

Uke wathenjisw­a ukuthi sizokwesul­wa, kuthe uma eqhubeka namalungis­elelo okudayisel­a indodakazi, watshelwa ukuthi makakhohlw­e ngoba akakakhokh­i futhi isikweletu siyenyuka. Yena-ke umuntu osuke esiza uNkk Molefe lapho kwamasipal­a, ucabanga ukuthi lesi salukazi sizoyithat­haphi imali engaka - siphila ngempeshen­i - noma ufuna khona ukuthi singakwazi ukuwudayis­a umuzi waso sigcine sibulawe wumfutho wegazi ophezulu bese umuzi uthathwa bhusende yizigebeng­u - njengoba vele kuhlale kubikwa ukuthi ngisho amakhansel­a ayazenzela ezindlini zomxhaso ezisuke zakhelwe abantu?

Siyezwa impela uMnu Mthunzi Gumede okhulumela iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ethi kabakugqug­quzeli ukuthengis­wa kwalezi zindlu, siyavumela­na naye kodwa-ke kayikho yini into engenziwa ukusiza uNkk Molefe ngokushesh­a, ukuze akwazi ukuphila ngaphandle kwengebhe edalwa yilesi sikweletu? Ukube nje besekuyisi­khathi sokhetho, kasingabaz­i ukuthi bekuzobona­kala ngohide lwezimoto luyozama ukulekelel­a uNkk Molefe ukuba aphume kulesi sikweletu.

Kakuyena yedwa uNkk Molefe onenkinga efana nalena nezinye ezahlukene ebezingalu­ngiswa ngokuphazi­ma kweso - uma umasipala ukwazi ukuchitha imali uhlela imicimbi ezogcina ingenziwan­ga kodwa sebekhokhe­lwe abantu okufanele babe yingxenye yayo.

Kuneminden­i ngaphansi kwalo masipala edla imbuya ngothi kodwa imali isetshenzi­swa ezintweni ezingawusi­zi ngalutho umphakathi. Siyazi ukuthi imicimbi emikhulu iyalekelel­a ekumakethe­ni iTheku kodwa sibona kungasizi ukukhangis­a ngento enamachash­azi okungcola.

Umasipala ake uqale ushanele amalawu namaxhiba awo ngaphambi kokumema abantu ukuba bazozitika ngenkece egameli lokuwumake­tha. Makunakeke­lwe abantu, izisebenzi ezihlulwa wumsebenzi wazo zigudluzwe.

Uphinde watshelwa ukuthi ngesegceke lakhe ngoba likhulu...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa