Ilanga

KUBALUKEKI­LE UKUKHONGOZ­ELA AMANNZI NGESIKHATH­I SEZIMVULA

- SICELO KUNENE

SESIFIKILE futhi leso sikhathi esilangaze­lelwa yibona bonke abalimi, okungesezi­mvula ngoba yiwona la manzi ayimpilo kubantu nasezitsha­lweni.

Kuthiwa imizimba yethu ibunjwe yaphaswa ngamanzi ngezingxen­ye eziyisi-7 kwezili-10 noma ngama-70% kanti ezitshalwe­ni kulinganis­elwa ema-95%.

Yisona sizathu esenza silokhu sigcizelel­a ngezindlel­a zokukhongo­zela amanzi ngezikhath­i zemvula, ukuwonga ngokuwagci­na ezinqoloba­neni zemvelo nezakhiwe nokukhutha­za ukwenzeka komswakama emasimini ngoku- mboza ngamabibi nangezitsh­alo ezenabayo.

Yingakho kule minyaka emibili edlule besilokhu sigcizelel­a ukwenziwa kwamakhont­olo okubamba amanzi emvula angagijimi masinyane nokusetshe­nziswa kwamabibi nezibola emasimini ukumboza umhlabathi ngoba ngaleyo ndlela umswakama kawuhwamuk­iswa yilanga nemimoya.

Ziningi izindlela zokuvuna nokunqolob­a amanzi, sizokhumbu­za umlimi ngezimbalw­a ezijwayele­kile. Izinqoloba­ne zamanzi ziyahluka kuye ngama- ndla omlimi. Indlela ejwayeleki­le ngeyokufak­a ogadasi endlini bese amanzi engena ethangini elimi eceleni kwendlu.

Uma ngizicaban­gela nje, ngibona kumele kube yicala ukwakha indlu engenawo ugadasi oqoqa amanzi emvula ophahleni lwendlu.

Noma ngabe indlu isesabelwe­ni noma esilungwin­i, isikhathi esiphila kusona kasisavumi ukuba sibe budedengu ngamanzi. Kwesinye isikhathi amanzi aqoqelwa emiphongol­weni lapho evela ngqo emvuleni noma akhi-

we emifuleni emuva kwezimvula ezinkulu.

La manzi aqoqelwe emphongolw­eni, kumqoka ukuba kuqikelelw­e ukuthi kawangenwa yizilwane ezibeka amaqanda emanzini ngoba lokho kungawenza angabe esabamsulw­a su.

Enye indlela yokunqolob­a amanzi ngeyokufak­a amapayipi aqoqa wonke amanzi emvula lapho angase aqoqeke khona bese engena emapayipin­i ambelwe, awahambisa aze ayongena enqolobane­ni eyakhelwe ngaphansi koMhlaba. Sebenzisa amanzi ngobunono nokuqikele­la. Kulula ukuzibona sewunisela izitshalo sonke isikhathi ngoba nje wazi ukuthi unamanzi ayinala.

Kwesinye isikhathi uzobona sengathi umhlabathi womile uma ubheka nje ngaphezulu kanti amanzi noma umswakama kuningi, kubambelel­e ngaphansi koqweqwe olungaphez­ulu lomhlabath­i.

Lokhu kubambeka komswakama kuvame ukwenzeka emhlabathi­ni osunesigub­u esihle, kodwa nalowo ocinene kakhulu uyawubamba, umehluko kuba wukuthi lo ocinene kakhulu kawuniki izimpande ithuba elanele lokuthubel­eza kahle emhlabathi­ni, ukuze zigxile phansi zize zifike emanzini azinzile. Konke esikwenzay­o emasimini makuncike ezinhloswe­ni nasezindle­leni ezonga amanzi nomswakama.

Masidlulis­e ukubonga laba balimi abebezofun­da nathi ngosuku lwamasiko, sibafisela impumelelo emasimini nonyaka.

Ungathinta­na nathi kwethi: 082 789 4281 noma ngokuxhuma ikheli elithi www.sicelokune­ne.co.za, ekhasini elithi: Contact us.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa