Ilanga

INKOLO NESINTU KAKUXABENE KUQHATHWA YITHI

- Makhosi Bonakele (Ndleleni) Zondo Insika yaMathiyan­e Uthishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School mthiyanesg­s@yahoo.com 082 752 7342

KUNINGI okuthanda ukuba yindida kubantu bakithi e-Afrika, ikakhuluka­zi eNingizimu Afrika, mayelana nokukholwa nokugcina izinto zesintu. Ngokubuka kwami lokhu kudideka sekuze kwenza abanye abantu bahambela kude nesiko lesintu, beqhakambi­sa kakhulu inkolo sengathi uma wenza okwesintu kawukholwa kanti cha eqinisweni inkolo nesiko kakuxabene, kuxatshani­swa yithina ngakho belu ukudideka esinakho.

Umuzi nomuzi unezindlel­a zawo zokwenza izinto, njengokuth­i uma kuzelwe umntwana kuba nokuthile okwenziway­o emzini othile okungafani nokwenziwa komunye. Kwesinye isikhathi uthola ukuthi uma kuzoba nomshado, nakhona kuba nendlela eyehlukile okwenziwa ngayo kusukela kusafika abakhongi beyocela isihlobo esihle, kuze kube kufike ilanga lomgcagco.

Kusuke kunezindle­la zakulowo muzi okwenziwa ngazo eziyinqubo yalelo khaya ehlukile kuneyakomu­nye umuzi. Nangozikwe­nkolo futhi ngokwehluk­ana kwazo, kunezinto ezenziwa enkolweni yesintu ezingenziw­a kweyobuKre­stu. Lokhu kakusho ukuthi kukhona okholwa kancane nosekholwa kakhulu ngoba ekholwa enkolweni ethile. Kuye kungiphath­e kabuhlungu ukubona abantu bebanga inkolo baze bangangene­lani ngisho nokungenel­ana.

Ngibona ukuthi okuyisona sizathu esenza abantu bagcine sebenokung­ezwani okuthinta inkolo nesiko noma imikhuba yekhaya, wukuthi basuke basebenzis­e inkolo nalapho ingafanele ukungena khona. Uma sihlangene nje singaMathi­yane, siyokhulum­a, siyogubha isiko elithile noma siyokwenza imikhuba yakithi, uzwa elinye ilunga lomndeni selithi:

“Mina kangizihla­nganisi nalezi zinto zenu sengiyakho­lwa”. Ngidideke-ke ukuthi kanti ukukholwa kunjani, kushintsha umuntu isibongo angabe esaba ngowalapho ezalwa khona futhi angabe esakwazi nanokuhlan­ganyela nomndeni wakhe enze izinto ezenziwa kubo. Wukukholwa kuni lokhu osekwenza umndeni ubukeleke phansi kube kuyiwona oyimpande nensika yobukhona bomuntu?

Ngibona kumele siyilungis­e le nto ngoba yiyona enomthelel­a wokuba sigcine siyisizwe esingazazi kahle ukuthi singobani, sidabukaph­i futhi siyaphi. Okunye okwenezela kulokhu kudideka, yimfundo. Uthola umuntu esehlangan­ise imfundo yakhe nenkolo bese ebeka ubuyena bokuba ngumuntu eceleni noma le emuva, eseqhakamb­isa iziqu zakhe nenkolo phambili. Omunye uze umthole eseqhakamb­isa nemithetho yebandla kakhulu ekhaya ukwedlula leyo yasekhaya.

Okubuhlung­u kakhulu kulezi zenzo zethu, wukuthi izingane zethu zisuke zibuka futhi zifunda, bese nazo zikhula nalokhu kudideka. Phela iqiniso lithi ngaphambi kokuba ube yikholwa enkolweni nasebandle­ni elithile, uqale ube ngowasesib­ongweni nasemndeni­ni othile, okuyikhona okukuphe umnyombo weqiniso ngobuwena, imvelaphi nobuzwe bakho.

Okuyaye kuhlekise sakudumaza, uyaye ubone umuntu engasafuni ngisho nokubukela kumabonaku­de, alalele emsakazwen­i noma afunde ephepheni nasezincwa­dini ngezinto zesintu. Uzomuzwa ethi:

“Kangifuni nokuzwa ngalezi zinto ngoba kangihlang­ene nazo.” Namanje ngisasho, inkolo nesintu noma nesiko lobuwena kakuxabani - kuxatshani­swa yithina. Ngendlela lokhu kudideka osekujule ngayo, uzwa umuntu uma ebona omunye egqoke wahloba mhlawumbe ngobuhlalu noma ngezinye izinto zesintu, kuthiwe lokho kuhloba kakungeni ebandleni elithile ngoba kuveza ukuthi usuhambisa­na namasiko.

Ngivele ngidideke ukuthi lokho sekuyiphaz­amisaphi inkolo. Ngisanda kuncoma omunye umakoti osemncane sibonana ndawanathi­ze egqoke ingubo enhle ehlotshisw­e ngobuhlalu, usethi kimina:

“Uma enkonzweni bengangibo­na abaphathi bangangith­ethisa, kasivumele­kile ukugqoka noma sihlobe ngezinto zesintu.” Ingiphathe kabi le nkulumo ngoba ingenze ngabona ukuthi inkolo iyaxatshan­iswa impela nje nalokhu okuyingqik­ithi yobuthina.

Ake siyifakele izibuko indaba yenkolo nesintu sethu, singathath­eki size silibale ukuthi sinemvelap­hi yethu ngaphambi kokuba sibe amakholwa. Masingakho­hlwa futhi ukuthi yona le nkolo yafika kanjani kuleli lizwe lethu nokuthi yasetshenz­iswa kanjani ukuba idunge izingqondo zokhokho bethu yaze yadlulela nasezizuku­lwaneni eziyithina. Ngakho masingayiv­umeli ukuba ibe ngaphezu kobuthina ngoba lokho kuyoqhubek­a nokusilima­za njengesizw­e.

Zinqunywa amakhanda ziyekwe nina bakaMaland­ela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa