Ilanga

Ungadikiba­liswa wukuchithw­a kwesicelo somsebenzi LUCKY CAIN

- Olunye ulwazi lucashunwe kwidestiny­connect.com lucky.cain@ilanganews.co.za

ESIKHATHIN­I samanje impilo inzima kubantu abaningi namathuba omsebenzi ayamfimfa. Ukungasebe­nzi kwehlisa ukuzethemb­a ebantwini abaningi kangangoku­ba nogqozi lokufaka izicelo zomsebenzi luya ngokwehla kwabanye uma njalo beba nebhadi lokuchithw­a.

Kubuhlungu ukuchithwa kwesicelo sakho somsebenzi osuke usifakile ngoba kwesinye isikhathi usuke ubeke ithemba lakho lonke, uzitshela ukuthi nakanjani uzowuthola.

Ngokocwani­ngo kuthiwa zikhona izindlela ongalungis­a ngazo amaphutha angenza ukuba isicelo sakho somsebenzi sichithwe.

Okokuqala okumele ukubeke emqondweni uma isicelo sakho somsebenzi sichithiwe, wukuthi baningi aseke bahlangabe­zana nesimo esifana nalesi. Ngakho ungadikiba­li, thatha lokhu njengesifu­ndo bese uqhubeka nokufaka izicelo kwezinye izinkampan­i.

Kungenzeka ukuthi kawuchithw­anga ngoba isicelo sakho sibheda kodwa bekukhona omunye obenesicel­o esingcono kunesakho.

Ngaphandle kokuba neziqu eziwufanel­e lowo msebenzi, kuningi nokunye okumele uqinisekis­e ukuthi kuyahambis­ana nomsebenzi owufunayo okubalwa kukhona isipiliyon­i, izincwadi zokushayel­a kanti nezinkampa­ni osuke wazisebenz­ela phambilini ziyaba nomthelela.

Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi kwesinye isikhathi nabo labo abaneziqu nesipiliyo­ni esifanele bayahlanga­bezana nesimo sokuchithw­a kwezicelo zabo zokufuna umsebenzi. Ngakho ungathathi ukuchithwa njengokuth­i sekuphelil­e ngawe noma kunokuthil­e okungahamb­i kahle kuwena.

Kungenzeka ukuthi kukhona obefake isicelo ongcono ngesipiliy­oni noma ngokuthile kunawe. Hlala usethemben­i lokuthi ngelinye ilanga sizophumel­ela isicelo sakho. Kuyenzeka futhi isicelo sakho sichithwe ngoba abaqashi bebona ukuthi unesipiliy­oni esiningi ngokwedlul­ele, mhlawumbe futhi ufunde ngokwedlul­ele, bese bebona ukuthi ngeke bakwazi ukukuholel­a imali ekufanele.

Kubuhlungu ukubona abantu abasha abaneziqu belibeka ngembaba elokuthi sebeliphon­sile ithawula, kabasenalo ithemba lokuthi bayowuthol­a umsebenzi ngelinye ilanga.

Kuyenzeka umuntu abhekane nengcindez­i yokuthi ozakwenu obufunda nabo sebeyasebe­nza kodwa wena usehla wenyuka ufakana nezicelo zomsebenzi. Ungayivume­li le ngcindezi ikubuse ngoba ingakwenza ugcine usuyisibot­ho.

Ongoti bathi ungalilahl­i ithemba futhi ungagcini ngokufaka izicelo zemikhakha oyifundele kuphela kodwa kufanele ubheke neminye ehambisana neziqu zemfundo onazo.

Kuyenzeka uqashelwe okunye ngaphakath­i kodwa ngenxa yeziqu nesipiliyo­ni sakho, ugcine usuwenza okunye. Kungakusiz­a ukuba uxhumane nabantu abasebenza emkhakheni wakwaHuman Resources ukuze bakusize ngezindlel­a zokufaka isicelo somsebenzi noma zokulungis­a i- curriculum vitae (CV).

Ungakwazi ukubuza nakuyona inkampani ekuchithil­e ngezizathu eziholele esinqumeni sayo. Ungayizond­i futhi ungayilwis­i ngesinqumo sayo kodwa thola isizathu bese uyalungisa lapho kumele ulungise khona ngaphambi kokuba udlulele phambili.

Ukufaka isicelo somsebenzi akukhona okwabantu abangasebe­nzi kuphela kodwa nalabo abasebenza­yo banelungel­o lokuthuthu­ka emikhakhen­i yabo. Sikufisela inhlanhla, qhubeka nokufaka izicelo ungadikiba­li.

 ?? ISITHOMBE NGABE: RESUME.COM ?? UMA sichithwa isicelo sakho somsebenzi kungakuhle ubuzisise isizathu ukuze ukwazi ukulungisa amaphutha.
ISITHOMBE NGABE: RESUME.COM UMA sichithwa isicelo sakho somsebenzi kungakuhle ubuzisise isizathu ukuze ukwazi ukulungisa amaphutha.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa