Ilanga

USEKHIPHE INCWADI YESIBILI ESEBENZISA­NA NEZINGWAZI

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

UKUNGENELI­SEKI yindlela izinto eziyiyona empilweni yikhona okumenze waba nothando lokubhala izincwadi.

UKhethani Njoko ongowaKwaM­ashu, enyakatho yeTheku, usanda kukhipha incwadi esihloko sithi: It Has Nothing To Do With Life. Lena yincwadi yakhe yesibili, ukhuluma ngezihloko ezahlukene kuyona.

Kule ncwadi uthi uhlose ukunikeza incazelo ngempilo ukuthi iyini ukuze umuntu nomuntu ayiphile ngendlela egculisayo. “Impilo iyisipho esivela kuNkulunku­lu.

"Zimbili izinsuku ezibalulek­ile empilweni, yilolo ozalwe ngalo nalolo lokwazi ukuthi uzalelweni. Uma ungazazi ukuthi uphilelani ugcina ulahleka nokwenza abanye bagcine bezilimaza bona uqobo,” kuchaza uKhethani.

Lo mbhali uthi encwadini yakhe yesibili ubechushis­wa wuqweqwe lwentathel­i, uFred Khumalo noDkt Gcina Mhlophe ongumhayi wezinkondl­o aphinde abe ngumbhali noDkt David Molapo wezinkulum­o ezakhayo.

Phakathi kwezihloko ezikule ncwadi uchaza ngezimo zempilo ezithinta ikusasa nezimo zempilo jikelele. “Kunesihlok­o esithi yonke into yenzeka ngesizathu. Nokuyilaph­o ngenza khona umfundi aqonde ukuthi kwesinye isikhathi sike sifise sengathi izinto ezithile kazenzekan­ga empilweni.

"Okwakho njengomunt­u wukuthola leso sizathu, usivumele ukuba sikwakhe noma sikubhidli­ze. Ngikholwa wukuthi sikwazi ukuba sisondeze izinto ezithile kithina ngendlela esicabanga ngayo. Ukuthi izinto zihamba ngokuyikho noma ngokungesi­kho wena uqobo unomthelel­a kulokho,” kuchaza uKhethani.

UKhethani umatasa nezifundo e-University of KwaZulu-Natal lapho egxile khona kwi-African Languages and Sociology.

Uthi unethemba lokuthi baningi abazosizak­ala ekufundeni le ncwadi esiqalile ukutholaka­la e-Adams Book.

ZIVUMELE ZIKWAKHE NOMA ZIKUBHIDLI­ZE.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UKHETHANI Njoko osekhiphe incwadi ethi It Has Nothing To Do With Life.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UKHETHANI Njoko osekhiphe incwadi ethi It Has Nothing To Do With Life.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa