Ilanga

AKAYI NDAWO USBU KWISIBAYA

- SANDILE MAKHOBA

AMAPHAPHU phansi kubalandel­i bomlingisi uSdumo Mtshali olingisa uSbusiso Ndlovu kwiSibaya abese bezitshela ukuthi useyaphuma njengoba kuphele usuku lwangoLwes­ihlanu olwedlule eshayiswe yimoto.

Lokhu kwenzeke ngaphambi kokuba uSbu athole izindaba zokukhulel­wa kukaThande­ka (Nomzamo Mbatha). Isiqephu sangoLwesi­hlanu emdlalweni iSibaya esikhonjis­wa kuMzansi Magic (161), sishiye abantu bezibuza ukuthi ngabe kuzokwenze­kani njengoba sekuke kwenzeka uSbu noThandeka banyamalal­a phambilini kulo mdlalo ukuyofuna amadlelo aluhlaza.

Abantu bese benyuse amaphaphu beshwabula becabanga ukuthi lokhu sekusho ukushiya phansi kukaSbu olingisa kulo mdlalo, kodwa umthombo othembekil­e ongaphakat­hi ukuqinisek­isile ukuthi lutho abantu mabehlise amaphaphu ngoba uSbu akayi ndawo.

Lo mthombo uphinde wakuqinise­kisa ukuthi okwenzeke kulesi siqephu bekuyindle­la yokukhuphu­la umdlandla kubabukeli njengoba kubonakala sengathi abantu sebehlelwe ngumdlandl­a wokubuka iSibaya selokhu kuphele izinto ezihlaba umxhwele kulo mdlalo futhi ingasekho into eyenza bahlale kuwona.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lo mdlalo usunokunci­ntisana no- mdlalo okhonjiswa kuSABC 1 Uzalo nawo oshisa izikhotha kulezi nsuku. Lo mthombo uphinde washo ukuthi abaqophi balo mdlalo bazamile ukugcina ababukeli njengoba kuke kwanda izinsolo zokuthi uSihle (Zinhle Mabena) uzoba ngumkhovu kaSunday kodwa lokhu kubonakale kungatheli zithelo.

Lokhu kuholele ekutheni kuzanywe elinye icebo lokuheha ababukeli, njengoba kufike ekutheni uSbu ashayiswe yimoto. Lo mthombo uphinde wapotshoza ukuthi lukhulu luyeza ngalo mdlalo nezigigaba ezizokwenz­eka kuwona njengoba abaqophi bezama ngawo wonke amandla okunqoba abalandeli abasha baphinde bagcine laba abakhona.

Imizamo yokuthola u-Emmah Ngomane okhulumela iBomb Production, okuyinkamp­ani eqopha iSibaya, ayizange iphumelele, ucingo lwasehhovi­si lakhe belukhala luze luzithulis­e. Simthumele­le imibuzo nge- email kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engakaphen­duli.

 ?? ISITHOMBE NGABE: CLASS ACT ?? USDUMO Mtshali othuse abaningi elimala emdlalweni iSibaya
ISITHOMBE NGABE: CLASS ACT USDUMO Mtshali othuse abaningi elimala emdlalweni iSibaya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa