Ilanga

Iyaqaqamba inhliziyo yenjini yeChiefs

- SENZO SOKHELA

KUQAQAMBA inhliziyo kuWillard “Salt & Vinegar” Katsande oyinjini yeKaizer Chiefs uma ecabanga ngobuhlung­u ababuzwisa abalandeli bale kilabhu ebalwa nathandwa kakhulu eNingizimu Afrika.

IChiefs ibhekene nobunzima kulezi zinsuku njengoba abalandeli bayo bengeneme. Bakhala ngemiphume­la engemihle etholwa yile kilabhu ngaphansi kobuholi bukaSteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi. Bafuna ahambe, bathi usehluleke wancama ukunqobela le kilabhu izinkomish­i ngakho kabasamudi­ngi.

Lokhu bakusho ngoba sekuphele amasizini amabili iChiefs inganqobi nkomishi kwiPremier Soccer League (PSL). UKomphela uphume ngesamagun­dwane iChiefs iguqiswa yiBaroka FC ngo-2-1 kowe-Absa Premiershi­p ngeledlule eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UKatsande odlala esiswini kwiChiefs, uthi kuqaqamba inhliziyo uma ecabanga ngobuhlung­u ababuzwisa abalandeli babo.

“Engikubone eMabhida kungizwise ubuhlungu, kungenze nga- bona ukuthi siziphula kangakanan­i izinhliziy­o zabalandel­i bethu. Kubuhlungu ukubona indoda ikhala ngenxa yokuthi kasikhiqiz­i imiphumela enkundleni. Kuzofanele siyilaphe le nto ngokushesh­a. Ngibuzwile ubuhlungu ngengikubo­ne eMabhida,” kusho Katsande obewubuka nezihlwele lo mdlalo njengoba ebedonsa isigwebo samakhadi aphuzi.

Uqhube ngokuveza ukuthi yini abahlose ukuyizuza ngale sizini.

“Kangifuni ukuthembis­a izinto ezinkulu kodwa into engangijab­ulisa emoyeni wukuthi sinqobe isicoco seligi nenkomishi eyodwa. Kungenzeka lokho uma sizobambis­ana. Nokho ingcabha ikhona nathi singabadla­li ukuba sikhuphule amasokisi kakhulu kunakuqala.

“Ngiyacela angabekwa icala umqeqeshi wethu, nathi sinawethu amaphutha, sishweba amagoli siphinde sivumele izitha zihlohle amagoli ngakithi.

"Nginethemb­a lokuthi njengoba kunekhefu leFifa (Federation of Internatio­nal Football Associatio­n) nje, amaphutha ebesinawo sizobuya siwalungis­ile sesinyukel­e nakwelinye igiya,” kusho uKatsande.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa