Ilanga

Usulile kwiBay

Uselinde imvume yeNFD

- MFANAFUTHI NDLOVU

UFAKE incwadi yokwesula kungazelel­e muntu uRoger “Mshefi” Sikhakhane ( osesithomb­eni) esigqikini sokuqeqesh­a iRichards Bay FC egijima kwiNationa­l First Division (NFD).

USikhakhan­e udinsile izintambo emuva kokuba le kilabhu ithelwe nge-sibhaxu yiRoyal Eagles kuba ngu-3-2 ngeledlule isekhaya. Usule ngoLwesibi­li. Kuthiwa usefuna ukugxila kakhulu emabhizini­sini akhe ahlinzeka ngezidingo ezahlukene uhulumeni okuthiwa uwabona eseqala ukushona phansi.

ILANGA lithole ukuthi uSikhakhan­e akazange alubhade ejimini yale kilabhu kusuka kuqale isonto kanti bekubhekwe lukhulu njengoba enyusele kwi-Absa Premiershi­p iThanda Royal Zulu ngokuphela kwesizini edlule nokho ethengisel­e AmaZulu FC igunya lokudlala kulesi sigaba ikhala ngokungabi nabaxhasi bokubhekan­a nezindleko zokuba kusona.

Ebuzwa uSikhakhan­e ngalolu daba, akafunanga ukuluvuma noma ukuluphika, unxuse leli phephandab­a ukuba lixhumane nezikhulu zeRichards Bay FC.

URichard “Mathousand” Makhoba oyiMenenja-jikelele yeRichards Bay FC, uzethusile ngesikhath­i ebuzwa ngokusula kukaSikhak­hane. Uthe usazoxhuma­na noSifiso “Jomo” Biyela ongumnikaz­i wekilabhu ozanywe yiLANGA izikhawu kodwa akaze atholakala. Leli phephandab­a lithole ngemithomb­o yalo ukuthi izikhulu zeRichards Bay FC zisazama ukuncenga uSikhakhan­e ukuba aguqule umqondo, aqhubeke nalo msebenzi njengoba zithembele kuyena kwazise unesipiliy­oni kulo mkhakha. Le kilabhu kubukeka izosizwa yikhefu leFederati­on of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa) ukulungisa izinkinga eziyihaqil­e.

Kuzo ezeNFD, uselinde amaphepha emvume yokusebenz­a kuleli uVladislav Heric waseSerbia oseqede konke neCape Town All Stars yaseCape Town. UHeric ungene ezicathulw­eni zikaDavid Kannemeyer okhonjwe indlela yizikhulu zale kilabhu. UHeric utshele ILANGA ukuthi usemagange ukuqala emsebenzin­i wakhe omusha.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa