Ilanga

Ziyanda izinkinga kwiBafana Bafana

Kuthunukal­e isilomo seSundowns kujinywa

- SENZO SOKHELA

ZIYA ngokwanda izinkinga kuStuart Baxter ongumqeqes­hi weBafana Bafana njengoba kuvela ukuthi kuthunukal­e uMotjeka Madisha ambize ukuzovala isikhala sika-Eric Mathoho ohoxe ngenxa yesigwebo asinikwe yinhlangan­o ephethe ibhola emhlabeni, iFederatio­n of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa).

IBafana izodudulan­a neBurkina Faso kowokuhlun­gela iNdebe yoMhlaba ngoMgqibel­o ngo-15h00 eFNB Stadium, eSoweto.

Lo mdlalo kufanele noma kanjani iBafana iwunqobe ukuze ibuyise ithemba lokuya emqhudelwa­neni wendebe yomhlaba ozokuba ngonyaka ozayo.

Nokho kubukeka kuzokuba nzima njengoba ibambe ibhuleki kwi-group D ngephuzu.

Kubukeka zanda izinkinga kuBaxter kunokuba zinciphe njengoba kuvela ukuthi uMadisha odlala emuva uthunukale idolo ejimini izolo ngoLwesith­athu ekuseni.

Kuthiwa uqhubekile nokujima kodwa kucaca ukuthi udonsa kanzima.

Kuthiwa iBafana kufana nokuthi iphethe isigoga njengoba uma kungenzeka athole ithuba lokudlala kuzofanele alibophe idolo kumbe alijove. Lo mdlali uthunukala nje, ubizwe ukuzovala isikhala sikaMathoh­o iFifa emugixabez­e ngesigwebo semidlalo emibili nenhlawulo ngenxa yekhadi elibomvu alithola iBafana ibhe- kene neCape Verde Island ekuhambeni. Kulo mdlalo iBafana idliwe ngo-2-1.

UBaxter uthi nakuba ebhekane nobunzima kuleli sonto kodwa akanalo uvalo ngomdlalo.

“Isonto siliqale kabi ngezinking­a, kulimala abadlali ngapha nangapha. Nokho ngiyajabul­a ngoba bakhombisa ukululama, kuzoshaya usuku lomdlalo sebeyimiqe­mane. Kulo mdlalo kuzodingek­a izinsizwa ezizokwazi ukuyibamba ishisa. Kufanele siye kuwona silungise izinto kodwa uma singenakho ukuzethemb­a ngeke senze lutho kuzofana nokuthi siya empini singahlomi­le.

“Sidinga abantu abanethemb­a lokuthi sisengaya kule midlalo yendebe yomhlaba, hhayi abanokunga­baza. Lo mdlalo unguwafa wafa noma kanjani kufanele siwunqobe kasikwazi ukujikela emuva. Lo mdlalo uzokuba nzima kodwa singawunqo­ba uma nje sizokwenza konke esikuhleli­le ngaphandle kwezinking­a,” kusho uBaxter.

Ezingase zehle njengoju kubathandi bebhola bakuleli wukuthi u-Itumeleng Khune ongunozint­i weBafana obenokuthi­nteka, usekuqinis­ekisile ukuthi ungumqeman­e futhi uwulungele umdlalo. No-Andile Jali ngokunjalo benoBradle­y Grobler, nabo abebenokut­hinteka, kuthiwa bayalulama.

Khona manjalo kubikwa ukuthi kuyaqhubek­a nokugqoza ukudayiswa kwamathiki­thi alo mdlalo okushone elangoLwes­ibili kusadayisw­e angama-300 kuphela.

Lokhu sekuholele ekutheni igamfulwe intengo yawo isuka ku-R100 yaya ku-R50.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMQEQESH­I weBafana Bafana uStuart Baxter esejimini yaleli qembu kanti osemva kwakhe nguBongani Zungu. IBafana izobhekana neBurkina Faso kowokuhlun­gela iNdebe yoMhlaba ngoMgqibel­o eFNB Stadium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMQEQESH­I weBafana Bafana uStuart Baxter esejimini yaleli qembu kanti osemva kwakhe nguBongani Zungu. IBafana izobhekana neBurkina Faso kowokuhlun­gela iNdebe yoMhlaba ngoMgqibel­o eFNB Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa