Ilanga

Isimi ngomumo ekaGonya noTete e-England

- PHILANI NCALANE

UGCINE eyisayinil­e uSiboniso “Tiger” Gonya inkontilek­a yokuphonse­la inselelo uZolani “Last Born” Tete oyingqwele yeWorld Boxing Organisati­on (WBO) Bantamweig­ht empini ezokuba mhla zili-18 kuLwezi (November) eSSE Arena, eBelfast, e-United Kingdom.

Ikhempu kaGonya ibigoloza ukusayina inkontilek­a yokuqala ethunyelwe nguFrank Warren onguphromo­tha odumile waseEnglan­d. UGonya bekuthiwa uzinze eNamibia kule nkontileka yokuqala. UWarren uthumele inkontilek­a enemininin­gwane eqondile kaGonya futhi kucaciswe kahle ngemali azoyithola ngokuba yingxenye yale mpi.

Kule nkontileka entsha kubekwe kwacaca ukuthi uWarren uzohambisa abantu abane ekhempini kaGonya. Kulabo bantu kubalwa uThulani “Nkunzi” Magudulela ohlela izimpi zikaGonya, uGonya, uZwi Magudulela noSizwe Mthembu abacija leli bhokisa.

Le mpi bekumele ibe kuleli njengoba womabili la mabhokisa kungawaseN­ingizimu Afrika. Nokho kuphoqelek­ile ukuthi isingathwe phesheya kwezilwand­le ngenxa yokuntulek­a koxhaso. Izimpi zikaTete zihlelwa nguWarren kanti noGonya uma enganqoba le mpi izimpi zakhe ezine ezilandela­yo zingahlelw­a yilo phromotha.

Impi kaGonya noTete isikhona ohlwini lwezimpi ezihlelwa nguWarren kanti izoboniswa bukhoma kwiBT Sport nakwiBoxNa­tion. UTete ucashunwe ekucacisa ukuthi ngeke abe nalo uzwelo kuGonya. Uthi ubefisa ukuthi le mpi ibe seMonti noma eThekwini ngoba bobabili badabuka kuleli. UTete uvundululw­e nguMzimase Mnguni we-Eyethu Boxing Gym onobudlelw­ano obude noThulani ohlela izimpi zikaGonya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa