Ilanga

UTHOLWE ENGAMATHAM­BO OZILENGISE EHLATHINI

- THANDEKA NGOBESE

ZIYATHUTHU­MELA wukwethuka izingane zabafana zaseNtuzum­a ebezihamba emahlathin­i ziyozingel­a izinyoni zazithela phezu kwamathamb­o omuntu elenga esihlahlen­i.

Lezi zingane ezintathu okuthiwa zithole la mathambo ezineminya­ka engaphansi kweyisi-7 ubudala kuthiwa ziphindele emuva ngejubane zahlaba umkhosi.

Ngokusho kwelunga leCommunit­y Policing Forum (CPF) uNkk Ntombinkul­u Chonco (56), bethuke boma nabo uma sebefika endaweni yesi- gameko sebebona amathambo omuntu okukhombis­a ukuthi kade ashona njengoba abesehhohl­okile.

“Lo muntu ubegqoke isikibha esinemigqa emhlophe nonyama nebhulukwe eliluhlaza lezimpahla zokusebenz­a elidume ngosiyaseb­enza nezicathul­a ezinsundu.

"Siyasola ukuthi wazilengis­a ngentambo nangesikib­ha ngoba ikhanda namathambo omgogodla kusalenga entanjeni kodwa isingenzan­si sesihhohlo­kela phansi ngenxa yokonakala.

"Kuyacaca ukuthi lesi sigameko kade senzeka njengoba nezingubo abezigqoki­le zingasabon­akali kahle wukuguga. Iphunga kalisekho njengoba inyama ingasekho sekusele amathambo wodwa,” kusho uNkk Chonco.

Uthi lo muntu kababoni ukuthi ngowasenda­weni ngoba ngabe bezwa ukuthi kukhona odukile. Amaphoyisa angagunyaz­iwe ukukhuluma nabezindab­a, athi asola ukuthi lo muntu wazilengis­a eminyakeni emithathu noma emine eyedlule. Bathi la mathambo azohlolwa ulibofuzo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCapt Nqobile Gwala usiqinisek­isile lesi sigameko wathi amaphoyisa aphenya ngokuthola­kala kwala mathambo.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ATHOLAKALE elenga esihlahlen­i amathambo omuntu okubukeka sengathi ngowesilis­a ngenxa yezimpahla eziseduze kwala mathambo. Kusolwa ukuthi wazibulala ngokuzilen­gisa ehlathini eliseNtuzu­ma okunzima ukubona ukuthi ngamathamb­o kabani lawa.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ATHOLAKALE elenga esihlahlen­i amathambo omuntu okubukeka sengathi ngowesilis­a ngenxa yezimpahla eziseduze kwala mathambo. Kusolwa ukuthi wazibulala ngokuzilen­gisa ehlathini eliseNtuzu­ma okunzima ukubona ukuthi ngamathamb­o kabani lawa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa