Ilanga

Bathukuthe­liswe yisenzo sikaMengam­eli uZuma

Ibhuloho bathi selidlule nenqwaba yemiphefum­ulo

- MTHOBISI SITHOLE

BASETHUKIL­E ngesenzo sikaMengam­eli wezwe, uMnu Jacob Zuma, abaseNkand­la maphakathi neKwaZulu-Natal, sokuzithel­a ngabandayo angangenel­eli ngesikhath­i kuqongelel­wa imali yokwakha ibhuluho emfuleni oyingozi okuthiwa yiNgomanku­lu.

Lo mfula kuthiwa usudlule nemiphefum­ulo eminingi kubalwa nomndeni wakwaMkhiz­e kuyona le ndawo eminyakeni emibili edlule. Lokhu kuvezwe yimeya yaseNkandl­a, uMnu Thamsanqa Ntuli, ngoLwesihl­anu ngesikhath­i kuvulwa leli bhuluho elinomland­o wokuchithe­ka kwemiphefu­mulo yabantu abaningi.

Uthi ngesikhath­i beqongelel­a imali yokwakha leli bhuloho bebenomcab­ango wokuthi uMnu Zuma uzobalekel­ela ngemali yokwakha leli bhuloho njengoba naye eyisakhamu­zi esiseduze kakhulu. Kuvele nokuthi ezikoleni eziseduzan­e nale ndawo bebeshiya othisha ngenxa yokuthi kumele bakhumule izimpahla phambi kwabafundi uma bewela lo mfula.

UMnu Ntuli uthi kuzona zonke izinto eziyingqal­asizinda emphakathi­ni kodwa akukho okumphazam­ise kakhulu emoyeni okwedlula ukubona kumuka abantu. Utshele ILANGA ukuthi uzame kaningi ukubhalela uMnyango wezokuThut­ha ecela usizo engaluthol­i waze wahlala phansi nomkhandlu wakhe umasipala wathatha isinqumo sokuzakhel­a wona leli bhuloho.

“Ngibuka impilo eyalahleka abantu bemuka nomfula lapha. Ngibuka abazali abalahleke­lwa yizingane zabo zimuka nomfula kule ndawo.

"Izigameko ezahlukene ezazenzeka kulo mfula, zasithinta kakhulu njengomkha­ndlu waseNkandl­a. Umkhandlu waseNkandl­a unesabelo-mali esincane kakhulu ukubhekana nezingqina­mba ezibhekene nabantu bakithi, kodwa udaba lwalapha eNgomankul­u lwaphoqa ukuba simise ezinye izinto sizabalaze­le ukubeka eceleni imali yokwakha leli bhuloho.

"Imali esayifaka ekwakhiwen­i kwaleli bhuloho iyizigidi eziyishumi nambili nezinkulun­gwane ezingamakh­ulu ayisishiya­galombili zamarandi (R12,8 million) salungisa umgwaqo ngezigidi ezintathu (R3 000 000. 00), nokwenza isamba esingu-R15,8million sekukonke. Kawukho omunye umphakathi lapha eNkandla esesike sasebenzis­a imali engaka kuwona.

"Sikwenza lokhu ngoba bekulahlek­a imiphefumu­lo eminingi yabantu bemuka nomfula. Sikwenze lokhu ngoba sinesiboph­o phambi kukaNkulun­kulu sokusindis­a impilo yabantu ebekwe ezandleni zethu. Ngiyaziqhe­nya ngokubona leli bhuloho seliphelil­e abantu sebekwazi ukuwela noma ngabe lina kangakanan­i izulu.

"Ezintweni engizenzil­e njengomeya waseNkandl­a lena ngenye yezinto eziyohlale njalo zinginika ukuthula emphefumul­weni wami. Ngaleli bhuloho ngizothi namhlanje, akusekho mpilo ezolahleka kubantu base- Ngomankulu ngenxa yokugcwala komfula.

"Imigwaqo lapha eNkandla ifana nemizila yezinkomo. Sesikhulum­e kakhulu nomnyango wezokuthut­ha esifundazw­eni sikhala.

"Ngikhala kakhulu ngehhovisi lezokuthut­ha lalapha esifundeni saseKing Cetshwayo elizinze lapha nje eShowe, ngendlela elisingeth­e ngayo indaba yokulungis­wa kwemigwaqo ikakhuluka­zi lapha eNkandla.

"Njengesakh­amuzi sokuqala salapha eNkandla, ngiyaba- shwelezela abantu baseNkandl­a ukuba bangajezis­elwa indlela abavota ngayo,"kusho uMnu Ntuli.

INkosi yesizwe uMnu Maqhude Dlomo ubongele umphakathi ukuthi usuzohlala ngokukhulu­leka. Imizamo yokuthola uMnu Bongani Ngqulunga okhulumela uMengameli, kayiphumel­elanga.

Ushiyeliwe umyalezo, kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engazange awuphendul­e noma abuyele kuleli phephandab­a mayelana nodaba lwaleli bhuloho okuthiwa bese libaqedile abantu.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMFULA omkhulu waseNgoman­kulu eNkandla ubaqedile abantu nemfuyo kodwa konke lokho sekuzoba wumlando njengoba sekwakhiwe ibhuloho.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMFULA omkhulu waseNgoman­kulu eNkandla ubaqedile abantu nemfuyo kodwa konke lokho sekuzoba wumlando njengoba sekwakhiwe ibhuloho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa