Bathukutheliswe yisenzo sikaMengameli uZuma
Ibhuloho bathi selidlule nenqwaba yemiphefumulo
BASETHUKILE ngesenzo sikaMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, abaseNkandla maphakathi neKwaZulu-Natal, sokuzithela ngabandayo angangeneleli ngesikhathi kuqongelelwa imali yokwakha ibhuluho emfuleni oyingozi okuthiwa yiNgomankulu.
Lo mfula kuthiwa usudlule nemiphefumulo eminingi kubalwa nomndeni wakwaMkhize kuyona le ndawo eminyakeni emibili edlule. Lokhu kuvezwe yimeya yaseNkandla, uMnu Thamsanqa Ntuli, ngoLwesihlanu ngesikhathi kuvulwa leli bhuluho elinomlando wokuchitheka kwemiphefumulo yabantu abaningi.
Uthi ngesikhathi beqongelela imali yokwakha leli bhuloho bebenomcabango wokuthi uMnu Zuma uzobalekelela ngemali yokwakha leli bhuloho njengoba naye eyisakhamuzi esiseduze kakhulu. Kuvele nokuthi ezikoleni eziseduzane nale ndawo bebeshiya othisha ngenxa yokuthi kumele bakhumule izimpahla phambi kwabafundi uma bewela lo mfula.
UMnu Ntuli uthi kuzona zonke izinto eziyingqalasizinda emphakathini kodwa akukho okumphazamise kakhulu emoyeni okwedlula ukubona kumuka abantu. Utshele ILANGA ukuthi uzame kaningi ukubhalela uMnyango wezokuThutha ecela usizo engalutholi waze wahlala phansi nomkhandlu wakhe umasipala wathatha isinqumo sokuzakhela wona leli bhuloho.
“Ngibuka impilo eyalahleka abantu bemuka nomfula lapha. Ngibuka abazali abalahlekelwa yizingane zabo zimuka nomfula kule ndawo.
"Izigameko ezahlukene ezazenzeka kulo mfula, zasithinta kakhulu njengomkhandlu waseNkandla. Umkhandlu waseNkandla unesabelo-mali esincane kakhulu ukubhekana nezingqinamba ezibhekene nabantu bakithi, kodwa udaba lwalapha eNgomankulu lwaphoqa ukuba simise ezinye izinto sizabalazele ukubeka eceleni imali yokwakha leli bhuloho.
"Imali esayifaka ekwakhiweni kwaleli bhuloho iyizigidi eziyishumi nambili nezinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili zamarandi (R12,8 million) salungisa umgwaqo ngezigidi ezintathu (R3 000 000. 00), nokwenza isamba esingu-R15,8million sekukonke. Kawukho omunye umphakathi lapha eNkandla esesike sasebenzisa imali engaka kuwona.
"Sikwenza lokhu ngoba bekulahleka imiphefumulo eminingi yabantu bemuka nomfula. Sikwenze lokhu ngoba sinesibopho phambi kukaNkulunkulu sokusindisa impilo yabantu ebekwe ezandleni zethu. Ngiyaziqhenya ngokubona leli bhuloho seliphelile abantu sebekwazi ukuwela noma ngabe lina kangakanani izulu.
"Ezintweni engizenzile njengomeya waseNkandla lena ngenye yezinto eziyohlale njalo zinginika ukuthula emphefumulweni wami. Ngaleli bhuloho ngizothi namhlanje, akusekho mpilo ezolahleka kubantu base- Ngomankulu ngenxa yokugcwala komfula.
"Imigwaqo lapha eNkandla ifana nemizila yezinkomo. Sesikhulume kakhulu nomnyango wezokuthutha esifundazweni sikhala.
"Ngikhala kakhulu ngehhovisi lezokuthutha lalapha esifundeni saseKing Cetshwayo elizinze lapha nje eShowe, ngendlela elisingethe ngayo indaba yokulungiswa kwemigwaqo ikakhulukazi lapha eNkandla.
"Njengesakhamuzi sokuqala salapha eNkandla, ngiyaba- shwelezela abantu baseNkandla ukuba bangajeziselwa indlela abavota ngayo,"kusho uMnu Ntuli.
INkosi yesizwe uMnu Maqhude Dlomo ubongele umphakathi ukuthi usuzohlala ngokukhululeka. Imizamo yokuthola uMnu Bongani Ngqulunga okhulumela uMengameli, kayiphumelelanga.
Ushiyeliwe umyalezo, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engazange awuphendule noma abuyele kuleli phephandaba mayelana nodaba lwaleli bhuloho okuthiwa bese libaqedile abantu.