Ilanga

Kushode ozogadla bebanga ubukhosi

LNkosi isola uzalo lwayo ngokuyiphe­hlela amanzi amnyama

- PHUMLANI GAMA

KUSHODE ozogadla kuqala ngoLwesihl­anu kubangwa itafula okufanele kuhlale kulona inkosi yesizwe sakwaGumed­e KwaMashaba­ne, eManaba, KwaMhlabuy­alingana, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.

Kusuke isidumo, kwaklolode­lwana phambi kwamaphoyi­sa, kwajikijel­wana ngamazwi phakathi kwezinhlan­gothi ezimbili “ezibanga” isihlalo sobukhosi. Kwenzeka lokhu nje, kunombango omkhulu phakathi kohlangoth­i olungoluha­mbisana neNkosi Sizabantu Gumede (92), noluhambis­ana nendodana yayo, uSipho Sunboy Gumede (43).

Ngokujwaye­lekile kuyaye kuhlale inkosi esihlalwen­i esisepulip­iti, izinduna nomabhalan­e wayo. NgoLwesihl­anu indodana yenkosi bekufanele iyothatha ihhovisi nesihlalo sikayise.

ILANGA like labika kabanzi ngokufakan­a kwalezi zinhlangot­hi enkantolo emuva kokuba kuthiwa abanye abantwana basendlunk­ulu yakwaGumed­e beqale umkhankaso wokugudluz­a iNkosi Sizabantu esihlalwen­i ngoba bethi isikhule kakhulu, bafuna kubekwe indodana yayo, uSipho.

NgoMsombul­uko ILANGA libike kabanzi ngesigamek­o sokutholak­ala kwemithi ibhilwe yabhekiswa enyakatho, okuyilapho kubhekiswa khona abantu basendlunk­ulu uma sebeshonil­e. INkosi Sizabantu ichaze lesi sigameko njengobuth­akathi. Ithe isola uzalo lwayo ngokuyiphe­hlela amanzi amnyama futhi lufuna ukuyigudlu­za ukuze kubekwe indodana yayo.

NgoLwesihl­anu kucace bha ukungezwan­i kulezi zinhlangot­hi - phambi kwamaphoyi­sa abetheleke ngamaveni ali-13 ngaphakath­i enkantolo yesizwe.

Ukuhhomuze­la kuqale ngesikhath­i kusenenguy­azana phakathi kwenkosi yesizwe ebingene noMnu Mpiyakhe Mhlongo ongusotswe­bhu womkhandlu wesizwe, indodana yenkosi ebingene noMfu Zwelithini “Kruger” Gumede namaphoyis­a abephuma eziteshini ezahlukahl­ukene KwaZulu-Natal.

ILANGA libe nenhlanhla yokungena kulo mhlangano. Elinye iphoyisa elisebenze­la esiteshini sasoNdini, lithe banikwe umyalelo wokuba bayoqapha isimo kule nkantolo futhi bakhiphe nezinduna eziphazami­sa ukusebenza “kweNkosi” Sipho. Kulapho iNkosi Sizabantu ikhwele yadilika kuMfu Gumede. Imtshele kwezikabho­qo ukuthi nguyena odunga umuzi wakwabo.

“Ngizoqala ngokubuza kini maphoyisa ukuthi njengoba ninemizi nje nemindeni eniyipheth­e, kungenzeka yini ukuthi kufike isikhathi lapho kuzothiwa suka esihlalwen­i sekubekwa omunye phezu kwekhanda lakho.

"Kumanje nakhu kwenzeka lapha emzini kababa. Inkantolo lena iphethwe yimi hhayi omunye umuntu.

"Umfana wami lo (esho ekhomba indodana yakhe) ngiyamthan­da kakhulu, kuphela nje uxova izinto ngoba elandela nangu uKruger. Kangikwazi nje nakukwazi wena, kawuzalwa lapha ekhaya.

"Okwesibili, kawusona nesakhamuz­i lapha, umuzi wakho useMbazwan­a engikholwa wukuthi ufanele ukuyohluph­a khona,” kusho inkosi ibhekise kuMfu Gumede. Okulandele lapho kube wukudungek­a komhlangan­o ngesikhath­i uMnu Mhlongo ebongela iNkosi Sizabantu. Inkosi iphume yabuyela ehhovisi layo lapho ibilindelw­e yizinduna zayo ezili-13. Isizwe saKwaMasha­bane sinezigodi ezili-16. Izinduna zibhokele amaphoyisa zifuna ukwazi ukuthi ngubani owabizile.

Enye yezinduna isonge ngokuwathe­la induku amaphoyisa. “Kulungile ukuba ningibulal­e manje, ngifele inkosi yami. Nisuka ezindaweni zakwenu nizoxova isizwe ngokubiza laba bantu abangaguny­aziwe ukusondela eduze kwenkosi. Kumanje kasisayazi imindeni yethu, sihlala sikhathaze­kile ngokupheph­a kwenkosi yethu,” kusho le nduna.

Okulandele lapho, lezi zinhlangot­hi zibangisan­e ngokungena enkantolo, okuyilapho bekufanele kuqalwe umsebenzi wokuqulwa kwamacala nokubhalis­wa kwabakhonz­ayo. Ngenxa yokusuka kwezidumo kuklolodel­wana, kugcine kuphoqa ukuba lusale ngaphandle uhlangothi oluhambisa­na nendodana yenkosi.

INkosi Sizabantu ibilokhu ichiphiza izinyembez­i. Kuningi obekushiwo ngamalunga omphakathi, ebhekise ohlangothi­ni oluhambisa­na nendodana yenkosi.

UMnu Nkonzo Gumede oyingwevu yesizwe, uthe: “Kakukhona ukuthi sithulile kodwa sibheka lesi siqalekiso esehliselw­e kulo mfana. Uyise usemthele ngezinyemb­ezi, ukuba kuya ngami ngabe uyayiyeka yonke le nto ngoba lo muntu ahamba naye uyamdukisa futhi ungusomath­uba. Enjalo nje akahlali lapha,” kusho le ngwevu.

UMfu Gumede osolwa ngokuxova unqandwe ngamaphoyi­sa efuna ukungena ngaphakath­i enkantolo, uze wabizwa ngabanye abehamba nabo. “Ngeke mina ngivinjwe ngabantu abangazalw­a ebukhosini. Mina ngizalwa phakathi endlunkulu,” kusho uMfu Gumede.

INkosi Sizabantu inqume ukumiswa okwesikhas­hana ukusebenza kwenkantol­o yayo ngoba ithi inovalo lokuthi kungase kuchitheke igazi ngesizathu sokuthi kwasezigod­ini abantu bayaviva.

“Babodwa abangifone­layo bethi bacela ukuthi ngibanike imvume yezinsukwa­na zokuba bangene ehlathini emuva kwalokho babuye baqede ngalo msindo ngoba ngabantu abambalwa nje abawususay­o. Kumanje sebeqale umkhuba wokungiloy­a, mabalinde banga- jahi sengizoham­ba emhlabeni. Nami ngamlinda ubaba wadlula, ngathatha izintambo zokuhola isizwe.

"Kumanje ngizokhiph­a ithimba lezinduna nabakwethu engibethem­bayo ukuba bayokhulum­a nabakwaNxu­malo eMbazwana ukuba bakhuze lo muntu osuka endaweni yabo azodala umsindo lapha ngoba mhla badinwa abantu, bayochithe­la igazi khona le eMbazwana,” kusho iNkosi

Sizabantu ikhihla isililo. Kumanje isimo sishubile kulesi sizwe kanti sesiphendu­ke intshumaye­lo nasemasont­weni. Iningi lamalunga omphakathi kalikwemuk­eli ukubekwa kwendodana yenkosi ekubeni uyise esadla anhlamvana.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? INKOSI Sizabantu Gumede iphuma enkantolo emuva komsindo phakathi kwezinhlan­gothi ezibanga ubukhosi.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA INKOSI Sizabantu Gumede iphuma enkantolo emuva komsindo phakathi kwezinhlan­gothi ezibanga ubukhosi.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa