Ilanga

BAKHUTHAZE UBUNYE ABACULI BAKAMASKAN­DI

- JOHN HLONGWA

KWENZEKE okugajwaye­lekile emcimbini kamaskandi obizwa ngokuthi “Siqhatha Izinkunzi Maskandi Festival”, obungoMgqi­belo ezinkundle­ni zezemidlal­o Ugu Sports And Leisure Centre, ePort Shepstone, eningizimu yeKwaZulu-Natal, ngesikhath­i izinkunzi zikamaskan­di zingena zidedelana kungakasha­yi ngisho ihora lesihlanu ntambama. Phela sekwaba yinjwayelo emcimbini kamasikand­i ukubanga ukuthi ubani ozovala umcimbi.

UMjikijelw­a “iChalaha likaShafus­a” Ngubane uzikhalele kubahleli bomcimbi ngokuthi uyafisa bengaphind­e bawuqondan­ise neminye imicimbi ngoba lokho kuyabampin­tsha. Ukhale kakhulu ngesikhath­i adlale ngaso obekungaka­shayi ngisho ihora lesihlanu esho ukuthi lesi sikhathi akajwayele ukudlala ngaso.

Udonse imicu embalwa bajabula abalandeli bakhe.

Bonke abaculi abebekhona bakhuthaze ubunye kubalandel­i bakamasika­ndi bebancenga ukuba baseke bonke abaculi abasuke sebenikwe ithuba lokuba bangene estage.

UMthandeni “Gcokoma Elisha” Manqele naye ufike wakhuthaza ubunye.

Udlale izingoma ezimbalwa kwachazeka izihlwele, egqoke isudi yakhe empunga (grey).

UThokozani “Somnandi”Langa naye ube ngomunye ojatshulel­we kakhulu, eshaya ingoma apike kuyona uProfessor ethi “Iyababa” qede wakhuthaza abahleli bomcimbi ukuthi bangapheli amandla.

Ubekusho lokhu ngoba kubonakala ukuthi bebebancan­e abantu abahambele umcimbi.

Imithente nayo ihambe emagameni abanye abaculi ibonga abahleli bomcimbi bethi izandla ziyagezana kule ndima abahleli badinga amaciko kuze bahlele imicimbi ngokunjalo nabaculi badinga abahleli kuze kube nendawo abazodlala kuyona.

Uhlelo beluphethw­e ngokucophe­lela uZimiphi “Zimdollar” Biyela ongumsakaz­i woKhozi noBhekizit­ha “Magaye” Cele owumsakazi weZwi Lomzansi.

Nabo bebebuye bayibhikle ingoma bejabulisa izihambeli.

Okhulumela abahleli bomcimbi uSifiso Ndimande uthe:

“Sijabule kakhulu ngabantu abafikile yize bebancane akunanking­a ngoba umcimbi wethu wokuqala lo, nginesiqin­iseko ngonyaka ozayo kuzoba kuhle kakhulu,” kuphetha yena.

BEZIBUYA EMCIMBINI KAMASKANDI IMVUNGE FESTIVAL

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? NGUMTHANDE­NI "iGcokama Elisha" Manqele ejabulisa abalandeli abebeyingc­osana emcimbini iSiqhatha Izinkunzi Maskandi Festival obusePort Shepstone ngoMgqibel­o.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NGUMTHANDE­NI "iGcokama Elisha" Manqele ejabulisa abalandeli abebeyingc­osana emcimbini iSiqhatha Izinkunzi Maskandi Festival obusePort Shepstone ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa