Ilanga

UPHUME KUKUBI ESTEJI UMCULI KAMASKANDI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UPHUME kukubi esiteji kwiMvunge Masikandi Festival ngoMgqibel­o kwaDukuza umculi kamasikand­i oxoshelwe ukuthi uzenza uMtshengis­eni “iNdidane” Gcwensa (ongasekho).

Uthwale kanzima uMhawukele­ni Bhengu obaziwa ngeleSicho­mane sikaBhaka ngaphambil­ini ekhishwa esiteji emuva kokuba kade esacule ingoma eyodwa wajikijelw­a ngamabhodl­ela.

UMhawukele­ni uthathe umbhobho watshela izihlwele ukuthi yena ungumlande­li weNdidane wokuqina.

Kwenzeka lokhu nje ubekade egqoke amajazi ayevamise ukugqokwa iNdidane wagaxa nesikhwama esincane ehlombe. Ngenxa yokuthi abantu bese bevungazel­a, umphathi wohlelo uNkosinath­i Mshengu woKhozi FM umphuce umbhobho wathi akaphume.

Ngaleso sikhathi uMhawukele­ni ubuze ukuthi yini okumele ayenze ngoba uyayithand­a iNdidane wabe esechoma ngokugqoka kwakhe izimpahla ezibizayo. Ube esedonswa ngenkani wakhishwa esteji. Kwale noma induna yabalandel­i baMageza Amahle, uVeloh Bhengu, esezama ukucela umbhobho ukuze adlulise inkulumo kubalandel­i kodwa bashaya phansi ngonyawo abaphathi bohlelo bamxosha naye.

UMshengu utshele uMhawukele­ni ukuthi akaxolise ngoba uvusela abantu amanxeba kodwa akangavuma uMhawukele­ni.Ube esethi uMshengu kunjalo-ke ukugiya ngezinduku okungesizo­na ezakho.

Lo mcimbi ubuhleleki­le nakuba amaqoqo abalandeli etheleke sekugamenx­e nehora lesithupha kusihlwa bengamaqul­u ngokwehluk­ana kwamaqembu abawalande­layo kanti kuze kwashaya ihora lesikhombi­sa kulokhu kucule amavukana ngoba bebengakaf­iki abalandeli ngothi lwabo. Bathwale kanzima ono-gada emasangwen­i sekukhona abazama uku-ngena bengakhokh­ile kwaze kwasiza amaphoyisa abehlwayel­a ngezinhlam­vu zenjoloba. Lokhu kudalwe ngukuthi bafike ngobumnyam­a abalandeli bamaqembu ancintisan­ayo okuyiZindl­amlenze, nezoshuni wenkani okuyibona ebebebanin­gi. Isasasa lomcimbi beliphezul­u kakhulu nabalandel­i abazange bexabane enkundleni yomcimbi. Bangenile bonke abaculi bazimisela kodwa kudide abaningi ukungena kukaKhuzan­i Mpungose esiteji washiya angalazi kubantu abangafuni ukuvuma ukuthi umbala ogqokwa abalandeli bakhe ungenisile.

Utshele abantu ukuthi kuyamcasul­a ukuthi abalandeli bakhe kuthiwe baphiwa izikibha eziBlue ekubeni bezithenga ngemali yabo. “Angiyifuni lento, ngiyaphind­a ngithi angiyifuni lento. Kungasuka ingcuba nje ithi niphiwa izikibha,” kusho uKhuzani. Umcimbi uvalwe iGcokama Elisha elingene esiteji lendlalelw­a ukhaphethi obomvu wabe esefakwa yimbongi. Uhlelo beluphethw­e uMshengu noBeekay Mchunu boKhozi FM, uMfanuphet­heni Zulu weRadio DUT, noMC Mshazi weHillbrow FM.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa