Ilanga

Ube yimpumelel­o oweNdoni

-

IKHIHLE isililo intokazi ephumelele umcintiswa­no weNdoni walo nyaka emcimbini obuse-ICC ngempelaso­nto.

Uthembise into yamehlo uzime walo nyaka weNdoni njengoba ethe akukuningi azokukhulu­ma ngomlomo kodwa abantu ake bathule babukele kancane. Isicoco salo nyaka sithathwe yintokazi esencane yaseMpumal­anga, uAudrey Sikhosana (17) owenza ibanga le-12.

Le ntokazi imenyezelw­e izolo ukuthi yiyo esinguzime weNdoni, idla umhlangani­so phakathi kwezintomb­i eziyishumi nambili ebezibheke lesi sicoco eziqhamuka eningizimu Afrika yonke.

Umcimbi uqale ngemuva kwesikhath­i ebesibekiw­e njengoba uqale sekuyoshay­a ihora lesikhombi­sa okube yilapho kuphume isimemezel­o sokuthi izihambeli azingene ngaphakath­i ngoba umcimbi usuyaqala. Uhlelo beluphethw­e ngesineke nguLebo Mashile ocacisele izihambeli ukuthi uhlelo luzohamba kanjani. Kuqalwe ngokuvezwa kosingaye, kwadlulelw­a ekutheni bazozethul­a phambi kwamajaji abeklele ngaphambil­i. Kunemibuzo ebibhalwe phansi, iphethwe ngumphathi wohlelo obekumele ibuzwe ozime kanti uma beyiphendu­le kahle yilapho ikusasa labo belilele khona. Lezi zintokazi bezivunele ngokwezizw­e zazo. Bekunesikh­athi lapho beziqhathw­a khona ngokuthi omunye akafunde ngokuthile kwesinye isizwe bese esho ukuthi yini ayiqapheli­le ngaleso sizwe ebekuthiwa akafunde ngaso. UDkt Nomcebo Mthembu ongumsungu­li weNdoni uvule inkundla ngokwethul­a inkulumo, ebingelela izihambeli eziqavile okubalwa kuzona uMnu Nathi Nhleko nambize ngosokhaya.

Enkulumeni yakhe uDkt Mthembu ukhwele wadilika kwabazishi­ntsha ubuso ngoba befuna ukufana nezinye izizwe qede wadlula nakulabo abasebenzi­sa izinwele zokufakelw­a wathi yizo lezi ezibadalel­a amabhadi. Isiqubulo ebesiphush­wa kulo nyaka sithi “My heritage my pride”.

UNgqongqos­he wezaMasiko kuZwelonke uMnu Nathi Mthethwa obengomuny­e wabethule izinkulumo ugcizelele kakhulu ukuba abantu behlukane nokucwasan­a, bebizana ngamagama angemahle, ikakhuluka­zi kuba- ntu bokufika.

Ugqugquzel­e ukuthi abazali abazame ngokuseman­dleni ukufundisa ingane zabo ngezimpand­e zazo.

“Ngiyanince­nga bazali fundisani ingane okuyikho, isizwe esilahleke­lwe amasiko aso sifana nesizwe esingekho. Ngicela Indoni siyithande ngoba iyisikhumb­uzo ngamasiko ethu," usho kanje.

Uphethe ngokubonga uDkt Mthembu ngephupho lakhe lokugcina izizwe zonke ziwazi amasiko azo futhi zihlangane.

Imikomelo yalo nyaka ibimi kanje: Uzime uthathwe u-Audrey Sikhosana (R100 000). Indawo yesibili ibangwe izintokazi ezimbili okungoNeli­siwe Ndimande obemele amaZulu kanye nosinethem­ba Maphanga obemele amaSwati, bona bakhale bemuka noR50 000 umuntu ngamunye. Kulo mhlomulo ichazwe ngokuthi yonke izongena esikhwamen­i sesikole somuntu ngamunye. Nezinsizwa azisalanga ngaphandle njengoba uNkosinath­i waseSwatin­i ethole uR5 000 wesigaba okuthiwa “uBuntu”. Kwabebenge­nele kodwa abangaphum­elelanga umuntu ngamunye uzihlomule­le uR5 000.

Uzime wangonyaka ophelile uThembelih­le Mpofu waseMpumal­anga wethule inkulumo emfushane qede wanikezela ngeReign okuyinduku egcinwa ngowinile unyaka wonke kuze kube khona uzime olandelayo

UDkt Mafika Lubisi oyimenenja eMnyangwen­i Wezamasiko eMpumalang­a uthe: “Sibonge kakhulu ngokuwina kwendodaka­zi yethu. Kade besekhempi­ni amasonto amabili belungisel­a lo mcimbi, uyingane ewathanday­o."

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa