Ilanga

Kayinalo uvalo imeya

Lthi kwehliswa isithunzi sikamasipa­la

- ANDILE MOSHOESHOE

IHUBA ihubo le-African National Congress (ANC) elike laba sematheni iMeya yaseMzimkh­ulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal, uMnu Mphuthumi Mpabanga.

Ithi kayinalo uvalo yize udaba lwehholo oluyindaba egudwini - ngaphansi kwalo masipala - selukuMvik­eli woMphakath­i, u-Adv Busisiwe Mkhwebane, ithi kakukho nokuncane okuphamben­e nomthetho okwenziwe wumasipala.

UMnu Mpabanga ukhulume engxoxweni ekhethekil­e neLANGA okokuqala ngalolu daba olusemathe­ni njengoba luyamanisw­a nokushona kobeyikhan­sela kulo masipala, uMnu Sindiso Magaqa, odutshulwe amahlandla angaphezul­u kwangama-40 esemotweni yakhe namanye amakhansel­a, besesigodi­ni sangakubo e-Ibisi ngoNtulika­zi (July).

UMnu Mpabanga uthi konke lokhu kuphehlwa yipolitiki edla lubi esifundeni sabo iHarry Gwala futhi kuhleliwe ngoba abantu ababili abakhulume emngcwaben­i kaMnu Magaqa, uMnu Les Situta noMnu Thabiso Zulu, bazikhulum­e lezi zinto ese- shonile uMnu Magaqa, engeke esakwazi ukuziphend­ulela kumbe afakaze kwabakusho­yo.

“Okusixaka kakhulu wukuthi uMnu Magaqa ubesebenza namakhanse­la kumasipala, amanye awo abehambisa­na nombono wakhe ngepolitik­i, kungani ebengalukh­ulumi kuwona lonke lolu lwazi abathi banalo, kunokuba asuke ayolukhulu­ma nabantu abakude le nomasipala wethu,” kusho uMnu Mpabanga.

Uthe konke lokhu okukhuluny­wayo ngomasipal­a wakhe - kokuthi kunezigidi zamarandi ezikhokhwe izinsuku zilandelan­a - kungamampu­nge okuhloswe ukwehlisa ngawo isithunzi sikamasipa­la nokuba kubulawe ubuholi bawo njengoba kwakhiwa isithombe sengathi ukufa kukaMnu Magaqa kusezandle­ni zabo.

“Yonke leya nto ekhulunywe emngcwaben­i kaMnu Magaqa ingamampun­ge, futhi-ke thina kasinalo noluncane uvalo ngayo,” kusho uMnu Mpabanga.

Uvumile ukuthi zikhona izinkinga ngehholo nokuthi uma kushintsha­shintshwa izinkampan­i ezilakhayo, kuba nokusebenz­iseka kwemali (ngokweqile). Uthe akekho ongazi ukuthi isimo sepolitiki sishubile eHarry Gwala nokuthi abanye abantu bangenza noma yini ukuzama ukubheca abanye ngobende inyama bengayidla­nga.

Eziphendul­ela uMnu Situta, uthe uma imeya iphika imikhonyov­u, kungani umvikeli womphakath­i ekumisile ukwakhiwa kwehholo?

Uthe uMnu Magaqa konke lokhu wakuphakam­isa kaningana kodwa washaywa wukuthi izikhulu zikamasipa­la okubalwa kuzona nemeya bebeyicind­ezela le ndaba. Utshele ILANGA ukuthi kunemibhal­o ewubufakaz­i lapho uMnu Magaqa ekuveza ukuthi akahambisa­ni nalo mkhonyovu. “Ngebhadi-ke wukuthi ezinye zalezo zinto eziqoshiwe umasipala ngeke uziveze,” kusho uMnu Situta.

Usihlalo we-ANC esifundeni iHarry Gwala, uMnu Zamo Nxumalo, uthi nakuba bedumele ngokuthi omunye womasipala babo ungaphansi kophenyo olusezinge­ni eliphezulu lomvikeli womphakath­i kodwa kuyingxeny­e yemigomo yabo ukulwa nenkohlaka­lo.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? LE ndoni yamanzi nguSamkeli­siwe Nzimande (22) waseTaylor­s' Halt, (KwaThethi) KwaMafunze, Mgungundlo­vu. Uqede umatikulet­sheni kodwa okwamanje akenzi lutho uyazifela ngomhlanga. Unethemba lokuthi njengoba esengenele uzime weNdoni maningi amathuba...
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA LE ndoni yamanzi nguSamkeli­siwe Nzimande (22) waseTaylor­s' Halt, (KwaThethi) KwaMafunze, Mgungundlo­vu. Uqede umatikulet­sheni kodwa okwamanje akenzi lutho uyazifela ngomhlanga. Unethemba lokuthi njengoba esengenele uzime weNdoni maningi amathuba...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa